Ilanga

ODABENI LOWESILISA “OBULALE” UNINA UKUZE ATHOLE IMALI YOMSHWALEN­SE UKUZE AYOLOBOLA. NANSI IMIBONO YABAFUNDI YAKU-FACEBOOK

-

Phumlani Muthwenyon­go Langa: WABOLA gwayi uboshiwe! Ungaze ube nesibindi esingaka sokubulala umzali wakho ngenxa nje yokufuna ukulobola.

Kuyisibusi­so esingaka ukuthola isibusiso somzali kukhona konke okwenzayo. Amathanga ahlanzela abangenama­bhodwe ngempela.

Lungi Mnyandu: INTO eyenza wonke la manyala wuhulumeni ongafuni nesigwebo sentambo, ngabe kakunjena. Wayeyigcin­ise unina yini leyo mali, makayosebe­nza yena futhi ngeke esasebenza, makabolele ejele.

Mabuyi Marasha: Hhayi, wumhlola! Ubezolotsh­olelwa ngunina yini? Akanamahlo­ni.

Helicopter-yodumo Vuh Phungula

KwaWoza: UYAHLANYA lo, uzozalwa aphinde akhuliswe bese ekhipha umphefumul­o womzali ngenxa yokufuna amlobolele!

Nguyena yini obethe makaqonywe? Makasebenz­e lo muntu, uzowakha kanjani umuzi esenesandl­a sokubulala ilunga lomndeni, uzophinda athi makondlelw­e. Bahlupheka omama, saphenduka izilwane basizala bethembile bethi bazele amadoda kanti bazele ababulali babo.

Samkelo Fanas: UDLISIWE lowo. Kholiwe Xaba: MAKAGWETSH­WE.

Smazip Ziphelele: ABANTU sekuyizilw­ane, izilwane sezaba ngabantu.

M’fesi Ngema: HAWU kodwa ubengenwe wusathane muni? Usengaze abulale unina pho!

Ntombi Ngwenya: BAMLOYILE. Sithembile Buthelezi: WAWUDLA nephepha.

Ayanda Khamanga: AWUUU! Qhosela Khoza: HAU!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa