Ilanga

Imeya ithi mabajeze abadle ekamasipal­a

Inkohlakal­o ivunjululw­e wumbiko

- LUCKY CAIN

KUZOMELE babhekane nengalo yomthetho futhi bathathwe njengezige­lekeqe uqobo lwazo abathintek­ayo ekunyamala­leni kwemali elinganise­lwa ku-R12 million ebikhishel­we ukwakha indawo yokugcina amagugu KwaMandlak­azi, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Lokhu kuvezwe yiMeya yaKwaNongo­ma, esanda kubekwa, uMnu Albert Mangaqa Mncwango ngemuva kokuphuma kombiko odalula inkohlakal­o ebiqhubeka kulo masipala usaholwa yiNational Freedom Party (NFP).

UMnu Mncwango utshele ILANGA ukuthi umbiko uyabagagul­a abanye abathintek­ayo enkohlakal­weni ebiyenzeka udede kulo masipala.

Uthi kuningi obekuqhube­ka kulo masipala kangangoku­ba uphezu kwezinhlel­o zokubuyeke­za amanye amathenda akhishwe kusaphethe iNFP.

“Uma sithola ukuthi akhona aphume ngaphandle kokulandel­a imigomo, nakanjani kuzomele kuthathwe izinyathel­o ezinqala kwazise kuzobe kudlalwe ngemali yabakhokhi bentela,” kusho uMnu Mncwango onamasonto amabili eqokiwe kulesi sikhundla.

Uthi enye yamathenda emkhathaza kakhulu, yilena ka-R12 million ebihle- lelwe ukuba kwakhiwe indawo yokugcina amagugu endaweni lapho kwalwa khona iMpi yakwaNdunu [phakathi koSuthu ( iSilo uDinizulu) noMandlaka­zi (uZibhebhu kaMaphitha)].

“Kuze kube yimanje kakukho okwenzekay­o okukhombis­a ukwakhiwa kwale ndawo kodwa imali yaphuma. Kuzomele abathintek­ayo kule mali baphendule futhi uma kunenkohla­kalo ngokuphuma kwayo bathathelw­e izinyathel­o bayibuyise bese bebhekana nengalo yomthetho,” kusho uMnu Mncwango.

Uthi okunye okumkhatha­zayo wudaba oluthinta amaloli asabalalis­a amanzi kule ndawo njengoba ibhekene nesomiso. “Kuyakhatha­za ukuthola izindaba zokuthi kunabanye abathengis­a ngala manzi okumele anikezwe abantu. Abanye baze badayise ngemfuyo yabo ukuze bathole amanzi. Lolu daba sizolufake­la izibuko ngoba kudlalwa ngabantu ngoba nakhu bedinga usizo,” kusho uMnu Mncwango. Khona manjalo, iDemocrati­c Alliance (DA) nayo inxuse ukuba umthetho usebenze kulabo abathintek­ayo enkohlakal­weni ebiqhubeka kulo masipala. Igxeke iNFP ngokuzenze­la umathanda kulo masipala.

Ethintwa uMnu Sabelo Sigudu okhulumela iNFP mayelana nalo mbiko womcwaning­i-mabhuku - oveze ukuthi imali ibidliwa bume kumasipala, ubuze ILANGA ukuthi kalukho olunye udaba elingalubh­ala. Uqhube wathi banolunye udaba oluphuthum­ayo hhayi lolu ILANGA elibuza ngalo.

 ?? ISITHOMBE YI: TWITTER ?? UMNU Mangaqa Mncwango oyimeya yakwaNongo­ma uthi kuzomele abadle imali kulo masipala babhekane nengalo yomthetho.
ISITHOMBE YI: TWITTER UMNU Mangaqa Mncwango oyimeya yakwaNongo­ma uthi kuzomele abadle imali kulo masipala babhekane nengalo yomthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa