Imeya ithi mabajeze abadle ekamasipala
Inkohlakalo ivunjululwe wumbiko
KUZOMELE babhekane nengalo yomthetho futhi bathathwe njengezigelekeqe uqobo lwazo abathintekayo ekunyamalaleni kwemali elinganiselwa ku-R12 million ebikhishelwe ukwakha indawo yokugcina amagugu KwaMandlakazi, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe yiMeya yaKwaNongoma, esanda kubekwa, uMnu Albert Mangaqa Mncwango ngemuva kokuphuma kombiko odalula inkohlakalo ebiqhubeka kulo masipala usaholwa yiNational Freedom Party (NFP).
UMnu Mncwango utshele ILANGA ukuthi umbiko uyabagagula abanye abathintekayo enkohlakalweni ebiyenzeka udede kulo masipala.
Uthi kuningi obekuqhubeka kulo masipala kangangokuba uphezu kwezinhlelo zokubuyekeza amanye amathenda akhishwe kusaphethe iNFP.
“Uma sithola ukuthi akhona aphume ngaphandle kokulandela imigomo, nakanjani kuzomele kuthathwe izinyathelo ezinqala kwazise kuzobe kudlalwe ngemali yabakhokhi bentela,” kusho uMnu Mncwango onamasonto amabili eqokiwe kulesi sikhundla.
Uthi enye yamathenda emkhathaza kakhulu, yilena ka-R12 million ebihle- lelwe ukuba kwakhiwe indawo yokugcina amagugu endaweni lapho kwalwa khona iMpi yakwaNdunu [phakathi koSuthu ( iSilo uDinizulu) noMandlakazi (uZibhebhu kaMaphitha)].
“Kuze kube yimanje kakukho okwenzekayo okukhombisa ukwakhiwa kwale ndawo kodwa imali yaphuma. Kuzomele abathintekayo kule mali baphendule futhi uma kunenkohlakalo ngokuphuma kwayo bathathelwe izinyathelo bayibuyise bese bebhekana nengalo yomthetho,” kusho uMnu Mncwango.
Uthi okunye okumkhathazayo wudaba oluthinta amaloli asabalalisa amanzi kule ndawo njengoba ibhekene nesomiso. “Kuyakhathaza ukuthola izindaba zokuthi kunabanye abathengisa ngala manzi okumele anikezwe abantu. Abanye baze badayise ngemfuyo yabo ukuze bathole amanzi. Lolu daba sizolufakela izibuko ngoba kudlalwa ngabantu ngoba nakhu bedinga usizo,” kusho uMnu Mncwango. Khona manjalo, iDemocratic Alliance (DA) nayo inxuse ukuba umthetho usebenze kulabo abathintekayo enkohlakalweni ebiqhubeka kulo masipala. Igxeke iNFP ngokuzenzela umathanda kulo masipala.
Ethintwa uMnu Sabelo Sigudu okhulumela iNFP mayelana nalo mbiko womcwaningi-mabhuku - oveze ukuthi imali ibidliwa bume kumasipala, ubuze ILANGA ukuthi kalukho olunye udaba elingalubhala. Uqhube wathi banolunye udaba oluphuthumayo hhayi lolu ILANGA elibuza ngalo.