Umfanyana udubule wabulala umngani
Umufi ubezama ukulamula
USAGCWELE amathafa umfana (12) odubule wabulala umngani (11) wakhe ngephutha ngeledlule ehostela eKK KwaDabeka eClermont, enyakatho-ntshonalanga yeTheku.
Kakwaziwa ukuthi ubesithathephi lesi sibhamu adubule ngaso u-Ayanda Makhanya obezama ukulamula ingxabano phakathi kukamsolwa nomunye umfana ngoLwesine.
Umsolwa - esiligodlile igama lakhe ngenxa yeminyaka yakhe na- nesigameko amataniswa naso - ubexabane nalo mfana ngayizolo ngoLwesithathu khona ehostela lapho behlala khona.
Kuthiwa ngoLwesithathu bahlukane besadinelwene. NgoLwesine kuthiwa umsolwa ubehleli nomufi ephethe isibhamu ngesikhathi kuqhamuka lo mfana abexabene naye, kwavuka ukudinwa wafuna ukuqeda ingxabano yabo ngesibhamu.
Kuthiwa umsolwa udonse isibhamu enqulwini ezama ukudubula lo abexabene naye kodwa wakhuzwa ngumufi.
Kuthiwa umufi ubambe isibhamu elamula, kanti uzodubuleka washonela endaweni.
Kubikwa ukuthi umsolwa unele wabona ukuthi umngani wakhe usedubulekile, washaya utshani nesibhamu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa avule icala lokubulala. Uthi umsolwa onemimyaka eli-12 usagcwele amathafa, umndeni wakhe uthi kawumazi selokhu ebaleke ngelanga lesigameko. Uthi amaphoyisa aphansi phezulu athungatha umkhondo.