Ilanga

Umfanyana udubule wabulala umngani

Umufi ubezama ukulamula

- NOMFUNDO NGWANE

USAGCWELE amathafa umfana (12) odubule wabulala umngani (11) wakhe ngephutha ngeledlule ehostela eKK KwaDabeka eClermont, enyakatho-ntshonalan­ga yeTheku.

Kakwaziwa ukuthi ubesithath­ephi lesi sibhamu adubule ngaso u-Ayanda Makhanya obezama ukulamula ingxabano phakathi kukamsolwa nomunye umfana ngoLwesine.

Umsolwa - esiligodli­le igama lakhe ngenxa yeminyaka yakhe na- nesigameko amataniswa naso - ubexabane nalo mfana ngayizolo ngoLwesith­athu khona ehostela lapho behlala khona.

Kuthiwa ngoLwesith­athu bahlukane besadinelw­ene. NgoLwesine kuthiwa umsolwa ubehleli nomufi ephethe isibhamu ngesikhath­i kuqhamuka lo mfana abexabene naye, kwavuka ukudinwa wafuna ukuqeda ingxabano yabo ngesibhamu.

Kuthiwa umsolwa udonse isibhamu enqulwini ezama ukudubula lo abexabene naye kodwa wakhuzwa ngumufi.

Kuthiwa umufi ubambe isibhamu elamula, kanti uzodubulek­a washonela endaweni.

Kubikwa ukuthi umsolwa unele wabona ukuthi umngani wakhe usedubulek­ile, washaya utshani nesibhamu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi amaphoyisa avule icala lokubulala. Uthi umsolwa onemimyaka eli-12 usagcwele amathafa, umndeni wakhe uthi kawumazi selokhu ebaleke ngelanga lesigameko. Uthi amaphoyisa aphansi phezulu athungatha umkhondo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa