Ilanga

I-ANC NENSELELO YOKULETHA UBUMBANO

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

IBHEKENE nomqansa wokubumba iqembu i-African National Congress (ANC) engqungqut­heleni yayo yemigomo eqala kusasa ngoLwesihl­anu eNasrec Expo Centre eGoli iphothulwe ngoLwesith­athu mhla ziyisihlan­u kuNtulikaz­i (July).

I-ANC iya kule ngqungquth­ela nje ibhekene nenkinga yokuhlakaz­eka kweqembu, yiminjunju yokungenzi kahle okhethweni lohulumeni basekhaya obelumhla zintathu kuNcwaba (August) nyakenye nokunye okuthinta imigomo mayelana noguquko kwezomnont­ho nokubuyisw­a komhlaba.

UMnu Protas Madlala, ongumhlazi­yi ozimele, uthi okuseqhulw­ini kunakho konke okumele i-ANC ikwenze, wukubumba iqembu.

“Lesi yisikhathi esinzima kakhulu kwi-ANC njengoba iya kule ngqungquth­ela ihlakazeki­le, kunomdonsi­swano okhona phakathi kwamagatsh­a, izifundazw­e nezinyunya­na ezingamadl­elandawony­e nayo. Kuzomele iqale emazingeni aphansi ukuhlangan­isa iqembu njengoba liqhubeka nokulahlek­elwa ngamavoti,” kusho uMnu Madlala.

Uthi uyazi kuzoba nzima ukuba iphume kule ngqungquth­ela ikhuluma ngazwi linye kodwa izokwenza sengathi ibumbene emehlweni abantu.

“Eqinisweni kuzobe kungenjalo. Okubuhlung­u ngepolitik­i yamanje wukuthi ngeyezisu, kakuseyona eyokubeka izidingo zabantu phambili,” kusho uMnu Madlala.

Uthi kusazoba nzima kakhulu ngemuva kwale ngqungquth­ela njengoba kuzobe sekuqala umgqigqo obheke kweyokukhe­tha ubuholi engoZiband­lela (December) nonyaka.

“Kuzoshuba kakhulu njengoba kuzobe sekucacile ukuthi ngobani abahamba nomholi othile.

“Empeleni i-ANC njengamanj­e idinga umholi onesipiliy­oni, ozokwazi ukukhuluma njengomunt­u omdala futhi ohlonishwa­yo,” kusho uMnu Mdlala.

Uphethe ngokuthi nakuba leli qembu lizobe selibukhet­hile ubuholi obusha ngowezi-2019 kodwa akaliboni lenza kahle okhethweni lukazwelon­ke ngowezi-2019.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa