BADINEKILE NGEMIGODI YEMAYINI
UBHODLA umlilo umphakathi waseNdilana eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngenxa yokumbiwa kwemigodi yemayini yamalahle -phakathi kwezindlu zawo ungaziswanga.
Le migodi kuthiwa imbiwe yiBayethe Mining kaMnu Dave Vosloo kanti idala inkinga njengoba izindlu kubikwa ukuthi zingadilika noma yinini, kunzima nokuba abafundi bafinyelele ezikoleni. UNkz Nelly Mdlalose, oyilunga lomphakathi, uthe:
”Sihlukumezeke kakhulu ngoba imigodi imbiwe phakathi kwezindlu zethu. Into esiphatha kabi siwumphakathi, wukuthi akekho umuntu ofike kithina wacela ukwenza into efana nale, sibone sekumbiwa imigodi.
”Okubuhlungu wukuthi akekho umuntu wasemphakathini oqashiwe ngesikhathi kumbiwa. Impilo yethu isengozini njengoba izindlu zidilika,” kusho uNkz Mdlalose.
UMnu Mdititi Ntombela, oyikhansela lendawo, uthe izimayini ezimbiwa kule ndawo kazikho emthethweni. Utshele ILANGA ukuthi njengoba kwenziwa lokhu umphakathi kawaziswanga.
“Sicela ukuba uhulumeni ungenelele kule nkinga ngoba baningi abantu abazodilikelwa yizindlu zabo. Ngizame ngamandla ami wonke ukuyinqanda le nto. Ngisola ukuthi kunesandla sesithathu la,” kusho uMnu Ntombela.
UMnu Vosloo, uthe bayithole kuyena uMnu Ntombela imvume yokumba.
“Ikhansela lendawo livumile ukuba kumbiwe imayini yamalahle endaweni. Le mayini iyisampula kakusiyo eyangunaphakade.
“Kungamanga aluhlaza ukuthi uMnu Ntombela akayivumelanga inkampani yami ukuba imbe. Akekho umuntu engingakhuluma naye ngaphandle kwakhe,” kusho uMnu Vosloo.