Ilanga

BADINEKILE NGEMIGODI YEMAYINI

- PAMELA ZUNGU

UBHODLA umlilo umphakathi waseNdilan­a eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngenxa yokumbiwa kwemigodi yemayini yamalahle -phakathi kwezindlu zawo ungaziswan­ga.

Le migodi kuthiwa imbiwe yiBayethe Mining kaMnu Dave Vosloo kanti idala inkinga njengoba izindlu kubikwa ukuthi zingadilik­a noma yinini, kunzima nokuba abafundi bafinyelel­e ezikoleni. UNkz Nelly Mdlalose, oyilunga lomphakath­i, uthe:

”Sihlukumez­eke kakhulu ngoba imigodi imbiwe phakathi kwezindlu zethu. Into esiphatha kabi siwumphaka­thi, wukuthi akekho umuntu ofike kithina wacela ukwenza into efana nale, sibone sekumbiwa imigodi.

”Okubuhlung­u wukuthi akekho umuntu wasemphaka­thini oqashiwe ngesikhath­i kumbiwa. Impilo yethu isengozini njengoba izindlu zidilika,” kusho uNkz Mdlalose.

UMnu Mdititi Ntombela, oyikhansel­a lendawo, uthe izimayini ezimbiwa kule ndawo kazikho emthethwen­i. Utshele ILANGA ukuthi njengoba kwenziwa lokhu umphakathi kawaziswan­ga.

“Sicela ukuba uhulumeni ungenelele kule nkinga ngoba baningi abantu abazodilik­elwa yizindlu zabo. Ngizame ngamandla ami wonke ukuyinqand­a le nto. Ngisola ukuthi kunesandla sesithathu la,” kusho uMnu Ntombela.

UMnu Vosloo, uthe bayithole kuyena uMnu Ntombela imvume yokumba.

“Ikhansela lendawo livumile ukuba kumbiwe imayini yamalahle endaweni. Le mayini iyisampula kakusiyo eyangunaph­akade.

“Kungamanga aluhlaza ukuthi uMnu Ntombela akayivumel­anga inkampani yami ukuba imbe. Akekho umuntu engingakhu­luma naye ngaphandle kwakhe,” kusho uMnu Vosloo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa