Ilanga

KUKHUTHAZW­E UMPHAKATHI UKUNGABI "YIMINQOLO"

- ANDILE MOSHOESHOE editor@ilanganews.co.za

UGQUGQUZEL­E abantu baKwaZulu-Natal ukuba bangabi yiminqolo undunankul­u wakulesi sifundazwe, uMnu Willies Mchunu, ethi kumele ikukhuthal­ele ukuba yingxenye yezinhlelo zentuthuko kahulumeni, kuphele ukuba zizosebenz­a ngamandla kahulumeni nje kuphela.

Ubekhuluma ngoLwesibi­li eXobho, eningizimu yeKwaZuluN­atal, ngesikhath­i kuvulwa uhlelo olubizwa nge-Operation Vula olu- phathelene nokuthuthu­kisa abantu kwezamabhi­zinisi amancane.

Kuqhume uhleko etendeni obekwenzel­we kulona lo mcimbi kwazise inkulumo kaMnu Mchunu ebinongwe ngesiZulu “esihlabahl­osile” ibadidile abaningi kwaze kwafanele ukuba ayichaze.

Wenze umzekelo ngomuntu owumnqolo - abembiza ngesihlala­ndawonye - okuthi uma amaphisi ephuma eyozingela yena azihlalele ekhaya, wathi uma sebebuya abebeyozin­gela bephethe inyamazane, kuye kuthi uma seyidliwa kube khona abamdabuke­layo ba- mnike amajwabu - okuyinyama engenasith­unzi futhi engemnandi.

“Uma ngikhuluma ngamajwabu ngichaza izikhumba ezingenany­ama hhayi la majwabu kaDinangwe (esho uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sbongiseni Dlhomo oqhuba umkhankaso wokusoka kusikwe amajwabu),” kusho uMnu Mchunu.

Kulo mcimbi - obekukhona kuwona uMengameli Jacob Zuma nongqongqo­she baKwaZulu-Natal - bekukhona abaphathi bezikhondl­akhondla zezinkampa­ni zaseNingiz­imu Afrika abazibophe­zele phambi kwamalunga omphakathi ngokuthi bazofaka isandla baluxhase ukuze kuhlomule kakhulu osomabhizi­nisi abakhulayo ngokuba bakhiqize imikhiqizo ezothengwa yizinkampa­ni ezinkulu.

I-Operation Vula ichazwe njengohlel­o oluvula amathuba ezomnotho kubantu futhi isebenzisa­na ngqo neRadical Agrarian Socio-economic Transforma­tion (Raset), okuwuhlelo olusheshay­o lokuba osomabhizi­nisi abakhulu bathenge ama-50% emikhiqizo ezinkampan­ini zaseNingiz­imu Afrika.

Lolu hlelo kuthiwa luyixoshil­e indlala futhi lwenza kahle kakhulu emazweni afana ne-India.

Iminyango okulindele­ke ixhase kakhulu lolu hlelo ngowezenhl­alakahle ozothenga ukudla ngo-R2 million, owezemfund­o ozofaka u-R1. 4 billion njengoba ukudla kokondla izingane eziyizigid­i ezingama-22 ezikoleni zaKwaZuluN­atal uzokutheng­a kwiRaset nowezempil­o obeke u-R150 million wokuthenga nokuthunge­lwa izimpahla zezibhedle­la ezingama-50 kulesi sifundazwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa