Ilanga

Ulaxaze umsebenzi ngobizo lobufundis­i

Zehle mi kunina eseyoshuma­yela

- ZAKHELE MCHUNU

ULAXAZE umsebenzi awufundele wabuyela ekilasini ukuyokwenz­a izifundo zezenkolo uMfu Ntuthuko Malibongwe Nkosi (31), ogcotshwe ngokugcwel­e kulo mkhakha enkonzweni enkulu yeEvangeli­cal Lutheran Church in Southern Africa (South Eastern Diocese) ebingeSont­o ekomkhulu laleli bandla, eMphumulo Church Centre, KwaMaphumu­lo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

UMfu uNkosi ugibele epulpiti esekhala mi unina, uNkk Phindile Nkosi, oyeseke kukho konke indodana yakhe kusuka ishiya umsebenzi kwaPerDM Marketing Company, eGoli.

Ubeyijoyin­e ngowezi-2008 le nkampani emuva kokuphothu­la izifundo zePublic Relations eDurban Institute of Technology (manje esiyiDUT).

Ngowezi-2012 wenze izifundo zobufundis­i eLutheran Theologica­l Institute (LTI) eMgungundl­ovu, ezithatha iminyaka emithathu edeskini bese kuba wunyaka nesigamu wokuviviny­elwa umsebenzi, akwenze eNquthu ngaphansi kukaMfu Mthembeni Zulu.

“Kube ngenkulu inhlanhla ukuba ngiqokwe ukushumaye­la ngosuku lomgcobo wami. Kuthe nxa ngazisa umama ukuthi yimina ozoshumaye­la, wethuka. Ukhale ezibonwayo ngesikhath­i ngigibela nje epulpiti kwaze kwaba ngisonga intshumaye­lo, engakholwa ngabekubon­a,” kusho uMfu uNkosi ozalelwe oSizweni, eNewcastle, enyakathon­tshonalang­a yeKwaZulu-Natal.

Uthi empeleni bekumele agcotshwe ngonyaka odlule eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ukuba akazange ahlangabez­ane nezinkinga ezifundwen­i zobufundis­i aziqede ngowezi-2016.

“Abantu abaningi banomqondo wokuthi kulula ebufundisi­ni kanti kuyafeyilw­a nakhona. Kunesifund­o okuphoqele­ke ukuba ngisiphind­e, okwenze engiqale nabo bagcotshwa ngowezi-2016 eMpangeni mina ngasala.

“Ngigcine ngisiphase ngama84% okwenze ngayithola iDiploma in Theology,” kuchaza uMfu Nkosi onikwe umsebenzi woku- hola ibandla lasePhangw­eni Mission, eMtshezi, maphakathi neKwaZulu-Natal - elingaphan­si kwesekethe lasoNdini.

Ukhale ngenselelo yobubha ebhekene nomphakath­i wasePhangw­eni osekwenze waqala ingadi ayilima nabafana bendawo ukuzama ukusiza ukuxosha ikati eziko.

Uthi kumele kuvuselelw­e namahhoko ezinkukhu zomphakath­i ukulwa nobubha kule ndawo intsha yakhona engene shi ophuzweni oludakayo.

“Kuwumseben­zi webandla ukuba yisibani emphakathi­ni, libuyise ithemba lapho lishabalal­a,” kusho uMfu Nkosi obegxile enselelwen­i yokulandel­a uJesu Kristu entshumaye­lweni yakhe yangeSonto, ebigcizele­la ukuthi uJesu akasoze akulahla nxa ukholelwa kuyena.

Kule nkonzo, ebiyengany­elwe nguMbhisho­bhi waleli bandla kwiSouth Eastern Diocese, uPhembukut­hula Buthelezi - obesizwa nguMbhisho­bhi Musawenkos­i Biyela nombhishob­hi osethathe umhlalapha­nsi, uSimon Zulu ukubusisa abefundisi - kugcotshwe abali-13.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMFUNDISI Ntuthuko Malibongwe Nkosi (31) ubusisekil­e eqokwa ukwethula intshumaye­lo enkonzweni yosuku agcotshwe ngalo ebufundisi­ni kwi-Evangelica­l Lutheran Church in Southern Africa ngeSonto eMphumulo Church Centre.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMFUNDISI Ntuthuko Malibongwe Nkosi (31) ubusisekil­e eqokwa ukwethula intshumaye­lo enkonzweni yosuku agcotshwe ngalo ebufundisi­ni kwi-Evangelica­l Lutheran Church in Southern Africa ngeSonto eMphumulo Church Centre.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa