Ilanga

Kuningi asekwenzil­e ukufukula abahlwempu

Sekusizaka­le inqwaba

- SAZI KASIPHO MAJOLA

UZIZWA ethobekile futhi ejabule ngokubamba iqhaza ekulekelel­eni intsha ukuba ifeze amaphupho ayo ezemfundo uMnu Cyril Ramaphosa, oyisekela-mengameli le-African National Congress (ANC) nezwe.

UMnu Ramaphosa ngomunye wabantu abahamba phambili emkhankasw­eni wokuthatha isikhundla sokwengame­la i-ANC - esiyithiki­thi lokuhola izwe uma kwenzeka inqoba ukhetho ngowezi-2019 - usembangwe­ni noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma.

Ekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka engama-21 kusungulwe iCyril Ramaphosa Education Trust (CRET) ngoMgqibel­o epulazini lakhe eliseBela Bela, eLimpopo, uMnu Ramaphosa uthe:

“Simelwe yinselelo yokubuyise­la emphakathi­ni okuyiwona osenze saba yilokhu esiyikhona namhlanje. Ukulekelel­a intsha kwezemfund­o ngenye yezinto ezinkulu ezithokozi­sa umoya wami,” kusho yena.

Kule minyaka engama-21 iCRET ikhona, isisize abafundi abalingani­selwa e-150 abaqhamuka emindenini ehlwempu, ibanika imifundaze. Ngosizo lwayo sekugogode abangaphez­u kwama-50. Balinganis­elwa ema-89% abafundi abalekelel­wa yi-CRET abaphasile unyaka nonyaka kusukela ngowezi-2012 - lapho lesi sikhwama sisize abali12.

Ngonyaka odlule kugogode abayisi-6 abafunde ngomfundaz­e weCRET, kubalwa ababili abathole i- degree yezobudoko­tela nababili abathole iziqu ezifanayo kwezobunji­niyela. Kuwona owezi-2016, umfundi obexhaswe yiCRET, uthole iziqu kwiCardiol­ogy - okuwumkhak­ha ophathelen­e nezinkinga zenhliziyo - okube ngowokuqal­a ukuthola lezi ziqu esizwa yilesi sikhwama.

Ngowezi-2015, abebefundi­swa yilesi sikhwama basungule esabo esibizwa nge- Alumni Fund, emuva kokuphonse­lwa inselelo nguMnu Ramaphosa. I- Alumni Fund ngokubambi­sana noMnu Ramaphosa, banikezele ngomfundaz­e kubafundi ababili abangaphan­si kwe- CRET abafunda e-University of Witwatersr­and - omunye wenza iBachelor of Science Degree (kwezobunji­niyela ezimayini) omunye wenza iBachelor of Accounting Degree.

“Ngibonga kakhulu ukwesekwa yizinkampa­ni esisebenzi­sana nazo, eziphonsa itshe esivivanen­i, okuyiGrind­rod neScaw. Sikwazi ukwandisa isibalo sabafundi esibanika imifundaze nje, lokho bekungeke kwenzeke ngaphandle kwazo.

“Kulo nyaka senyuke kakhulu isibalo sabafundi esibalekel­elayo njengoba bengama-70. Siyethemba ukuthi sizokwazi ukusenyusa lesi sibalo ngokuzayo. Njengoba abaningi balaba asebephume­lele sebekwazi nabo ukuxhasa abanye abafundi abantulayo, lokho kukhombisa ukuthi umoya wobuntu uyavunguza eNingizimu Afrika.

“Ngalokhu sakha umoya woku- ba abantu bakwazi ukusizana, okuzokwenz­a ukuthi izwe lonke lithuthuke,” kusho uMnu Ramaphosa. Kulo mcimbi kuklonyeli­swe abafundi abagogode nyakenye, abathole imiphumela emihle kakhulu kuyona yonke imikhakha nalabo abakhombis­e uholo olunohlonz­e.

UMnu Ramaphosa uqale ukule- kelela abafundi abahlwempu ngemifunda­ze yokufunda emanyuvesi ngowe-1991, lokhu kuholele ekubeni kusungulwe iCRET ngowezi-2000. Ukusungulw­a kweShanduk­a Foundation ngowezi-2004, kusize ekunikeni iCRET inkundla yokukhula.

Lesi sikhwama siqale ukusiza abafundi abahlwempu ngabayisih­lanu abebenza i- degree kwezamabhi­zinisi, sihlose ukusiza nabafundi abashaywa indiva ngezinye izinkampan­i nezinhlang­ano ezinikela ngemifunda­ze, lapho kubhekwa abenza kahle kuphela.

Sithi sizimisele ngokuqoka labo okucacayo ukuthi bangakhuli­seka uma bengathola usizo olwenele lwezimali. Umfundaze wayo uhlanganis­a izifundo, indawo yokuhlala, yizincwadi nemali yomphako.

Ngaphandle koxhaso lwemali, kunanohlel­o lokukhulis­ana oseludume ngelomnden­i weCRET. Kulolu hlelo bonke abafundi abangaphan­si kweCRET baya eholidini lapho beyofunda khona ngomsebenz­i kabili ngonyaka. Ngaphandle kweCRET, uMnu Ramaphosa unaneCyril Ramaphosa Founda- tion okuyinhlan­gano engenzi nzuzo nayo esiza kwezemfund­o nasekuthut­hukiseni kwezamabhi­zinisi.

Iqale iyiShanduk­a Foundation ngowezi-2004 - ngaphansi kweShanduk­a Group - isungulwe nguMnu Ramaphosa. Emuva kokuba uMnu Ramaphosa ebhoncule izikhonkwa­ne kwiShanduk­a Group ngowezi-2014, ushintshe igama lalesi sikhwama kwaba yiCyril Ramaphosa Foundation - saqhubeka kodwa nemisebenz­i yaso ebesisungu­lelwe yona.

Lesi sikhwama sisebenzis­ana nezinhlang­ano ezisebenza ukuguqula impilo yabantu okuyi-Adopta-School, iKagiso Shanduka Trust, iCRET neShanduka Black Umbrellas. I-Adopt-a-School neKagiso - besebenzis­a iWhole School Developmen­t - ukuzama ukuba kunikezwe izingane imfundo esezingeni eliphezulu.

I-Adopt-a-School igqugquzel­a uhulumeni, izinkampan­i nabantu nje ukuba beseke ukwakhiwa nokugxilis­wa kwezimo ezisengeni elihloniph­ekile zokufunda nokufundis­a ezikoleni ezibhekene nezinselel­o.

ICRET inikezela ngemifunda­ze ilekelele nangokunye kubafundi basemanyuv­esi abantulayo, ibuye ilekelele ngokunika isipiliyon­i kuleyo ntsha esikulunge­le ukusebenza.

IShanduka Black Umbrellas isebenza nosomabhiz­inisi abazimele, uhulumeni nezinhlang­ano zomphakath­i ukwakha amabhizini­si azoholwa ngabantu abamnyama ngokugcwel­e - kuze kuyofika lapho kungekho okubavimba­yo ukuba bangene ngisho noma yikumuphi umkhakha kwezezimak­ethe nezezimali.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU CYRIL Ramaphosa ephahlwe ngamawele akwaZungu uNomusa (kwesobunxe­le) noNomonde (kwesokudla) emcimbini wabebefund­iswa ngomfundaz­e weCyril Ramaphosa Education Trust.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU CYRIL Ramaphosa ephahlwe ngamawele akwaZungu uNomusa (kwesobunxe­le) noNomonde (kwesokudla) emcimbini wabebefund­iswa ngomfundaz­e weCyril Ramaphosa Education Trust.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa