HOLY NAZARETH CHURCH OF EKUKHANYENI
KUMENYWA bonke abazalwane abangaphansi kobuholi bukaBishop I.N Ndwandwe ukuba baphelele enkonzweni kaNtulikazi mhla ziyisi-7 kuNtulikazi ngelesi-9 ekuseni eMabhokisini, KwaHlabisa ethempelini. Ngemininingwane kungaxhunyanwa noBishop I.N Ndwandwe kwethi: 082 951 5562 KWAZISWA wonke amalunga omphakathi asuswe eMantanjeni ukuba aphelele emhlangaweni ozokuba mhla zili-15 Ntulikazi ngele10 ekuseni ehholo likamasipala eColenso. Niyacelwa ukuba nifike nonke ngokwezigodi zenu (amapulazi enasuswa kuwona) kubalwa lawa: KwaMgutshelane, KwaSparks, KwaVeni, kwaHaligi, KwaFilidi, KwaNtsholontsholo, KwaBen, KwaJalimane, KwaMampunyane, KwaSakazane, KwaJeke, kwaBhence, KwaNduna noNomeva, eZibozini, KwaGogi, KwaEnglish, KwaMakhandlane, kwaNgcosane, KwaBlom nakwaFulansi (France). Ngemininingwane kungathintwa uMnu BZ Mtambo usihlalo kwethi: 082 751 8299.