Ilanga

Luqondiswe kubani olodado emini?

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

KUNEZINHLE­LO ezingenasi­dingo nhlobo ezimosha umoya. Okubi wukuthi lokhu kakubonwa nje ngongqeqe kuphela kodwa kubonwa nayithi esiwumphak­athi ojwayeleki­le.

Ngivakashe­le le ngakithi ngesonto eledlule, ngithe ngizishaye­lwa umoya nezinsizwa zendawo kwalokhu kubelesele odado oKhozini FM.

Enye yalezi zinsizwa ize yaphahluka yathi ngempela uKhozi FM lucabangan­i ngalolu hlelo ngoba phela izingane zisuke zisesikole­ni. Ngubani ngempela olalela lolu hlelo emini yasekuse- ni ngoba abanikazi balo basuke besesikole­ni.

AboKhozi FM kusamele balubuyeke­ze lolu hlelo, lu- useless. Enye yalezi zinsizwa, enguthisha, ize yenza ihlaya ngokuthi bangathini nje abahloli uma kungathiwa kunesikhat­hi esichithwa yizingane zilalela umsakazo.

UZandile Tembe, ongumphath­i wezinhlelo kulesi siteshi, kusamele acabange kabusha. Yinhle i- concept yohlelo kodwa abanikazi balo basuke bengekho. Kungakuhle kubhekwe isikhathi esibafanel­e odado.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UZANDILE Tembe kumele acabange kabusha nethimba lakhe ngalolu hlelo lodado.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UZANDILE Tembe kumele acabange kabusha nethimba lakhe ngalolu hlelo lodado.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa