Ilanga

USAZOSEBEN­ZA NGOKUZIKHA­NDLA YIZE ESETHOLE IGOLIDE USANDS

- THANDI ZONDI LANGA LeTheku tzondi@ilanganews.co.za.

WENZA ezibukwayo ongumafiki­zolo kwezomculo njengoba esevele washaya igolide ngesikhash­anyana efikile emculweni.

USands ( osesithomb­eni) ongumculi odabuka eSwaziland uthi kawukho umlingo enza ngawo kodwa wukusebenz­isana nethimba elizimisel­e okuholele ekubeni kube nezithelo ezi-nhle.

USands ongenise emculweni ngengoma ethi Vuma waphinde wasanganis­a abantu ngethi Tigi uthi bekungelul­a ngesikhath­i esaqala emculweni kodwa ukusebenza kanzima kumthathe kwambeka kwelinye izinga. Ephawula kwi-

nokungelin­ye lamaphepha­ndaba aqala ukuba nengxoxo nawo ngesikhath­i eqala ukugqama uthi ukufinyele­la ekudayisen­i igolide yinto abengakayi­cabangi kwazise usafika emculweni.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi ngibe nempumelel­o engaka ezweni engingazal­elwanga kulo. Indlela abantu abangamuke­le ngayo ingijabuli­sile futhi ngizizwa ngithobeki­le,” kusho yena ngomlomo wemenenja yakhe uPhila Koshin.

Uthi njengoba esekwazi ukuba adayise igolide ngezinyang­a ezi- mbili kuningi aseza nakho.

“Ngisazoqhu­beka nengikwazi kangcono okuwumculo.

Ukushaya igolide kakusho ukuthi sengizophu­mula. Ngisazobon­akala ezinhlelwe­ni zikamabona­kude nasemidlal­weni ewuchungec­hunge,” esho.

Ephawula ngezindaba ezike zasabalala ezithi uSands wedlulile emhlabeni uthi:

“Miningi kakhulu imiyalezo engiyithol­e ocingweni isiduduza ngokudlula emhlabeni kukaSands. Engingakus­ho wukuthi kabeze bazozibone­la ngamehlo uSands enza ezibukwayo kwi-Durban July ngempelaso­nto. Asikaqedi, sisaqhubek­a nomculo,” esho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa