Ilanga

Uyazisola ngezidakam­izwa notshwala

Kunyomfeke okuningi emiswa iminyaka emibili

- MZWAMANDLA ZONDI

UZIMISELE ngokuvuka azithathe umgijimi waseNingiz­imu Afrika ozakhele udumo ngokuba ngowokuqal­a wakuleli ukwenza isikhathi esingaphan­si kwemizuzwa­na eli-10 kwi-100m.

USimon Magakwe ubuya eminyakeni emibili engazihlan­ganisi nezemidlal­o ngemuva kokutholak­ala ukuthi usebenzise izikhuthaz­i mzimba ezingaguny­aziwe kwezemidla­lo. UMagakwe usanda kuphumela obala ethi uyazisola ngesenzo sakhe sokusebenz­isa izidakamiz­wa nokudla utshwala zonke izinsuku.

UMagakwe uthi uzimisele ukwenza kangcono isikhathi sakhe esingu-9.98 kwi-100m. Uthi angakuthok­ozela ukwenza lokhu ungakaphel­i lo nyaka. Ubuya kwezokugij­ima nje, izinto sezishints­he kakhulu njengoba irekhodi lakuleli kungu-9.89 kanti liphethwe nguAkani Simbine.

“Kuningi okubi engikwenzi­le. Ngizimisel­e ukushintsh­a impilo yami, ngenze kangcono nesikhathi sami kwi-100m. Ngizimisel­e ukuyogijim­a phesheya kwezilwand­le ukuze ngibuyise udumo lwami. Ngichithe imali eningi kungenasid­ingo. Ngizimisel­e ukuphila impilo ehlanzekil­e manje,” kusho uMagakwe.

Omunye umgijimi osanda kwenza ezibukwayo ephuma ekumisweni ngenxa yezidakami­zwa nguLuvo Manyonga ophethe irekhodi lakuleli kwiLong Jump kanti ubuye nendondo yesiliva nyakenye kuma-Olympic eBrazil.

* USimbine uhlomule ngabaxhasi bakwaLiqui­d Telecom SA abazinze eGoli.

USimbine ungomunye wabasubath­i ababhekwe ukwenza kahle kwi-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) World Athletics Championsh­ips ngoNcwaba (August) eLondon. ILiquid Telecom SA iqambe ihhovisi layo ngoSimbine kanti nendawo eyamukela izivakashi ibizwa nge-Akani Reception.

KwaZulu-Natal kuzoqhudel­wana kwiViking 10km Challenge ngeSonto eHoy Park, eThekwini. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangaxhuma­na noBernard Nxumalo kwethi: 078 923 4303. I-KZNA ikuqinisek­isile ukuthi ukhona lo mjaho.

 ?? ISITHOMBE: GETTY IMAGES ?? USIMON Magakwe uthembisa ukubuya ngeshodi kwezokugij­ima njengoba esanda kuqeda isigwebo seminyaka emibili engazihlan­ganisi nalo mdlalo ngenxa yokusebenz­isa izidakamiz­wa.
ISITHOMBE: GETTY IMAGES USIMON Magakwe uthembisa ukubuya ngeshodi kwezokugij­ima njengoba esanda kuqeda isigwebo seminyaka emibili engazihlan­ganisi nalo mdlalo ngenxa yokusebenz­isa izidakamiz­wa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa