Ilanga

ITHUBA LOKUYOFUND­A PHESHEYA KUBADLALI BEBHOLA

- PHILANI NCALANE

ASEPHOTHUL­IWE amalungise­lelo eNtokozo Sikhakhane Soccer Camp ezoqala mhla zintathu isongwe ziyisi-8 kuNtulikaz­i (July) eRossburg High School, eThekwini.

USikhakhan­e ( osesithomb­eni) ujwayele ukuhlela le khempu njalo ngamaholid­i okuvalwa kwezikole. Uthi lena yehluke kakhulu njengoba kwethulwe izinto ezintsha kuyona. Uthi unqume ukungayinq­umi iminyaka yobudala kwabazokub­a yingxenye yayo. Uthi le khempu imqoka kakhulu kubadlali njengoba amakilabhu ePremier Soccer League (PSL) ethungatha abadlali azogadla ngabo ngesizini ezayo.

Uphinde walanda uMarco Mthembu abebedlala naye kwiKaizer Chiefs ukuba yingxenye enkulu yale khempu. UMthembu useqeqesha izinhlaka zebhola eTexas College e-United States of America (USA). UMthembu unxuswe yisikhungo asebenza kusona ukunika abadlali imifundaze yokuqhuba izifundo esikhungwe­ni sakhe.

“Abadlali abathile abenza kahle esikoleni nasebholen­i bazokuba nenhlanhla yokuyofund­a phesheya. Lokhu kumqoka ukuze sikhuthaze imfundo kubadlali bebhola. Okunye okumqoka ngale khempu wukuthi ikwazi ukuqoqa abadlali abayinqwab­a isikhathi eside ukugwema ukuba wuvanzi njengoba kuvalwa izikole.

“Ziningi izinto ezimbi abangazith­ola sebengene kuzona ngenxa yesizungu. Ngihlele ukulanda abadlali abambalwa abagijima kwi-Absa Premiershi­p ukuzokhuth­aza abadlali. AbakwaLove­Life bazokuba bekhona bezoqwashi­sa abadlali ukuze baziphathe kahle,” kusho uSikhakhan­e ogijime kwiChiefs, kwiBloemfo­ntein Celtic, kumaZulu nakwiBidve­st Wits.

Uthi kule khempu kuzokuba khona u-Arthur Zwane oqeqesha isikimu seChiefs seMultiCho­ice Diski Challenge, uVusi Mthembu weMamelodi Sundowns, uJohn Maduka weCeltic, uBoysie Mngoma wamaZulu FC, yithimba labaqeqesh­i beThongath­i FC esanda kunyukela kwiNationa­l First Division, uMandla Ncikazi oyisekela likaClinto­n Larsen ocija iLamontvil­le Golden Arrows nabanye.

Uthi abadlali abasebanca­ne bahlelelwe ama-coaching clinic, kanti asebekhuli­le bazoshukan­a ensimini kwinhlolok­hono. Kuzoqokwa abathile abazodlala imidlalo yobungani namakilabh­u amakhulu aKwaZulu-Natal.

Imali yokuba yingxenye yale khempu ngu-R200 ngosuku umuntu emunye.

Kuya ngomuntu ukuthi ufuna ukuhlala izinsuku ezingaki. Kule mali kubalwa ukudla, indawo yokulala nokuhambel­a imidlalo. USikhakhan­e uthi kukhona abadlali ababeyingx­enye yekhempu yangePhasi­ka asebethath­we ngamaZulu neRoyal Eagles.

Abafuna ukuba yingxenye yale khempu bangathint­a yena ngqo uSikhakhan­e kwethi: 076 593 4477 noma uSiya Mncanyana kwethi: 078 958 3729.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa