Ilanga

I-DOWNS IZOHLABA IKHEFU ELINGEKHO

- MFANAFUTHI NDLOVU

IZOHLABA ikhefu lamasonto amathathu nje kuphela iMamelodi Sundowns esembhidla­ngweni wokuzama ukuvikela isicoco seCaf Champions League kulo nyaka.

ISundowns izobhekana neSaint George yase-Ethiopia emdlalweni womlenze wesibili esigabeni samaqoqo ozokuba ngoMgqibel­o ngo15h00 e-Addis Ababa Stadium. Izobuya kulo mdlalo izolungise­lela owe-AS Vita Club yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) ozokuba ngoLwesihl­anu lomhla ziyisi-7 kuNtulikaz­i (July) enkundleni yakuleli esazomenye­zelwa.

UManqoba “TV” Mngqithi oyisekela likaPitso “Jingles” Mosimane ocija iDowns utshele ILANGA ukuthi emuva komdlalo we-AS Vita bahlela ukuthatha ikhefu lamasonto amathathu, bese beqala amalungise­lelo eMTN 8 okuwumqhud­elwano okuvulwa ngawo isizini yePremier Soccer League (PSL).

“Okusisiza kakhulu kulesi simo esibhekene naso sokungasit­holi isikhathi esanele sokuphumul­a wukuba nethimba lodokotela bezinga eliphezulu abasiza abadlali ukuba sesimweni,” kusho uMngqithi.

Abadlali beDowns abathwele kanzima ngababuye badlale kwiBafana Bafana kubalwa uHlompho Kekana ongukapute­ni wamaSandaw­ana, uPercy Tau, uTebogo Langerman ukukha nje phezulu.

ISuperSpor­t United ilibangisa eGuinea kule mpelasonto ukuyobheka­na neHoroya emdlalweni weCaf Confederat­ions Cup ozokuba ngoMgqibel­o ngo-15h00 eStade 23 Septembre. Ngempelaso­nto elandelayo le kilabhu izoshukana neCF Mounana yaseGabon emdlalweni ozokuba seLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

IPlatinum Stars izolibangi­sa e-Algeria ukuyogadul­isana neMC Alger koweCaf Confederat­ions Cup ozokuba kusasa ngoLwesihl­anu ngo-22h00 eStade du 5 Juillet. Ngempelaso­nto elandelayo iPlatinum izovakashe­lwa yiMbabane Swallows yaseSwazil­and ukuzobheka­na emdlalweni ozokuba seRoyal Bafokeng Sports Palace.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa