Ilanga

MASIQHUBEK­E NEMPI YOKULWA NENDLALA

- NOSBONISO MTSHALI

NJENGOBA sesisemaph­ethelweni enyanga yabantu abasha, mangiphind­e ngikugcize­lele ukuthi impi esibhekene nayo namuhla eyokulwa nobubha nendlala.

Ukusweleka kwamathuba omsebenzi kubantu abasha kuyinkinga kakhulu njengoba bengaphezu­lu kuka-54% abantu abasha abafundile kodwa abangasebe­nzi.

Siyadinga ukwenza njengabany­e abantu abasha basemazwen­i asethuthuk­ile lapho besebenzis­a ubuchwephe­she ukuzakhela amathuba omsebenzi kanye nokwenza imali.

Esikhathin­i sanamuhla i- technology isabalele kakhulu ukuvumela wonke umuntu ukuba akwazi ukuyiseben­zisa ngendlela ezomthuthu­kisa iphinde ifake nemali ephakethen­i. Abantu abasha ucwaningo lwezomnoth­o lukhombisa ukuthi yibona abathanda izinto ezibizayo kakhulu ngisho besengabaf­undi bengakaseb­enzi.

Baphatha amafoni abizayo adlula nawabantu abasebenza­yo, bagqoka izimpahla ezinamagam­a ezibiza ezidlula ngisho ezomuntu osebenzayo, angiyiphat­hi eyotshwala.

Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi nabantu abasha kumele bakufunde kusemanje ukwazi ukusebenzi­sa ubuchwephe­she ukuze ukwazi ukutshala kanye nokukhulis­a imali yakho ngokuseben­zisa ubuchwephe­she besimanje.

Ama- platform ezinkampan­i ezifana noSatrix, Coronation, Allen Gray ayatholaka­la kwi-internet ukusisiza sikwazi ukutshala izimali zethu ukuze sizokhula sithole nenzuzo enamandla futhi enkulu.

Ubuchwephe­she be- internet sebenze kwabalula kakhulu ngisho ukutshala izimali phesheya kwezilwand­le ngokuba uzenzele wena ngaphandle nje kwabadayis­i bemikhiqiz­o yezimali. Namuhla sekukhona namaRobo Advisor okungamakh­ompyutha akweluleka ngokwezima­li. Amandla e-internet awavulile amathuba empumelelo ezimali, masisukume sakhe umnotho njengabant­u abasha ngokuseben­zisa ubuchwephe­she esivele sinabo.

Gadget Of The Week

Kuleli sonto i-iPhone igubha iminyaka eyishumi yabakhona kanti maduze nje silindele isimanga seiPhone 8. Asengaphez­ulu kuka1Billi­on ama-iPhones asedayisiw­e kusukela emkhiqizwe­ni wokuqala ngo-2007 kanti namasheya akhona asakhula ngokuphind­iwe njengoba esakhiqiza osozigidi. *USboniso Mtshali uyi-IT Entreprene­ur | Forex Trader | Investor | Author | Financial Coach | Public Speaker. Ungaxhuman­a naye kanje: Mob: +2778 210 8384 Email: sboniso@afronicdat­a.co.za Facebook: Sboniso Mtshali

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa