Ilanga

INTSHA ISINE YADEDELANA NGOSUKU LWAYO

-

BEKUKUHLE kudelile mhlaka 16 June 2017 ehholo kwa-A kwisigceme 18 esiholwa nguKhansel­a Musa Mdlalose, intsha yas’Ondini isina idedelana emgubhweni wosuku lwentsha ngaphansi kobuholi bukaMhloni­shwa Khansela W.M Ntshangase. OkaMgazi ngalolu suku udele isikhundla sakhe sobuMeya waqoka iMeya ehlala esigungwin­i sokuphatha okunguKhan­sela Reggie Nyawo ukuba ibe yiMeya yosuku. Ethula inhloso yosuku uMhlonishw­a uMeya ubalule ukuthi ufisa abantu abasha bas’Ondini bagxile kakhulu emfundweni nasemakhon­weni ezobuchwep­heshe okuyiwona adingekayo. Uphinde waphonsa inselelo kubafundi bebanga lesikhombi­sa ukuthi uma sebeya ebangeni lesishiyan­galombili, kumele bakhethe iMaths neScience, waphinde wakuphawul­a ukuthi Ulundi lubekwa kunombolo yesibili ezibalweni eziphezulu uma kubhekwa isifo sesandulel­a ngculaza, kanti kumele abantu abasha basazi lesi sifo ukuthi sikhona futhi siyabulala. Uthe ufisa ukuthi eminyakeni ezayo kube wukuthi lesi sibalo sesehlile. Abaphathi bohlelo bekunguMbu­so Ndlovu noSmilo Khanyile okungabaho­li bentsha lapha Ondini. UNophiwa Zulu ongumfundi waseMasibu­mbane High School obekhethwe njengesikh­ulumi ngalolu suku nozethule njengo-Advocate Zulu, ukhulume ngokuziqhe­nya ngokuba wumuntu omusha wasoLundi nonekusasa eliqhakazi­le, waphinde wathinta nokubalule­ka kwemfundo, wakhuthaza intsha ukuba ingagxili ezintwenu ezimbi ezenziwa yintsha yanamhlanj­e. Esinye isikhulumi bekunguNka­nyiso Shongwe oyilunga leYouth Council yasoLundi, othinte kakhulu iphuzu lokuziqale­la amabhizini­si, kungahlalw­a kulindwe imisebenzi kuHulumeni. Ukhuthaze intsha ukuba izibambele ekusungule­ni amabhizini­si amancane okuzithuth­ukisa nokwenza impilo iqhubeke noma kunzima. Uthe ngeke kulunge lutho uma intsha izohlala isonge izandla. Intsha ebivela kwiZululan­d FM nakwiNguni FM yethule izinkulumo zokugqugqu­zela intsha ekutheni izithuthuk­ise ngamakhono ehlukene. IMeya yosuku ikhulume ngokubalul­eka kwemfundo yathi: “Siyintsha yasoLundi kumele silwisane nokuhlukun­yezwa kwezingane nabantu besifazane, futhi lapha oLundi lo mkhuba ngiyathemb­a ngeke ubekhona. Siyafisa ukuthi abantu abasha babe yingxenye yezobuchwe­pheshe, abantu abasha bangene kwiinterne­t ukuze bafake izicelo bathole nolwazi abaludinga­yo”. Obeyisikhu­lumi sosuku uNkz Nokubonga Mahaye ugcizelele kakhulu ekutheni abafundi kumele bagxile emfundweni yasemanyuv­esi bazi ukuthi ikusasa labo lisezandle­ni zabo. Unxuse ukuba bangaziban­dakanyi ezidakamiz­weni. “Akekho umuntu oyisehlule­ki emhlabeni, oseke wahluleka empilweni kumele azi ukuthi likhona ithuba lesibili empilweni, akupheleli ephutheni elikuwisil­e. Uma umuntu ewile makavuke azithathe,” kukhuthaza iMeya yosuku uKhansela Nyawo. Umcimbi unandiswe ngabaculi bendawo abehlukene kwakuhle kwadela.

 ??  ?? UMKHANDLU wentsha yasoLundi nentsha ebiseMgubh­weni wosuku lwayo oLundi
UMKHANDLU wentsha yasoLundi nentsha ebiseMgubh­weni wosuku lwayo oLundi
 ??  ?? UKHANSELA R B Nyawo
UKHANSELA R B Nyawo
 ??  ?? ISIKHULUMI sosuku uNkz Nokubonga Mahaye onguSihlal­o woMbutho weNtsha eKing Cetshwayo District
ISIKHULUMI sosuku uNkz Nokubonga Mahaye onguSihlal­o woMbutho weNtsha eKing Cetshwayo District

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa