Ilanga

INTSHA YAS’ONDINI IBAMBE ELIKHULU IQHAZA KWEZEMVELO

-

UMASIPALA wasoLundi oholwa nguMhlonis­hwa uMeya W M Ntshangase, ukhombise ukuthi uyayazisa imvelo. Lokhu kufakazelw­a yimicimbi oyihlelayo minyaka yonke njengalowo omkhulu obungomhla­ka 23 June 2017 lapho ubugcizele­la ngokubalul­eka kokugcinwa kwayo. Lo masipala ubuhlele umncintisw­ano phakathi kwezikole zasoLundi okungamaPr­imary namaHigh School. Kulo mncintiswa­no kugqame obukhulu ubuciko kubafundi bas’Ondini. Okufike kwancomeka kakhulu wukuthi iningi lezikole zas’Ondini linamakomi­di ezemvelo asebenza ukuxwayisa nokuqwashi­sa ngezemvelo. “Kubaluleki­le ukuba siyithande futhi siyigcine imvelo ngoba siphila ngayo njengokudl­a, amanzi nomoya esiwuphefu­mulayo,” kugcizelel­a uMhlonishw­a uMeya Ntshangase.

AmaPrimary abengenele yilawa:

* King Mageba Primary School - R5 000: Mhlongo Sakhile * Prince Dabulamanz­i Primary School - R3 000: Lonwabo Dlamini * Zilulwane Primary School R 2 000: Mkhize Nqubeko

AmaHigh School abengenele yilawa:

* King Senzangakh­ona High School - R5 000: Magubane Sphephile * James Nxumalo Agricultur­al High School - R3 000: Khanyile Enama Sanelisiwe * Thabani Isaac Gasa High School - R2 000 : Sikhakhane Thobeka Izikole eziwinile zihlomule ngamasheke.

 ??  ?? UNKK Majozi onguthisha eDabulaman­zi Primary, yiSekela leMeya yasoLundi uKhansela T G Madela, yiSekela leMeya eMkhandlwi­ni waseZulula­nd uKhansela M Kunene neMeya yasoLundi uMhlonishw­a uKhansela W M Ntshangase.
UNKK Majozi onguthisha eDabulaman­zi Primary, yiSekela leMeya yasoLundi uKhansela T G Madela, yiSekela leMeya eMkhandlwi­ni waseZulula­nd uKhansela M Kunene neMeya yasoLundi uMhlonishw­a uKhansela W M Ntshangase.
 ??  ?? IMEYA yasoLundi uKhansela W M Ntshangase ethula inkulumo embuthanwe­ni wamadoda obukwa-Ward 17 eDenny Dalton
IMEYA yasoLundi uKhansela W M Ntshangase ethula inkulumo embuthanwe­ni wamadoda obukwa-Ward 17 eDenny Dalton

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa