LE NKULUMO IBIQONDE KIMI NGQO
KWELAMHLA zingama-20 kuya ema-21 kunenkulumo eyakhayo kaMfu Sthembiso Zondo ebiqondene nami ngqo. Ubethi kukhona izinto ezenzeka empilweni yethu hhayi ngephutha kodwa ngoba zizosiqinisa ukhakhayi.
Mhla lulunye kuNhlaba (May), ngishiywe ngumama. Lokho ngikwemukele emuva kwale nkulumo kaZondo, ngazitshela ukuthi uma bekungenzeke kimi kanti bekufanele kwenzeke kubani. Yikhona kuqina kokhakhayi kimi lokhu, ngibonga uMfu Zondo ngesipho sakhe sokusiqinisa idolo thina esintekenteke.