Ilanga

LE NKULUMO IBIQONDE KIMI NGQO

- Nkk Ckhulile Mtshali KWANONGOMA

KWELAMHLA zingama-20 kuya ema-21 kunenkulum­o eyakhayo kaMfu Sthembiso Zondo ebiqondene nami ngqo. Ubethi kukhona izinto ezenzeka empilweni yethu hhayi ngephutha kodwa ngoba zizosiqini­sa ukhakhayi.

Mhla lulunye kuNhlaba (May), ngishiywe ngumama. Lokho ngikwemuke­le emuva kwale nkulumo kaZondo, ngazitshel­a ukuthi uma bekungenze­ke kimi kanti bekufanele kwenzeke kubani. Yikhona kuqina kokhakhayi kimi lokhu, ngibonga uMfu Zondo ngesipho sakhe sokusiqini­sa idolo thina esintekent­eke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa