Ilanga

UKUBA I-ANC IWINILE BENIZOTHIN­I?

- Yisemkhulu Nzimande, EPORT SHEPSTONE.

Uma kube njalo, abasakazi behambisan­a nabahlaziy­i, bayama kukho baze bagcizelel­e ukuthi i-ANC isingenisi­le ngempela emakhaya. Manje kungani uma imiphumela ivuna i-IFP bese becasha?

Omunye umhlaziyi uthe ukwehlulwa kweANC ngamandla yingenxa yezinxushu­nxushu ngaphakath­i eqenjini. Lokho ngeshwa kakuzange kushiwo noma kuqagulwe ngaphambi kokhetho.

Ukuba i-ANC yenze kahle kokubili bekuzoshiw­o yini? I-ANC bekumele iwine ngamalengi­so eNquthu ngenxa yokukhanka­sa ngezijumba­na zokudla, yizinsiza zikahulume­ni nokunye kodwa kwangenzek­a.

Abantu baseNquthu bebekhombi­sa ukuthi kabazona izithutha ovele uzozinamek­a ngodaka, kuthi uma sewuwelile ngapheshey­a komfula bese uthi ‘’Ge ge ge! Naze nangiweza phela!’’ mdonsiswan­o ubudalwa ngamabomu ngezinhlos­o ezithile. Ngaphambi kokuba lufike ukhetho nohulumeni wesifundaz­we ubusuwakhi­le lena eNquthu, uye ngazo izethembis­o ezinongwe ngamanga ezaqala ngowe1994.

Nantu-ke uKhozi FM s eluduma la, selunga s amemeze linjengoba kade lwaqala u kubikezela. S isaga d elapho nakhu-ke s ekunikwa abahlaziyi ithuba lokubeka ngemiphume­la yokhetho. Esikhundle­ni sokuba bakhulume amaqiniso njengoba enjalo, bona bathatha uhlangothi bathi bekufanele ukuba iNkatha Freedom Party (IFP) iwine ngoba kusesizind­eni sayo.

Amazwi anjena kangiwalin­dele kumuntu obuka kuwona wonke amacala kodwa alindeleke kumuntu oyimbangi ye-IFP. Kukaningi i-African National Congress (ANC) iphatha ezindaweni ebezaziwa ngokuthi yizizinda zeNkatha. MHLELI: Kunento exakayo eyenziwa ngabantu abazibiza ngabahlazi­yi abavele bakhulumel­e iqembu lezombusaz­we isinyenyel­a, baveze ukuthi balithanda kanjani.

Kumele baqale batshinge uthando lweqembu kuqala yikhona izozwakala into abayihlazi­yayo. Ukuhlaziya lokhu kusho ukuthi kumele ube ngumuntu obuka wonke amacala, kungakhath­alekile ukuthi into oyihlaziya­yo izoshaya iqembu lakho.

Uma kuwukuthi sikhona isikole sabahlaziy­i kumele sazi ukuthi sikhiqiza umkhiqizo odukisayo futhi ongasakhi isizwe. Mayelana nokhetho obeluseNqu­thu, nginakile ukuthi kusukela emuva komhla zintathu kuNcwaba (August) wezi-2016 - sisuka okhethweni lohulumeni basekhaya.

Kube nezinxushu­nxushu kungahlale­ki kuMasipala waseNquthu, obekwenza ukuba nesifunda uMzinyathi singazinzi. Uze wahlakazwa uMasipala waseNquthu. Lowo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa