Kukhucululwa abazidlela ekamasipala
Kuyaphenywa
UKUKHALA nokugedla kwamazinyo kuzobuzwa ezisebenzini zikaMasipala wesiFunda uMzinyathi, maphakathi neKwaZulu-Natal njengoba kuvela ukuthi kuzokhucululwa bonke abebexebula umkhoma emalini yabakhokhi bentela.
Lezi zindaba zivezwe yimeya yalo masipala, uMnu Petros Ngubane njengoba kubikwa ukuthi sekuqokwe inkampani ezophenya ngokudliwa kwezimali eMzinyathi. Kuthiwa kunezinkampani ebezilawula lo masipala zenza umathanda, ezinye zikhokhelwa kabili ngomsebenzi owodwa eziwenzile.
UMnu Ngubane - ongene kwesobumeya ngethikithi leNkatha Freedom Party (IFP) - uthi ukhathazekile ngomonakalo abawufice kulo masipala. Uthi kunezimali ezingaziwa ukuthi zishonephi kanti kunezinkampani ebezikhokhelwa imali eshisiwe zingalandelelwa ukuthi umsebenzi ziwenzile yini.
Uveze nokuthi kunophenyo olwenziwe ngowezi-2011, umasipala usenezinkinga ebuholini beAfrican National Congress (ANC), kwatholakala ukuthi kukhona abathinteka enkohlakalweni kodwa kazikho izinqumo ezithathiwe ngabo emuva kwezincomo - basaqhubeka bayasebenza.
“Sesithole ukuthi bekukhishwa amathenda ngaphandle kokulandela imigomo ebekiwe futhi kwazona lezo zinkampani bezingabhekwa ukuthi umsebenzi ziwuqala nini kanjalo nesiphetho sawo.
"Kunenkampani ebithole umsebenzi wokuxhuma amanzi esuka eMpofana agudle ngaseKranskop ekhokhelwe u-R500 million kodwa umsebenzi kayiwuqedanga, kawekho kwawona lawo manzi.
"Kakusikhona lokhu kuphela ngoba nesinye isikimu samanzi ebesifa-kwa eMakhabeleni, (eKranskop) kuwadi 5 no-6 kukhokhwe imali elinganiselwa ku-R60 million kodwa umsebenzi kawuqhubeki kanti naseMsinga kwenzeka esifanayo,” kusho uMnu Ngubane.
Utshele ILANGA ukuthi kunenkampani yamaloli ebinikwe umsebenzi wokuhambisela umphakathi amanzi, iloli ngalinye belikhokhelwa u-R5 000 kodwa umphakathi ungawatholi amanzi futhi kungalandelelwa lokho.
Uthi ziningi izinkampani ezizomiswa ebezenza umsebenzi ngesikhathi kuqhubeka uphenyo. "Kakusikhona ukuthi singene ukuzohlukumeza abantu kumasipala kodwa umsebenzi wethu wukuba sikhuculule kuqalwe phansi, kuqashwe izinkampani ezintsha nakuba kukhona abangajabulile ngalokho.
"Ngikhuluma nje, kunenkampani ebiyenza umsebenzi wosuku nosuku kumasipala, iyibulele imali. Kwakhona ukuqashwa kwezisebenzi kumasipala kakugculisi,” kusho uMnu Ngubane. Uthi lokhu kuyizinkomba zokuthi yingakho bekuvinjelwa i-IFP ukuba iphathe lo masipala ngoba kunomonakalo obufihliwe.
"Kuthiwa kunemali elinganiselwa ku-R42 million obekusamele ikhokhelwe ezinye izinkampani eziyikweletwa wumasipala kanti ingaphezulu kuka-R38 million osekutholakale ukuthi inyamalele.
Imeya ithi kunezikhala zemisebenzi ezizogcwaliswa kumasipala okubalwa nesemenenja. “UMntwana waKwaPhindangene (iNkosi Mangosuthu Buthelezi engumengameli we-IFP) akezwani nenkohlakalo, yingakho siphansi phezulu silwa nayo kwazise ezinye izinkampani bezingenazo nezinkontileka,” kusho uMnu Ngubane.