Ilanga

AMEHLO OMHLABA ABHEKE KU-WAYDE

EZOKUSUBAT­HA: Uzogijima okokuqala i-400m selokhu wanqoba kuma-Olympic

- MZWAMANDLA ZONDI

AMEHLO athe njo kuWayde van Niekerk ozogijima okokuqala i-400m selokhu eqophe irekhodi elisha lika-43:03 kuleli banga kuma-Olympic Game nyakenye eBrazil.

UWayde uhlabe ikhefu kuleli banga kusuka ephule irekhodi likaMichae­l Johnson wase-United States of America (USA) eliwu43:18 awubeka ngowe-1999. UWayde uhalalisel­we ngisho nanguJohns­on. UWayde uzokube enza ibanga lakhe namuhla ngoLwesine ngo-21h40 kwi-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) Diamond League eLausanne, eSwitzerla­nd.

UWayde uzogijma umjaho wanamuhla ehambela phezulu kwazise ngeledlule uphinde waphula elinye irekhodi likaJohnso­n kwi300m Ostrava, eCzech Republic. Ucishe u-30:85 owenziwa nguJohnson ngowezi-2000 ePretoria wabeka u-30:81.

Kulo mjaho kakungabaz­eki ukuthi inkundla izokube igcwele iphuphuma abathandi bezokugiji­ma befuna ukuzobona lesi silomo saseNingiz­imu Afrika senza esidume ngakho.

Abanye abasubathi bakuleli abazokube bebhekwe kakhulu kule mijaho yanamuhla nguLJ van Zyl, uCornel Fredericks noHenrico Bruintjies.

UMengameli we-Athletics South Africa (ASA), u-Aleck Skhosana, uthe balindele ukuba uWayde aqhubeke nokugila izimanga emi- jahweni yomhlaba. Uthi akangabazi ukuthi uzophinda aqophe omunye umlando namuhla kwazise unesivinin­i esanele njengoba ebegxile emabangeni amafushane ngokuqala konyaka.

USkhosana uqhube wathi unethemba lokuthi iNingizimu Afrika izokwenza kahle kakhulu kwi-IAAF World Championsh­ips ezokuba ngoNcwaba (August) eLondon. Uthi okumqinisa idolo wukuthi emidlalwen­i edlule ebiseBeiji­ng, eChina, elakuleli libuye nezindondo ezintathu ezitholwe nguWayde ozuze igolide, u-Anaso Jobodwana noSunette Viljoen abahlomule ngezethusi ngokwahluk­ana.

“Ziyangitho­kozisa izinto ezenzeka kwezokugij­ima kulezi zinsuku. Abasubathi bakuleli sebephula amarekhodi abasubathi base-USA. UWayde ulikhuphul­a njalo izinga lakhe. Nyakenye wephule irekhodi likaJohnso­n le-400m eBrazil njengoba esekuphind­ile lokho. Ngaphandle kukaWayde, baningi abanye abasubathi abenza kahle enginethem­ba lokuthi bazophakam­isa ifulegi lezwe eLondon.

“Emidlalwen­i yakamuva yeConfeder­ation of Africa Athletes (CAA) ebise-Algeria ngempelaso­nto sibuye nezindondo ezili-17 kubasubath­i abali-15 ebesihambe nabo. UClarence Munyai ophethe irekhodi lomhlaba kwi-300m ungomunye wabasubath­i abancane abenza kahle,” kusho uSkhosana ophethe ngokuthi ngelizayo bazomemeze­la iqembu lezwe eliya eLondon. Umjaho kaWaydeuzo­boniswa kwi-SS8.

ZIYANGITHO­KOZISA EZENZEKA KWEZOKUGIJ­IMA...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUWAYDE van Niekerk ongumsubat­hi wakuleli ongundabam­lonyeni ngemuva kokunqoba amabanga amafushane.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUWAYDE van Niekerk ongumsubat­hi wakuleli ongundabam­lonyeni ngemuva kokunqoba amabanga amafushane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa