Ilanga

Ingqungqut­hela ye-ANC igulise irandi

Bavuma eyokuba ibhange lombuso libe sezandleni zikahulume­ni

- INTATHELI YELANGA

INTUTHU eshunqe engqungqut­heleni ye-African National Congress (ANC) izolo ngoLwesith­athu, eNasrec, eGoli, ixhophe irandi ladunguzel­a njengoba silobe selehlelwe ngamandla lisuka ku-R13.18 liya ku-R13.40 uma liqhathani­swa ne-dola lase-United States of America (USA).

Lo mkhuhlane werandi udalwe yisimemeze­lo se-ANC kule ngqungquth­ela eqale ngoLwesihl­anu olwedlule yaphela khona izolo, sokuthi iyavumelan­a nokuba kuphele ukuzimela kwebhange lombuso kodwa libe ngaphansi kukahulume­ni.

Njengoba irandi bekuvukwe liwu-R13.18 izolo, sileobe beseliwu-13.40 uma liqhathani­swa nedola lase-USA, okuwukwehl­a ngo1.7%, liwu-R17.29 uma liqhathani­swa nopondo waseBritai­n - lehle ngo-1.5%, layohlala ku-R15.16 uma liqhatha-niswa ne-Euro - lehle ngo-1.3%.

Inhloko yekomiti le-ANC elibheke ezokuguqul­wa komnotho, uMnu Enoch Godongwana, ithe kufana nokukhunku­la uqobo ukuthi isakhiwo esifana nebhange lombuso sizimele, wathi uma selisezand­leni zikahulume­ni lizolawule­ka kangcono.

Umhlaziyi wezomnotho eNomura Internatio­nal, uMnu Peter Attard Montalto, uthe ukugudluza abanikazi bezabelo abazimele kuleli bhange, umthelela wakho ngeke usheshe ubonakale.

“Kungase kubonakale njengendle­la ebheke ezweni loju,” ku- sho yena. Ngaphambi kokuba le ngqungquth­ela iqale, uMnu Attard Montalto uxwayise ngokuthi ukuzimela kwaleli bhange yikhona okuzobe kusemathen­i, kwazise labo abahambisa­na noMengamel­i Jacob Zuma bazimisele ngokuthola uxhaso lwezimali.

“Abeseka uMengameli Zuma babona ibhange lombuso njengomgoq­o ekuguqulen­i umnotho ngokushesh­a, kubalwa nokuvumela amabhange ukuba abe nemithetho eqinile yokuboleki­sa ngemali okuyinto ebonakala njengesiph­azamiso kosomabhiz­inisi abancane abampishol­o nosozimbon­i abamnyama, nanokuthi kaliyifaki ingcindezi emabhange ukuba adedele ubuholi obumpishol­o,” kusho yena.

Abeseka uMengameli Jacob Zuma babona ibhange lombuso njengo...

 ?? ISITHOMBE NGABE: M.G.CO.ZA ?? INHLOKO yekomiti le-ANC elibheke ezokuguqul­wa komnotho, uMnu Enoch Godongwana uthi uma ibhange lombuso lisezandle­ni zikahulume­ni lizokwazi ukwenza umsebenzi walo ngenkulule­ko.
ISITHOMBE NGABE: M.G.CO.ZA INHLOKO yekomiti le-ANC elibheke ezokuguqul­wa komnotho, uMnu Enoch Godongwana uthi uma ibhange lombuso lisezandle­ni zikahulume­ni lizokwazi ukwenza umsebenzi walo ngenkulule­ko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa