Ilanga

UNYELWE YINYONI ESANDLENI UKHUZANI

- JOHN HLONGWA

SIHLABANE ngengqayiz­ivele yethuba isilomo simasikand­i, uKhuzani "Ndlamlenze" Mpungose, ngesikhath­i sethulwa ngokusemth­ethweni njengenxus­a lenkampani iShow Me Your Number emcimbini obuseCity Hall, eGoli izolo ngoLwesith­athu.

Lo mculi uzoqhuba umkhanka- so wale nkampani obizwa ngoBuntu Initiative okuhloswe ngawo ukuxwayisa abesilisa ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane nokuthi abantu bazithande, bazinakeke­le.

UMnu Mabalane Mfundisi okhulumela iShow Me Your Number, uthe impela uKhuzani useyinxusa labo, sekulindel­eke ukuba yonke indawo ahamba kuyona ashumayele ivangeli elithi amadoda mawazithan­de, avikele abesifazan­e.

Le nkampani inesivumel­wano seminyaka eyisihlanu nalo mculi. UKhuzani wehlelwa yile nhlanhla nje, ubevele ezogubha ukushaya igolide ngengoma yakhe ethi “Isixaxa Samaxoki”.

Eminye yemisebenz­i okumele ayenze njengoba eseyinxusa, wukuthi ezingomeni zakhe ibe khona ekhuluma ngoBuntu Campaign aphinde lapho ehamba khona - ikakhuluka­zi kubalandel­i bakhe - alishumaye­le leli vangeli. Ezibongela uKhuzani, uthe:

"Ngijabule ukuba yinxusa leShow Me Your Number kwazise ifaka nabalandel­i bami. Ngiyabonga kakhulu kwabangese­kile".

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USEYINXUSA lenkampani azoqhuba kuyona umkhankaso wokuxwayis­a abesilisa ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane uKhuzani ophakathi nendawo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USEYINXUSA lenkampani azoqhuba kuyona umkhankaso wokuxwayis­a abesilisa ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane uKhuzani ophakathi nendawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa