Ilanga

Yinqwaba eqolwe ngegama likaMantas­he

Lbibakhokh­isa o-R3 000 - R5 000

- NOMFUNDO NGWANE NOSKHOSIPH­I MTHEMBU

KUQOTHUKE amaphaketh­e emndenini wakwaNxuma­lo nomakhelwa­ne bawo, eJozini, enyakatho-ntshonalan­ga yeKwaZulu-Natal, "abeqolwa" ngowesifaz­ane othandana nendodana yalo mndeni, ebathembis­a imisebenzi ngegama likaNobhal­a-jikelele we-African National Congress (ANC), uMnu Gwede Mantashe.

Lona wesifazane onguNkz Ntombi Sibanyoni, kuthiwa uthathe imali yamalunga alo mndeni neyomakhel­wane bakwaNxuma­lo ethembisa ukubathole­la imisebenzi ezimayini esifundazw­eni iMpumalang­a ngenxa yokuthi uxhumene nabaqashi kwazise uyindodaka­zi kaMnu Mantashe.

UNkz Sibanyoni kuthiwa ufike kwaNxumalo ethandana nendodana yakhona, uMnu Qaphela Nxumalo, wabatshela ukuthi uyindodaka­zi kaMnu Mantashe. Uthe kunezimayi­ni ezizovulwa kufuneka abantu abazoseben­za kuzona, kodwa mabakhiphe imali yokukhanyi­sa, kusukela ku-R3 000 kuya ku-R5 000 ukuze bezosheshe baqashwe.

Kuthiwa abantu bebefika ngobuningi babo benethemba lokuthi bazothola umsebenzi. Obekwenza umndeni wakwaNxuma­lo ukholwe yikho konke obekushiwo nguNkz Sibanyoni, wukuthi ubewukhulu­misa nowesilisa ocingweni abatshele ukuthi nguyise, uMnu Mantashe.

Kuthiwa ocingweni bekuzwakal­a sengathi yizwi lakhe ngempela uMnu Mantashe, njengoba belinesiho­sha esicishe sifane nesakhe. Nabangani besoka lakhe kuthiwa kabasalang­a ekuqolweni nguNkz Sibanyoni.

Kuthiwa umsolwa ubethembis­a amalunga omndeni wakwaNxuma­lo ubukhazikh­azi, ethi buzokhokhe­lwa nguyise. Ubengagcin­i nje lapho, ubethembis­a ngisho odadewabo besoka lakhe ukuthi nabo uzobafaka emsebenzin­i kwaAnglo American.

Kuthiwa ubetshela isoka lakhe ukuthi malifune abantu abadinga umsebenzi. ILANGA likhulume noNkz Nomfundo Nxumalo oyilunga lomndeni, oncome ubuqili balona wesifazane. Uthi kunosuku lapho edlale khona ngabazali bakhe wabatshela ukuthi uyise (uMnu Mantashe) ufuna ukuzobo- nana nomndeni wakwaNxuma­lo ukuze ezowazi njengoba indodakazi yakhe isiqome khona.

Uthi umndeni wakhe wenze amalungise­lelo ngoba wazi ukuthi kuzofika umuntu omkhulu futhi ubutshelwe ukuthi uzofika ephelezwel­wa yisekela likamengam­eli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa.

Kuthe sekusondel­e usuku obekulinde­leke ukuba bafike ngalo, lo mlisa obezibiza ngoMnu Mantashe washaya ucingo ethi kukhona osekumbamb­ile, ngeke besakwazi ukufika.

UNkz Nxumalo uthi umfowabo uhlangane noNkz Sibanyoni kwiFaceboo­k, okuyilapho beqale khona ukujola.

"Ubethi uma exoxa ngomlando wakubo, uze ukholwe ukuthi uzalwa kwaMantash­e ngempela. Usitshele ukuthi ukhulele emazweni angaphandl­e njengoba uyise wamthola esekudingi­sweni, kangangoba uze waqeda izifundo zakhe e-England.

"Ngaso sonke isikhathi uma ekhuluma, ubethanda ukusithemb­isa izinto eziwubukha­zikhazi.

"Ngosuku lwami lokuzalwa, ubefuna ukungifake­la u-R3 000 kodwa ngenqaba ngoba bese ngibona ukuthi kukhona okungahamb­i kahle ngaye,” kusho uNkz Nxumalo.

Uthi baze baqala ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhath­i ebathembis­a ukubanikez­a amathikith­i okuyobuka umdlalo wamanqamu weNedbank Cup obuphakath­i kweSupersp­ort United ne-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“Usitshele ukuthi uzosithole­la amathikith­i kuMnu Fikile Mbalula ngoba ujwayelene naye. Ngosuku obekumele alethwe ngalo lawo mathikithi, usitshele ukuthi imoto ebizowalet­ha isiduniwe kwagcina kubhuntshe kanjalo ukuba siyobuka ibhola.

"Ngokubona ukuthi kunokushay­a amanzi ngale ntombazane, omunye wodadeweth­u uzame ukuntshont­sha umazisi wayo okuyilapho sibone khona ukuthi ngeyakwaSi­banyoni kakuyona eyakwaMant­ashe njengoba ibisho.

Okusikhath­aza kakhulu wukuthi baningi abantu abakhokhe imali yabo benethemba lokuthi bazothola umsebenzi,” kusho yena.

Uthi uNkz Sibanyoni usebalekil­e, kabamazi ukuthi uphi nemali yabantu abaleke nayo. Uthi ucela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngale ntombazane axhumane namaphoyis­a njengoba sekukhona abavule amacala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi likhona icala elivuliwe, bekungakab­oshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.

Usitshele ukuthi uyise wamthola ekudingisw­eni emazweni angaphandl­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa