Yinqwaba eqolwe ngegama likaMantashe
Lbibakhokhisa o-R3 000 - R5 000
KUQOTHUKE amaphakethe emndenini wakwaNxumalo nomakhelwane bawo, eJozini, enyakatho-ntshonalanga yeKwaZulu-Natal, "abeqolwa" ngowesifazane othandana nendodana yalo mndeni, ebathembisa imisebenzi ngegama likaNobhala-jikelele we-African National Congress (ANC), uMnu Gwede Mantashe.
Lona wesifazane onguNkz Ntombi Sibanyoni, kuthiwa uthathe imali yamalunga alo mndeni neyomakhelwane bakwaNxumalo ethembisa ukubatholela imisebenzi ezimayini esifundazweni iMpumalanga ngenxa yokuthi uxhumene nabaqashi kwazise uyindodakazi kaMnu Mantashe.
UNkz Sibanyoni kuthiwa ufike kwaNxumalo ethandana nendodana yakhona, uMnu Qaphela Nxumalo, wabatshela ukuthi uyindodakazi kaMnu Mantashe. Uthe kunezimayini ezizovulwa kufuneka abantu abazosebenza kuzona, kodwa mabakhiphe imali yokukhanyisa, kusukela ku-R3 000 kuya ku-R5 000 ukuze bezosheshe baqashwe.
Kuthiwa abantu bebefika ngobuningi babo benethemba lokuthi bazothola umsebenzi. Obekwenza umndeni wakwaNxumalo ukholwe yikho konke obekushiwo nguNkz Sibanyoni, wukuthi ubewukhulumisa nowesilisa ocingweni abatshele ukuthi nguyise, uMnu Mantashe.
Kuthiwa ocingweni bekuzwakala sengathi yizwi lakhe ngempela uMnu Mantashe, njengoba belinesihosha esicishe sifane nesakhe. Nabangani besoka lakhe kuthiwa kabasalanga ekuqolweni nguNkz Sibanyoni.
Kuthiwa umsolwa ubethembisa amalunga omndeni wakwaNxumalo ubukhazikhazi, ethi buzokhokhelwa nguyise. Ubengagcini nje lapho, ubethembisa ngisho odadewabo besoka lakhe ukuthi nabo uzobafaka emsebenzini kwaAnglo American.
Kuthiwa ubetshela isoka lakhe ukuthi malifune abantu abadinga umsebenzi. ILANGA likhulume noNkz Nomfundo Nxumalo oyilunga lomndeni, oncome ubuqili balona wesifazane. Uthi kunosuku lapho edlale khona ngabazali bakhe wabatshela ukuthi uyise (uMnu Mantashe) ufuna ukuzobo- nana nomndeni wakwaNxumalo ukuze ezowazi njengoba indodakazi yakhe isiqome khona.
Uthi umndeni wakhe wenze amalungiselelo ngoba wazi ukuthi kuzofika umuntu omkhulu futhi ubutshelwe ukuthi uzofika ephelezwelwa yisekela likamengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa.
Kuthe sekusondele usuku obekulindeleke ukuba bafike ngalo, lo mlisa obezibiza ngoMnu Mantashe washaya ucingo ethi kukhona osekumbambile, ngeke besakwazi ukufika.
UNkz Nxumalo uthi umfowabo uhlangane noNkz Sibanyoni kwiFacebook, okuyilapho beqale khona ukujola.
"Ubethi uma exoxa ngomlando wakubo, uze ukholwe ukuthi uzalwa kwaMantashe ngempela. Usitshele ukuthi ukhulele emazweni angaphandle njengoba uyise wamthola esekudingisweni, kangangoba uze waqeda izifundo zakhe e-England.
"Ngaso sonke isikhathi uma ekhuluma, ubethanda ukusithembisa izinto eziwubukhazikhazi.
"Ngosuku lwami lokuzalwa, ubefuna ukungifakela u-R3 000 kodwa ngenqaba ngoba bese ngibona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngaye,” kusho uNkz Nxumalo.
Uthi baze baqala ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi ebathembisa ukubanikeza amathikithi okuyobuka umdlalo wamanqamu weNedbank Cup obuphakathi kweSupersport United ne-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Usitshele ukuthi uzositholela amathikithi kuMnu Fikile Mbalula ngoba ujwayelene naye. Ngosuku obekumele alethwe ngalo lawo mathikithi, usitshele ukuthi imoto ebizowaletha isiduniwe kwagcina kubhuntshe kanjalo ukuba siyobuka ibhola.
"Ngokubona ukuthi kunokushaya amanzi ngale ntombazane, omunye wodadewethu uzame ukuntshontsha umazisi wayo okuyilapho sibone khona ukuthi ngeyakwaSibanyoni kakuyona eyakwaMantashe njengoba ibisho.
Okusikhathaza kakhulu wukuthi baningi abantu abakhokhe imali yabo benethemba lokuthi bazothola umsebenzi,” kusho yena.
Uthi uNkz Sibanyoni usebalekile, kabamazi ukuthi uphi nemali yabantu abaleke nayo. Uthi ucela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngale ntombazane axhumane namaphoyisa njengoba sekukhona abavule amacala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, usiqinisekisile lesi sigameko wathi likhona icala elivuliwe, bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.
Usitshele ukuthi uyise wamthola ekudingisweni emazweni angaphandle.