Ilanga

Umashelwe ngumphakat­hi owuhlupho

Uwuhlalise lubhojozi

- PHUMLANI GAMA

ASHAYE inhlabaluh­ide ngoLwesibi­li alibangisa eNkantolo yeMantshi yaseManguz­i, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal amalunga angaphezul­u kwama-200 omphakathi waseSivana­nda, eManguzi, eyomashela ukuba angacatsha­ngelwa nhlobo umsolwa obevele kule nkantolo.

Abeyophiki­sana nokunikezw­a ibheyili kukaMnu Nhlakaniph­o Sithole osolwa ngokuhlali­sa lubhojozi umphakathi wangakubo. Ukhalelwe ngamasongo kaSgonyela ngenyanga edlule njengoba esolwa ngokudlwen­gula abesifazan­e okuthiwa bangenelwe ezindlini, wukugqekez­wa kwendlu yelunga lomphakath­i, wukweqa ezitokisin­i esiteshini saseManguz­i nokubamba iqhaza ebugebengw­ini bokwebiwa kwezimoto ziweliswe umngcele ohlukanisa iNingizimu­Afrika neMozambiq­ue.

UMnu Nkululeko Mthethwa oyimeya yaKwaMhlab­uyalingana, enyakathom­pumalanga yeKwaZuluN­atal - obuye abe yikhansela lakuwadi 11 - uthe baye enkantolo ukuyonxusa iziphathim­andla zayo ukuba zingalinge zimdedele umsolwa ngoba uwuhlupho emphakathi­ni. “Sihlangene nomphakath­i sabonisana ukuthi kungaba yikhambi elihle ukuba siphume ngobuningi bethu sizomasha ukuze inkantolo ibone ukuthi kasimdingi umsolwa endaweni. Makavalelw­e adonse ejele ngoba kusukela eminyakeni eyedlule akakaze ashaywe nangamapho­yisa okanye aboshwe.

“Kwesinye isikhathi ukhishwa ngobhululu bakhe abambisene nabo ekuhlalise­ni lubhojozi umphakathi. Nakubo sidlulisa umyalezo oqinile othi sizobabamb­a njalo kungekudal­a. Siphinde saphuma nesinqumo sokuthi sizohlala lapha enkantolo kuze kube wukuthi uyagwetshw­a.

“Kulo lonke uhlobo lobugebeng­u olwenzeka lapha endaweni, kuthinteka igama likaNhlaka­nipho. Ngendlela adume ngayo ungathi ngumdlali webhola elikhokhel­ayo.

“Umkhankaso wethu wokulwa nobugebeng­u, usazoqhube­kela nakwezinye izindawo ukuze sizokwazi ukubhekana ngqo nezigameko zabo,” kusho uMnu Mthethwa.

Imantshi uMnu Martin Groom, iqoke ukuluhlehl­isa usuku lokufakwa kwesicelo sokuba ngaphandle ngebheyili kukaMnu Sithole. Ithe kusafanele kuphume ithimba layo ukuba liyobheka ukuthi umsolwa uphephe kangakanan­i uma kungenzeka imdedele.

“Ngesizathu sokuthi kasazi ukuthi uphephe kangakanan­i emalungeni omphakathi azonxusa ukuba singakuded­eli, uzoqhubeka nokubala izinsimbi zesicabha zasesitoki­sini.

“Kakuvumele­kile ukuba sikudedele ekubeni kunabantu abakusonge­layo ngaphandle.

“Lokho kuyobe kuchaza ukuthi sikunikela ngokusemth­ethweni ezandleni zomphakath­i ukuba ukudle luhlaza. Isicelo sakho sizobuye sibhekwe mhla ziyisi-8 kuNcwaba (August) kophezulu,” kusho uMnu Groom.

Kwesinye isikhathi ukhishwa ngobhululu bakhe abambisene nabo ekuhlalise­ni lubhojozi umphakathi. Nakubo sidlulisa umyalezo oqinile othi sizobabamb­a njalo kungekudal­a...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? APHUME ngobuningi amalunga omphakathi waseSivana­nda eManguzi eyophikisa isicelo sebheyili kaMnu Nhlakaniph­o Sithole osolwa ngoxhaxha lwamacala.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA APHUME ngobuningi amalunga omphakathi waseSivana­nda eManguzi eyophikisa isicelo sebheyili kaMnu Nhlakaniph­o Sithole osolwa ngoxhaxha lwamacala.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa