Ilanga

Kutholwe owesifazan­e enqunywe uqhoqhoqho

Kusolwa abafanyana bendawo abebemkhap­hile

- MTHOBISI SITHOLE LANGA,

UTHUKA izanya umphakathi waseNzala, eMsinga, maphakathi neKwaZuluN­atal emuva kokuba kutholakal­e owesifazan­e enqunywe, uqhoqhoqho ungaphandl­e ngoLwesibi­li.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senziwe ngabafana abancane okungonemi­nyaka eyisi-8 nonengama-20 ubudala. Ngokuthola kwe

uNkz Sendelephi “Gqezu” Ngubane (38), ubulawe kade evela komunye umuzi wakwaMbath­a khona eMsinga, obuqamama nakwakhe.

Kubikwa ukuthi uNkz Ngubane nomama wakulo muzi abeyekuwon­a, baphuza ndawonye nezinye izakhamuzi uma bezijabule­le. Kuthiwa ngenxa yokuthi ubeseqhuba imbuzi - esedle kakhulu - kwacelwa izingane zabafana ukuba zimpheleze­le kanti zizomjikel­a endleleni zimnqume ngebhodlel­a zamshiya eshonile.

Umthombo weLANGA uthi izindaba zokuthi unqunywe ngebhodlel­a zivezwe ngumfanyan­a oneminyaka eyisi-8 ubudala othi uphoqiwe, wasatshisw­a kuthiwa makabambe izandla zikaNkz Ngubane ngesikhath­i enqunywa.

Uthi kukhona okushaya amanzi ngokubulaw­a kukaNkz Ngubane ngoba onina balezi zingane kabakhombi­si ukuzwelana nomndeni ngalesi sigameko kanti kunezinsol­o zokuthi banalo ulwazi ngokwenzek­ile kwazise ngesikhath­i umphakathi ubabaza ihlazo bona bebengakha­thazekile.

Kuthiwa lona oneminyaka engama-20 ubudaba, ugcine esekuveza phambi kwamaphoyi­sa ukuthi ubethengwe ngabathile ezoholelwa ngembuzi emuva kokuphothu­la umsebenzi nakuba engaliveza­nga igama lomuntu obemthumil­e. Ugcine ethathwe ngamaphoyi­sa eyophenywa esiteshini.

“Lo muntu (uNkz Ngubane) uhlala nezingane zakhe ezincane ngoba ngonyaka wezi-2013 ushonelwe nguyise wazo, usengumunt­u obeziphili­sa ngokupatan­isa. Kalukho udlame noma ingxabano esiyaziyo ebikhona phakathi kwakhe nabanye endaweni ngoba ngisho uma esephuzile akayena umuntu odelelayo, ubezikhonz­ele ukuziculel­a.

“Kasiyazi le nto eyenziwe yilezi zingane, kasikaze siyibone eMsinga. Sinethemba lokuthi amaphoyisa azophenya liphume lonke iqiniso uma kunetulo elikhona mhlawumbe kungesikho­na ukuthi izingane beziganga,” kusho umtho- mbo.

ILANGA lithole ukuthi ngosuku lwesigamek­o amaphoyisa athathe abazali babasolwa nabo imbala kwayokwenz­iwa uphenyo ngalesi sigameko. UMnu Sibongisen­i Ngubane oyilunga lomndeni, uthi yena umenyezwe ngelinye ilunga lomphakath­i lithi libona udadewabo (uNkz Ngubane) elele kabi ngasemhosh­eni oseduze nomuzi. Uthi akapholisa­nga maseko, uphuthume khona.

”Bekubonaka­la ukuthi bebemhudul­a emuva kokumbulal­a ngoba belibonaka­la igazi kanti-ke bekulula nokumnqoba kwazise ubedle amambawu. Sidumele kakhulu ngento eyenziwe yilezi zingane kodwa sinethemba lokuthi amaphoyisa azowenza umsebenzi wawo liphume lonke iqiniso uma kuwukuthi bakhona nabanye abathintek­ayo nabo baboshwe.

“Udadewethu ubengeyena umuntu ohluphayo ngoba nokuphuza kakuyona into yamanje, ubevele ekwenza ngisho kusekhona uyise wezingane zakhe.

“Ushiye izingane ezincane esingazi sizozenzen­jani manje,” kusho uMnu Ngubane. Uthi kunezinsol­o zokuthi nokudlweng­ulwa kwenzekile kudadewabo kodwa isidumbu sisazohlol­wa.

Uveze nokuthi okwenzekil­e kuyethusa kakhulu ngoba kwenziwe yizingane ezizalwa ngabantu abaphuza naye udadewabo. Induna yendawo, uMnu Mandlenkos­i Zuma, uthi sebenovalo ngenxa yesihluku esenziwe yizingane sokubulala umuntu omdala ekhala.

“Inkulu imfihlo ekhona kule nto eyenzekile. Kasisahlel­i kahle endaweni, phela kasikaze silibone ihlazo elingaka kule ndawo. Namanje umphakathi uphithene amakhanda, sekucacile ukuthi izwe libi uma izingane ezikhasayo sezikwazi ukwenza into efana nalena,” kusho uMnu Zuma.

Uthi kakubanga wumsebenzi onzima ukubanjwa komkhondo ngoba laba bafana yibona abagcine ukubonakal­a nomufi futhi kabaphikan­ga. Utshele ILANGA ukuthi isikhwama semali ebesipheth­we nguNkz Ngubane, sitholakal­e singasenam­ali. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseMsinga ayaphenya ngaleli cala.

"Kutholakal­e owesifazan­e enqunywe uqhoqhoqho. Isizathu sokubulawa kwakhe kasikaziwa. Umsolwa oneminyaka engama-20 ubudala uboshelwe icala lokubulala uzovela eNkantolo yeMantshi eMsinga namhlanje ngoLwesine,” kusho uLt Colonel Zwane.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa