LukoKlebe olokubulawa kwekhansela
Kuzophela amahlathi ezigebengwini
SELUSEZANDLENI zethimba loKlebe elibhekene ngqo nokuphenya izigameko zokubulawa kosopolitiki elethulwe KwaZulu-Natal nguNgqongqoshe wamaPhoyisa , uMnu Fikile Mbalula, udaba lokubulawa kwekhansela laseRichmond, uMnu Sfiso Mkhize (41) olalelwe unyendle ngabantu abangaziwa bamdubula amahlandla amaningi emzimbeni nasekhanda.
UMnu Mkhize utholwe eseshonile endleleni eya kwakhe khona eRichmond ngeledlule, enamanxeba okudutshulwa.
Kutholwe amagobolondo angama-29 ezinhlamvu. UBrigadier Hangwani Mulaudzi, okhulumela oKlebe, uthi nakuba ithimba labo lithe chithi saka endaweni lizama ukuthola imininingwane ngabasolwa ababulala osopolitiki kodwa ngeke badalule indlela abasebenza ngayo nokuthi luhlobo luni lwesibhamu olusetshenziswe ukubulala uMnu Mkhize.
Kwenzeka lokhu nje, kakukapholi maseko kubulawe imenenja kaMasipala waseRichmond, uMnu Sibusiso Sithole nesekela lemeya, uNkk Thandazile Phoswa. UMnu Sithole noNkk Phoswa nabo badutshulwe ngabantu abangaziwa.
Kakukaboshwa muntu kuzona zonke lezi gameko. Okhulumela umndeni kaMnu Mkhize, uNkz Mbali Nhlangulela, uthi nabo basadidekile ngoba bezingekho izinkomba zokuthi ubengabulawa ngale ndlela umufi ngoba kakuzange kubekhona nezinsongo ake wakhala ngazo.
Nakuba kunjalo, uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Mxolisi Kaunda, ufunge wagomela wathi azophela amahlathi ezigebengwini ezibulala osopolitiki njengoba sebewaqinisile amaxhama nophiko loKlebe olusebenza ngokubambisana namaphoyisa nethimba eliqalwe nguNdunankulu Willies Mchunu.
Ekhuluma neLANGA uMnu Kaunda, uthe lesi sehlakalo senzeke ngesikhathi lapho besekunokuthula eRichmond, selehlile nezinga lobugebengu.
“Sidumele kakhulu ngoba umufi ubekhuthele kakhulu nasekulweni nobugebengu endaweni njengoba ubengusihlalo weCommunity Policing Forum endaweni,” kusho uMnu Kaunda.
Isikhumbuzo sikaMnu Mkhize sinamuhla ngoLwesine khona eRichmond.
Sidumele kakhulu ngoba umufi ubekhuthele kakhulu nasekulweni nobugebengu...