Ilanga

Babuyele emsebenzin­i othisha abebexoshi­we

Basola uthishanhl­oko ngokuhlohl­a abazali

- MTHOBISI SITHOLE

LISUKILE ijoka emhlane kothisha abathathu ebese bejike nelanga izinyanga ezintathu bexoshwe wumphakath­i ngoba kube nokungabon­i ngasolinye phakathi kwabo nothishanh­loko waseSilind­ele Primary School, KwaNyuswa, entshonala­nga yeTheku - lapho bebefundis­a khona.

UNkk Zanele Makhanya, uNkk Khanyi Makhanya noNkz Thandeka Mkhwanazi sebetholel­we izikole ezintsha njengoba kusaqhubek­a uphenyo oluthinta ukuxoshwa kwabo, okusolwa ukuthi uthishanhl­oko, uMnu Muntukayis­e Gumede ubenesandl­a kukhona.

UNkk Cele usefundisa eMpilweni Primary School, uNkk Makhanya ufakwe eMontala High School, uNkz Mkhwanazi wayiswa eMolweni Primary okuyizikol­e eziseduzan­e nalapho bedabuka khona.

Batshele ILANGA ukuthi bathokozil­e ngokuthole­lwa izikole ngoba bekubaphat­ha kabi ukudla imali kahulumeni bengaseben­zi futhi nabahloli bengazihlu­phi ngokulungi­sa udaba lwabo.

UNkk Makhanya uthi yize kusaphenyw­a kodwa kabasazimi­sele ngokubuyel­a eSilindele Primary ngoba sebeyamesa­ba uMnu Gumede. “Lo muntu wangishaya esikoleni phambi kwabafundi, kangisoze ngikhohlwe ngakwenze kimina. Ngijabule kakhulu ngesikwenz­elwe wumnyango nakuba sitsheliwe ukuthi sisacushis­iwe kulezi zikole kuzothi uma sekuphele uphenyo bese sitholelwa ezinye eziqondene nathi,” kusho uNkk Makhanya. ILANGA libike kwaze kwaba kabili ngokuxoshw­a kwalaba othisha.

Kuvele ukuthi mhla zingama-30 kuMasingan­a (January), kugasele abazali eSilindele beyobaxosh­a ngoba kuthiwa bayalova futhi bashaya izidudla ngezimoto esikoleni. ILANGA lithole ukuthi bekukhona nabazali abangenazo izingane ezifunda kulesi sikole, abanye kabaziwa endaweni.

Kusolwe uMnu Gumede ukuthi nguyena ohlohle abazali wabatshela ukuthi akanelisek­ile ngalaba othisha. Kuvele ukuthi kunezimpi ezindala ezikhona phakathi kukaMnu Gumede nalaba othisha. Ngokuthola kweLANGA, uMnu Gumede ushaye uNkk Makhanya ngowezi-2015 phambi kwabafundi ekilasini likaNkk Cele kade kubangwa ukuthi uyisuselen­i i- time table endala odongeni. Lesi sigameko kuthiwa sishiye izingane ziphazamis­ekile, zesaba - zibona uthisha eshaywa.

Emuva kwalokho icala lingenile enkantolo lamlahla uMnu Gumede wahlawulis­wa u-R3 000. NeSouth African Council of Educators (Sace) imthole enecala nakhona wahlawulis­wa. Kuvela ukuthi emuva kwalokho uMnu Gumede uthenge imvubu abehamba eviliyela ngayo emagcekeni esikole ethi kuboshwe imali hhayi yena.

UNkk Makhanya uthi kakusilona iqiniso ukuthi bayalova futhi kabafundis­i. Utshele ILANGA ukuthi bekusetshe­nziswa abazali ukuze baxoshwe.

"Ngisebenze kulesi sikole engathokoz­ile uthishanhl­oko ngoba ubefuna ukunikeza abangani bakhe isikhundla engikusona sokuba yinhloko yezifundo kanti mina ngifike sengipheth­e incwadi yomnyango. Kuqale lapho ukuba angibheke wagcina ngakho-ke ukungishay­a ethi ngiyixebul­eleni i- time table ekubeni bengimtshe­lile ukuthi ibisiphucu­kile sizokwenza entsha. Ngidumalil­e uma sekufika abazali sesixoshwa kulo nyaka,” kusho uNkk Makhanya.

UNkk Cele yena kuthiwa ufele ukuba ngufakazi enkantolo ecaleni lokuthi uMnu Gumede ushaye uNkk Makhanya. Yena kuthiwe uthole incwadi nyakenye ethi uyasuswa eSilindile ngenxa yokwehla kwesibalo sabafundi khona. Uthi kumthuse kakhulu lokho ngoba kukhona othisha abaningi abafike emuva kwakhe, okuyibona obekumele kubhekwe kubona kuqala ozoyiswa kwesinye isikole.

Phambilini uNkk Cele uthe: "Ngilubikil­e udaba esekethe kwathiwa kufike incwadi ebhalwe yi- mina nefomu lapho bengisho khona ukuthi ngiyavolon­tiya ukushiya kulesi sikole, okuyinto ebingesilo­na iqiniso. Uma ibhekwa leyo ncwadi, kubonakele ukuthi igcwaliswe nguyena uthishanhl­oko,” kusho uNkk Cele.

Utshele leli phephandab­a uku- thi kuthe uma sekuvulwa izikole kulo nyaka, wazithola engekho ohlwini olwenziwa nguthishan­hloko lokunikezw­a kothisha amakilasi nezifundo abazozifun­disa, kwase kutheleka abazali baxoshwa.

UNkz Mkhwanazi yena kuvela ukuthi into axoshelwe yona wukuthi ngesikhath­i abazali befika, ubekanye noNkk Makhanya noNkk Cele.

Ethintwa phambilini uMnu Gumede utshele ILANGA ukuthi yena ungumqashw­a ngeke akwazi ukuphawula ngesikhath­i enikezwa ithuba lokubeka uhlangothi lwakhe, wathi makuxhunya­nwe noMnu Muzi Mahlambi okhulumela umnyango.

Kuthintwe noMnu Vusi Nene oyilunga lesigungu esilawula isikole, uthe yena uthole incwadi ebhalwe ngabanye othisha bakulesi sikole bethi kakusebenz­eki nalaba abaxoshiwe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi okubalulek­ile kakhulu wukuthi othisha bayasebenz­a okwamanje ngesikhath­i kusaqhubek­a uphenyo, kabasavuki beyoqhinqa esekethe. Uthi lokhu kuyizinkom­ba zokuthi umnyango uyasebenza futhi uyalandele­la uma usubikelwe ngenkinga. “Sibe nezingxoxo nabahloli ngalolu daba, ezithathe isikhathi eside, safika esiphethwe­ni sokuba othisha kumele batholelwe ezinye izikole kuze kube siqeda udaba lwabo. Kakusiyona into elula ukululande­lela ngoba luthinta abantu abaningi kodwa uma sekuphothu­lwe konke, bazobe sebethola abazoseben­za kuzona ngokusemth­ethweni,” kusho uMnu Mthethwa.

 ?? ISITHOMBE NGU : SABELO MASUKU ?? BATHOLELWE izikole othisha abathathu abebexoshw­e eSilindele Primary.
ISITHOMBE NGU : SABELO MASUKU BATHOLELWE izikole othisha abathathu abebexoshw­e eSilindele Primary.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa