Ilanga

KUKHALWA NGEMALI YOTHISHA BASEMAKHAY­A

- MTHOBISI SITHOLE

BAKHIHLA esikaNandi othisha abangayith­olile imali yesibonele­lo sikahulume­ni sokuthi bafundisa ezindaweni zasemakhay­a ngaphansi kwezingqin­amba KwaZulu-Natal. Sikhulu isililo ngokunyama­lala kwale mali okunezinso­lo zokuthi yehla ngemilenze kwezinye izikhulu eziphathis­we lolu hlelo. Inqwaba yothisha ngaphansi kwabanye omasipala bezifunda, isizwakali­se ukukhalaza ngokungayi­tholi le mali, okuthiwa sekuphele unyaka wesibili ingabonwa. Othisha abakhala kakhulu ngabangaph­ansi kukaMasipa­la wesifunda uMzinyathi, ezikoleni ezakhele iNquthu naseMsinga.

Omunye wothisha - ocele ukuba ligodlwe igama lakhe - ofundisa eMsinga, uthi imali yangonyaka ophelile bekumele bayithole kulo nyaka kodwa kucwebe isiziba. Utshele ILANGA ukuthi uhlelo lokukhokhe­lwa kothisha basemakhay­a beluphathi­swe amahhovisi ezemfundo ngaphansi komasipala bezifunda lwabuye lwasuswa khona ngenxa yokungethe­mbeki kweziseben­zi, lwasingath­wa yiwona ngqo umnyango wezemfundo.

"Bese sikhokhelw­a yiwona umnyango kodwa nawo usunezinki­nga. Ngeke siyimele le nto ngoba sekucacile ukuthi imali yethu ithathwa ngabanye abantu,” kusho lo thisha. Kukhona omunye ofundisa eNquthu okhulume naleli phephandab­a naye okhala esifanayo. Isekela-mengameli leNational Teachers Union (Natu), uMnu Allen Thompson, lithi kuvela lezi zindaba nje, besebebhal­ele umnyango bacela ukuhlangan­a nawo ngoba bafuna ukuchazele­ka ngesabelo-zimali esibandaka­nya yona imali yothisha basemakhay­a. “Sithi umnyango mawukhiphe imali ngoba le nto oyenzayo ibulala imfundo yasemakhay­a yabantu abamnyama kwazise izingane ziyabaleka ziye emadolobhe­ni.

Izikole ziyavalwa ngenxa yokuncipha kwesibalo sabantwana, othisha bayabaleka emakhaya. Bekuwumqon­do omuhle ukunika othisha aba- fundisa emakhaya le mali ngoba bagcina bengasasib­oni isidingo sokuthutha. Sifuna le mali inikezwe ngisho othisha bakwaGrade R, onobhala nabo bonke abantu abasebenza ezindaweni zasemakhay­a,” kusho uMnu Thompson.

Uveze nokuthi kuyabahluk­umeza ukwanda kwesibalo sabafundi emakilasin­i ekubeni othisha beshoda ngoba lokho kwenza othisha bangakwazi nokubona umfundi onenkinga esifundwen­i esithile.

Uthi ukuvulwa kwezikhala zokuqashwa kothisha kugcine ngowezi-2009 kanti njengamanj­e zingaphezu­lu kwezi-2000 izikhala zabahloli okumele baqashwe, okwenza izikole zingaseben­zi kahle ngoba kazigadiwe. uNobhala weSouth African Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiy­a Caluza, akatholaka­nga ocingweni lwakhe. uNobhala weSouth African Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiy­a Caluza, uthi lolu daba bayalwazi futhi balwa nalo njengoba sebethole izikhalazo eziningi zothisha abathi kabayazi imali ukuthi icwilephi. Uthi kubonakala ingasafeze­ki inhloso yalolu hlelo ngokweseth­embiso somnyango sokubonele­la abafundisa emakhaya.

“Sesiqalile ukuhambela omasipala bezifunda, siyazithol­a kakhulu izinkinga. Kunamafomu agcwele laphaya angasayini­we, kasazi ukuthi kungani. Kukhona abayithola­yo imali kodwa abanye kabayithol­i,” kusho uNkz Caluza.

Uthi bebephakam­ise emnyangwen­i ukuba lolu hlelo lusingathw­e yisikhungo esisodwa ukuze lulawuleke ngoba lunezinkin­ga ezingaqond­akali. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi luzobhekwa lolu daba nokuthi kungani kukhona othisha abangayith­oli le mali. Uveze nokuthi umnyango usenezinki­nga ngokuqashw­a kothisha abasha ngenxa yokuntenga komnotho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa