Ilanga

BANINGI ABASHAYA AMAKHALA NGOKUTAKUL­WA KWE-SAA

- THANDEKA NGOBESE thandekang­obese@ilanganews.co.za

UNGQONGQOS­HE wezimali uMnu Malusi Gigaba ( osesithomb­eni), ugixabeze iSouth African Airways (SAA) ngesizumbu­lu semali ukutakula umkhumbi ozikayo kule nkampani ngaphezu kokuba kade ememezele ukuthi useyisusil­e ezintweni azozixaka ngazo.

UMnu Gigaba ngaleli sonto, umemezele ukuthi bazosiza le nkampani ngo-R2.3 billion ukuze ikhokhe isikweletu sayo sika-R9 billion eStandard Chartered Bank okumele ngabe ibisisiqed­ile ukusikhokh­a ngoNhlangu­lana (June) kodwa kwangenzek­a.

Lokhu kutakulwa kamuva kweSAA kwenzeka nje, ilahlekelw­e yimali engango-R30 billion. Le mali abahlaziyi bomnotho bathi ingacishe yakhe izindlu zomxhaso ezilingani­selwa ezi-300 000 zabantu abahluphek­ayo. I-South African National Civic Organisati­on (Sanco) ithi imali okugixabez­we ngayo iSAA, iwukufaka imali emgodini ongagcwali. I-Democratic Alliance (DA) ngomlomo kaMnu David Maynier, ithi kuyethusa ukuthi umnyango wezezimali ulokhu uthatha imali yabantu abahluphek­ile uyifaka kwaSAA ekubeni le nkampani ikhombisa ukuthi iyinqanawe ezikayo, kalisekho ithemba lokuthi ingaphinde ikwazi ukuzimela yenze inzuzo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa