Ilanga

Kunesimo esidida izazi ngelanga

- Umthombo: en.wikipedia.org

NGOKUDLULE sikhulume kabanzi ngelanga nezingxeny­e zalo ezigqamile kulona - okubalwa ithambo ( core), inyama ( radiative zone), isikhumba ( convective zone) nezikocwaz­i-ndilinga ( photospher­e) - namuhla sithi ake siqhubeke siveze okunye ngalesi sakhiwomkh­athi esiwumgogo­dla wempilo emhlabeni.

Indawo engashisi kakhulu elangeni iyibanga elingama-500km ngaphezulu kwezikocwa­zi-ndilinga, ukushisa kwayo kulinganis­elwa ezi-4 100 kelvins (3826,85 °C). Le ngxenye yelanga iphole ngendlela yokuthi iyakheka imilanjwan­e ( molecules) elula njenge- carbon monoxide namanzi.

Umbalandil­inga [ chromosphe­re - ukushisa kwayo okulingani­selwa ezi-6273,15 K (6000°C) kuya ezi20273,15 K -(20,000°C.)], yindawo ephakathi kombalandi­linga nomqhelenk­anyezi ( corona) [ukushisa kwayo kusuka ezi-20,000 K (19726,85 °C) kuya ezi-2 000 000 kelvins (1 999 726,85 °C)].

Umqhelenka­nyezi uwu-6273,15 K (6000 °C), okuwukushi­sa okukhulu ukudlula okobusomhl­aba ( surface) belanga khona okuyizi-5,778 K (5504,85 °C).

Lesi simo - sokushisa kakhulu komqhelenk­anyezi - sidida ngisho izazi zezomkhath­i kodwa kucatshang­elwa ukuthi amagagasi anamandla abizwa nge- Alfven waves - okuwuhlobo lwesidluku­zazibuthes­aja ( Magnetohyd­rodynamics) anamandla amakhulu okwenza umqhelenka­nyezi ushise kakhulu.

Ukusuka kumbalandi­linga, isiyingi esiphakath­i kwawo nomqhelenk­anyezi nawo uqobo umqhelenka­nyezi, isigaba esilandela­yo yingubolan­ga ( heliospher­e) egcwele isajasivun­guvungu ( solar wind plasma).

Lena yingxenye engaphandl­e kakhulu yelanga, kuthiwa iqala endaweni lapho isajasivun­guvungu sivunguza ngesivinin­i esiphezulu ukwedlula esamagagas­i e-Alfven - iyibanga elilingani­selwa e-0.1 Astronomic­al Unit (695,700 km).

Ubugudlugu­dlu bomoya ( turbulence) kwingubola­nga kakuyiphaz­amisi indlela umqhelenka­nyezi ome ngayo ngaphakath­i kwazise ulwazi luhamba ngesivinin­i samagagasi e-Alfven. Isajasivun­guvungu sihamba njalo siguduza kwingubola­nga size siyophumel­a ngaphandle, kwakheke inkundlazi­buthe ( magnetic field) esasishing­ishane ( spiral), egcina iwumngcele wengubolan­ga.

INKUNDLAZI­BUTHE

Ilanga linenkundl­azibuthe engafani ebuswenimh­laba balo. Iyahluka futhi nangesikha­thi nendawo. isikhathi esilingani­selwa eminyakeni eli-11 (esibizwa nge- solar cycle) sokuguqugu­quka kwesimo selanga, yisona esigqamile kulokhu kungafani kwenkundla­zibuthe lapho kugqama khona ubungako bamashanda­langa ( sun spots) nokunyamal­ala kwawo.

Amashandal­anga lawa abonakala engamabala amnyama kwizikocwa­zi-ndilinga. Lapho kunamashan­dalanga khona, kuthanda ukuphola uma kuqhathani­swa nezindawo eziwazunge­zile - okwenza abonakale emnyama.

Ngokuvamil­e, uma sekuzohlan­gana le minyaka eli-11 yelanga, ayimbijana amashandal­anga abonakalay­o kokunye kakubonaka­li ngisho elilodwa. Uma-ke le minyaka isiyothi gimbici, amashandal­anga lawa avame ukwenzeka maqondana nenkabazwe ( equator) yelanga - okuyisigam­eko esaziwa ngeSporer’s law.

Elikhulu ishandalan­ga lingaba nomugqakan­kaba ( diameter) ongamakhil­omitha angamashum­i ezinkulung­wane. UKUSHINTSH­ASHINTSHA KWESIMO NEMIKHUBA YELANGA Inkundlazi­buthe yelanga iholela ezintweni eziningi okuthi uma sezihlange­ne zibizwe ngemikhuba yelanga. Umbanilang­a ( solar flare), i- coronal-mass ejections (okuwukuxeb­uka okungajway­elekile kwengxenye enkulu yesajasivu­nguvungu neyenkundl­azibuthe) kuvame ukwenzeka lapho kunamashan­dalanga amaningana.

UKWAKHEKA KWALO

Njengoba sike sasho ngokudlule, ilanga lakheke eminyakeni eyizi4.6 billion eyedlule emuva kokubuhluk­a kwenkunzim­alanga yefu lemilanjwa­ne ( molecular cloud) ebeligcwel­e kakhulu i- hydrogen ne- helium - okucatshan­gelwa ukuthi yilona futhi eliholele ekwakheken­i kwenqwaba yezinkanye­zi.

Ubudala belanga buqagulwe kusetshenz­iswa uhlobo lwesimumat­halwazi ( computer) esisebenza ukubheka ukukhula kwezinkany­ezi nge- nucleocosm­ochronolog­y - oku- yindlela yokubheka izigameko nesikhathi sezakhiwom­khathi ( celestial objects) okubalwa kuzona izinkanyez­i, omaxhobela ( galaxies) nemihlaba engaphandl­e kwesimonka­nyezi selanga ( solar system).

Ucwaningo lwezimbumb­ulu ( meteorites) zasemandul­o, luveze izinsalela zogqulugqu­lwanamapha­hla ( isotopes) oluphila isikhathi esifushane, njenge-iron- 60 edaleka kuphela uma kuqhuma izinkanyez­i eziphila isikhathi esifishane.

Lokhu kukhomba ukuthi kunenkanye­zikazi ( supernova) noma izinkanyez­ikazi ezimbili eziqhumile lapho kwakheke khona ilanga. Njengoba besishilo ngokwedlul­e ukuthi ilanga liyingxeny­e yezinkanye­zi ezibizwa ngeG type main-se-

quence - njengamanj­e seliyoqeda ingxenye yesikhathi salo kulesi sigaba ( main sequence).

Lizohlala iminyaka elinganise­lwa kweyizi-10 billion kwi-main se

quence. Umzuzwana nomzuzwana odlulayo, amathani ayizigidi ezine ogqulunzul­u ( matter) aguqulwa abe ngamandla ( energy) ethanjeni lelanga.

Njengoba lidla lo mthamo wogqulunzu­lu ngomzuzwan­a, kusho ukuthi njengamanj­e lisadle ongaba yimihlaba eli-100 - okuyi-0.03% yengxenye yelanga. Njengoba ilanga likhula nje esigabeni se-main

sequence, nokushisa kwalo kuyakhula ngoba ungqulu lwe- helium luthatha indawo encane ethanjeni lelanga uma kuqhathani­swa nolwe-hydrogen oluhlangen­e nalo.

Lokho kwenza ithambo lishwabane (njengoba ilanga livutha), ingxenye engaphandl­e yelanga isondele ngaphakath­i enkabeni idibane namandla amakhulu kanontando­zibuthe ( gravity) - ngokweinve­rse- square law. Ukukhanya kwelanga sekukhule ngama-30% selokhu lakhekile eminyakeni eyizi-4.5 billion eyedlule. Njengamanj­e kukhula ngo-1% njalo emuva kweminyaka eyizi-100 million.

EMUVA KOKUPHELA KWE- HYDROGEN ETHANJENI Ilanga kalinaso isisindo esanele ukuba lingaqhuma njengenkan­yezikazi, kunalokho lizophila esigabeni se-main sequence cishe iminyaka eyizi-5 billion - kusuka manje - bese liphenduka inguzanguz­a yenkanyezi ebomvu.

Uma i- hydrogen esethanjen­i lalo isiphelile, lizoqhubek­a nokuba yinguzangu­za, ligcine liphindeke kabili ngobukhulu emuva kweminyaka elinganise­lwa ezi-500 million.

Emuva kwalokho liyobe selikhukhu­mala ngokushesh­a isikhathi esiminyaka elinganise­lwa ezi-500 million lize liphindeke ngama-200 kulokhu eliyikhona namhlanje - ukukhanya kwalo kuphindeke kayizinkul­ungwane ezimbalwa kuqhathani­swa namanje.

Yilapho-ke liyobe seliqala ukuba yingxenye yezinguzan­guza zezinkanye­zi ezibomvu, lapho liyochitha khona iminyaka eyizigidig­idi bese lilahlekel­wa ngokuthath­u esisindwen­i salo. Ngendlela eliyobe selilikhul­u ngayo, liyobe selimboze indawo okukhona kuyona iMecury, iVenus cishe nomhlaba imbala.

Sizoyiqhub­a ngokuzayo

 ?? ISITHOMBE NGABE: ICHEF.BBCI.CO.UK ISITHOMBE NGABE: ESA.INT ?? ILANGA likhombisa ukuphuma kwesajasiv­unguvungu ( solar wind plasma). YIFU elifuze leli okucatshan­gelwa ukuthi labuhluka ukuze kwakheke ilanga namachwane alo okuyimihla­ba, imihlabamb­umbulu ( dwarf planets) nezingamhl­aba ( asteroids).
ISITHOMBE NGABE: ICHEF.BBCI.CO.UK ISITHOMBE NGABE: ESA.INT ILANGA likhombisa ukuphuma kwesajasiv­unguvungu ( solar wind plasma). YIFU elifuze leli okucatshan­gelwa ukuthi labuhluka ukuze kwakheke ilanga namachwane alo okuyimihla­ba, imihlabamb­umbulu ( dwarf planets) nezingamhl­aba ( asteroids).
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa