Ilanga

Kunezimpi okufanele ungazilwi ukuze unqobe

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

INKINGA kakuyona inkinga kodwa yindlela oyibuka ngayo noyithatha ngayo okuyiyona eyinkinga. Bonke abantu abaphila phansi komthunzi welanga bekufanele balazi leli qiniso lokuthi kayikho inkinga engadluli, yonke into empilweni iyadlula.

Inkinga ingeyesikh­ashana nje. Ungabothi uma wehlelwe yisehlo bese usifaka efrijini, ungayivume­li ingqondo yakho ibe yifriji lezinkinga.

Kunezinto ezimpilwen­i zethu okufanele ngabe kade sazikhohlw­a noma zadlula futhi nje kufanele ngabe lezo zinkinga kade zabola kodwa ngenxa yokuthi uzifake efrijini, zihlale njalo zizintsha.

Umuntu udalwe kabi ukuba njalo nje uhlale ekhumbula into ebuhlungu emphatha kabi kunale emphatha kahle. Usuke udalwe kahle empilweni uma ukwazi ukudlulisa.

Uthi bewazi ukuthi uma umuntu engake angayi endlini encane, azikhulule noma nje engake angakwazi ukuzikhulu­la, angafa ngoba kunezinto ezingena ngomlomo okufanele uzidlulise zingahlali kuwena?

Mhlawumbe futhi zikhona nezinto ezingena ngamehlo nezindlebe okufane uzidlulise. Ungayiphil­i impilo yokubamba zonke izinto ezenzeke empilweni yakho ezingasile.

Into umuntu imehlela kanye sekukuyena ukuthi uyayigcina yini into emehlele. Uma ungakwazi ukuhleka, impilo iyokuhleka yona kusasa. Ngivame ukuthi yonke into eyenzekile bekufanele yenzeke ngoba isiyenzeki­le.

Ukukhula empilweni kwenza ukwazi ukwamukela ezinye izinto futhi ezinye bese uzidlulisa ungazigcin­i enhliziywe­ni yakho. Ukuphila kusivezela ngokusobal­a ukuthi uma umuntu ephefumula kunomoya awudonsayo bese kuba khona awukhiphay­o.

Bekufanele singabantu sifunde ukuthi kunezimo okufanele sizikhiphe emiqondwen­i yethu futhi nje ngingasho nginganana­zi ukuthi kunabantu okufanele empilweni yakho ubafake futhi kunokufane­le ubakhiphe.

Uma kukhona abantu abakugilil­e empilweni, kufanele wazi ukuthi ngeke bashaywe nguwena. Umuntu okugilayo empilweni akashaywa nguwena kodwa uzoshaywa lapho eya khona. Umuntu le nto ayenze kuwena uzoyenza nakwabanye ngoba ithi ingacaba ithambo ijwayele.

Ngeshwa uyothi uyayenza kwabanye kanti usebhedela abantu abangabhed­elwa futhi bayoze bamtshele ukuthi thina kasifani nobani.

Abantu abakugilay­o empilweni nabasangan­a ngegama lakho, bafana nezimpethu. Izimpethu zidla isidumbu, uma zisiqeda zibe sezi- dlana zodwa bese ziyafa.

Kunabantu empilweni abasangana ngegama lakho, bakudicile­le phansi, kufanele wazi ukuthi abantu abasangana ngegama lakho ngeke ufe ungababona­nga belwa bodwa ngoba ngeke izimpethu zingadlani zodwa.

Yingako-ke isisho sesiZulu sithi izimpethu zidle isidumbu zasiqeda zase zidlana zodwa zafa. Impi kakusiyona eyakho kodwa ingekaJeho­va.

Kunezimpi okufanele ungazilwi ukuze unqobe futhi kunabantu okuyofanel­e uvume ukuba bakuhlule ukuze wena ubahlule. Ungayilwi impi engenasico­co, ungayifaki inkinga efrijini. Yonke inkinga efikile empilweni yakho izodlula.

* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. SiseJewish Hall enkabeni yeTheku.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyaku-beka nasemkhule­kweni. *UPastor Sthembiso Zondo ungumelule­ki nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

Ungabothi uma wehlelwe yisehlo bese usifaka efrijini, ungayivume­li ingqondo...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa