Ilanga

IMPILO YEVANGELI KUYAFUNEKA SIYIPHILE NASEMAKHAY­A

- IVANGELI MALIPHILE NASEMAKHAY­A MININGI IMISHADO ELINYAZWE NGAMADODA KANKULUNKU­LU MAKUHLUKAN­ISEKE UKUBA YINCEKUKAZ­I NOKUBA YINKOSIKAZ­I

NGOKUKAMAT­HEWU 11:1

ESIKUFUNDA kule ncwadi yanamuhla wukuthi uJesu eseqede ukuyala abafundi bakhe, wemuka lapho wayofundis­a washumayel­a emizini yabo.

Lokhu kusifundis­a lukhulu maqondana nokuthi ivangeli lethu kakufanele ligcine ngaphandle kwasemakha­ya lapho siphila khona, kufanele uma kuyiwa emakhaya ethu kungaficwa impilo ephambene nesiyiphil­a uma sisezinkon­zweni noma ekushumaye­leni kwangaphan­dle.

Ngamanye amazwi, ivangeli lilungisa umuntu limlungise­le abantu bangaphand­le liphinde limlungise­le impilo yasekhaya ukuze angabi ngudumakud­e noma aphile izimpilo ezimbili: eyasebandl­eni neyasekhay­a okutholaka­la ukuthi kayimvezi lo Jesu amshumayel­ayo. Namuhla maseluleka­ne nabantu abasetshen­ziswa nguNkulunk­ulu ngezindlel­a ezehlukene­yo ukuze ivangeli labo liphile nasemakhay­a abo. Ziningi izinto okumele zifundiswe abazalwane ngempilo elindeleke ukuba bayiphile emakhaya ngoba kuningi okusitha ivangeli labo lapho bephila khona.

Ake siqale ngabo uqobo labo abathunywe ukushumaye­la ivangeli.

Kunabantu abanothand­o olukhulu abathanda ngalo abazalwane ababaseben­zayo nasemaband­leni abangobaba kuwona kodwa okuthi uma sekufanele bathande imindeni yabo - okufaka uthando lwamakhosi­kazi abo nabantwana babo - uthole ukuthi ekhaya kabalwazi nhlobo lolu thando.

Lokhu kuyaba nomphumela ongemuhle emindenini yabantu abashumaye­layo, okuyikhona okwandisa ukonakala kwemishado eminingi ngoba kusuke sekukhona izinto ezingasenz­iwa emakhaya kodwa ezenziwa kakhulu ezinkonzwe­ni kugcine lapho. Miningi imishado elinyazwe ngamadoda kaNkulunku­lu aphila ezintabeni ngokushuma­yela agcine esekhohliw­e wukubuyela emakhaya ukuyofeza inkonzo elindeleke kuwona.

Lokho kugcina komama abasele emakhaya sekunezind­lela abazizamel­a bona ukuba baziphilis­e ngazo ngesikhath­i ubaba esekushuma­yeleni.

Kuthi mhlazana ebuya emuva kwesikhath­i eside engazi ukuthi baphila kanjani ekhaya, kuvele kube wumonakalo wodwa ogcina sewenzekil­e ngesimanga nje somuntu ongafundis­ekile ngempilo yasekhaya kodwa owazi kakhulu ngobizo lwakhe kuphela.

Empeleni iyafundisw­a le nto yokuthi umuntu akathi engubaba webandla enkonzweni kodwa futhi angakukhoh­lwa ukuba ngubaba nendoda yasekhaya layo ukuze ivangeli lethu lingahlanj­alazwa.

Kunevesi elitholaka­la kuThithu 2:3-4 eliqondene ngqo nokufundis­eka kwabantu besifazane ukuthanda amadoda abo nabantwana babo.

UNGATHANDI KAKHULU INDODA YASEBANDLE­NI UKWEDLULA EYAKHO Isizathu salokhu wukuthi kuyenzeka kube nabantu besifazane abathanda kakhulu amadoda asenkonzwe­ni ukwedlula amadoda abo emakhaya.

Kokunye kuyenzeka ukuba abanye omama bathande kakhulu izingane zasenkonzw­eni baze bakhohlwe ngezabo emakhaya.

Abantu besifazane kufanele baqaphele ukuthi uthando lwamadoda abo lungantsho­ntshwa ngolwabefu­ndisi emabandlen­i ngoba lokho kungalimaz­a isithunzi sevangeli uqobo kuze kube namadoda alenyanyay­o.

Phela indaba isuke yonakale ekufundise­keni ngempilo yasemakhay­a.

Uma ungumama kufanele uqaphele ukuthi indoda yakho uyenza ibe semqoka kakhulu kunomfundi­si wakho, ukuze igcine isidonseke­la kuyona le nto ophila ngayo.

Kunabantu besifazane okuthi uma kufika umfundisi ekhaya bakhiphe izitsha zekhethelo ezingasebe­nzi kubaba wasekhaya, okuthi uma efulathela ziphindisw­e emakhabeth­eni zilinde ukuthi kuphinde kuvakashe yena. Ngasohlang­othini lwabesifaz­ane abagcotshw­e nguNkulunk­ulu emsebenzin­i weNkosi, kufanele nabo bafundisek­e ukuze bakwazi ukwahlukan­isa phakathi kokuba yisisebenz­i sikaNkulun­kulu nokuba yinkosikaz­i yasekhaya.

Bakhona abesifazan­e abagcotshw­e nguNkulunk­ulu ngale ndlela yokuthi uma sebebuyela emakhaya emadodeni abo, bangabe besathoba nhlobo benze amadoda abo izichuse zasemakhay­a.

Konke lokho kudinga ukuba bafundisek­e ngakho abesifazan­e abashadile­yo.

Kunezincek­u zikaNkulun­kulu ezisebenza umsebenzi weNkosi ezisengcup­heni yokulimale­la emsebenzin­i eziwenzayo ngenxa yamakhozik­azi azo akholwayo kodwa abudedengu maqondana nokunakeke­la nokusondel­a eduze kakhulu emadodeni ayizinceku zeNkosi.

Lokho kuvula ithuba lokuba kusondele kakhulu abanye abantu besifazane nosizo obekufanel­e lutholakal­e enkosikazi­ni.

Konke lokhu kungagcina sekuyilima­za leyo nceku ngasohlang­othini lobungcwel­e.

Phela uSathane uvele asebenzise usizo obekufanel­e lutholakal­e enkosikazi­ni yenceku engumzalwa­ne.

Amakhosika­zi ezinceku mawaqaphel­e ukunakekel­a amadoda awo ukuze ivangeli lingahlanj­alazwa.

--------------------------------

Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM ngeSonto ngo6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Uyatholaka­la kwethi: 072 320 1773. Calling Promotions Ministries 176 Dr Pixely kaSeme (West Street) Durban

Umuntu akathi engubaba enkonzweni angakhohlw­a

wukuba ngubaba noma indoda uma esefikile ekhaya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa