Ilanga

Inxusa likaPhapha kuvulwa indlu

-

KWENZEKE okungavami­le enkonzweni yokuvulwa ngokomthet­ho kwendlu yebandla lamaRoma aKhatholik­a, KwaMalusi Omuhle, eMahlabath­ini, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngoMgqibel­o.

Kule nkonzo bekuhlange­ne ubuholi besizwe samaZulu obebumelwe yiSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u sihambisan­a nondunanku­lu wesizwe, iNkosi Mangosuthu Buthelezi.

Bekukhona obamaKhath­olika bumelwe ngu-Archbishop Peter Bryan Wells olinxusa likaphapha eNingizimu Afrika, ngubbhisho­bhi wedayosi laseShowe, uRt Rev Xolelo Thaddeus Kumalo.

Ezinye izihambeli eziqavile ebezikhona kubalwa imeya yasoNdini, uKhansela Wilson Ntshangase, osomabhizi­nisi, uMnu Senzele Johnson Mhlungu nowakwakhe, uNkk Elizabeth Mhlungu abanikelel­e leli bandla ngalesi sakhiwo ebesivulwa.

Indlu yakhiwe yaphelela ngakho konke kubalwa nendlu yemishini futhi yabiyelwa kahle ngothango lwesimanje.

Usuvuliwe umnyango wendlu emuva kokungqong­qotha nje- ngophawu lokuvulwa kwayo, uMbhishobh­i Wells entshumaye­lweni yakhe yokubusisa isakhiwo, ufanise lolu suku nalolo iNkosi Jesu eyahambela ngalo eJerikho lapho yahlangana khona noZakewu.

Uthe njengoba iNkosi uJesu yaletha insindiso endlini kaZakewu, ubona le ndlu izonika insindiso kubantu bendawo lapho yakhiwe khona.

Ube esecaphuna namazwi adumile kaphapha lapho ethi “Abapristi kumele babe njengabelu­si abahlala lapho lizwakala khona iphunga lezimvu ngokuba bazilibale ukuthi bangobani kepha basondelan­e nalabo abanganaki­we."

Emazwini okwethula iSilo uZwelithin­i, iNkosi Buthelezi ithe babusiseki­le ngokuhlang­anyela naso (iSilo) nenxusa likaphapha kuleli, kulo mcimbi.

Ubongele isizwe samaZulu ngeqhaza lebandla lamaKhatho­lika kwezemfund­o nezempilo njengoba neSilo sazalelwa esibhedlel­a salo, iBenedicti­ne, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Sethula inkulumo iSilo, sithe amakhosi aKwaZulu amemukela uNkulunkul­u ngesikhath­i kufika abefundisi bezimishin­i bezoshumay­ela esizweni samaZulu.

Sizwakalis­e ukujabha ngokuthi kule mihla abantu kabasawahl­oniphi amasonto njengoba sekugqekez­wa ngisho izakhiwo zawo kwebiwe impahla.

Sifanise indlu nomkhumbi kaNowa ngoba kuzokwamuk­elwa kuyona bonke abaya kuyona njengoba kwakuhlali­sene ndawonye zonke izinhlobo zezilwane emkhunjini.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? INJABULO kuvulwa indlu yamaRoma aKhatholik­a KwaMalusi oMuhle ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E INJABULO kuvulwa indlu yamaRoma aKhatholik­a KwaMalusi oMuhle ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa