Masingagxili emasikweni ngisho izinto sezonakala
NGOMSOMBULUKO ILANGA lishicilele udaba lapho iNkosi Mwelo Nonkonyane engusihlalo weCongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa), e-Eastern Cape neNkosi Phathisizwe Chiliza engusihlalo wendlu yabaholi bomdabu KwaZulu-Natal, ekhale ngesinqumo soMnyango wezeMfundo eyisiSekelo sokugunyaza ukusatshalaliswa kwamakhondomu ezikoleni.
Yebo impela amakhosi ayazibeka izizathu zokukhala kwawo. Kasiphikisani-ke namakhosi kodwa esikubukayo wukuthi sengathi kunakho konke wona kaweneme ngokushiywa ngaphandle ohlelweni olugcine luholele esinqumeni somnyango. Kasicabangi ukuthi amakhosi angalwa nalolu hlelo ngoba ethi avikela isiko futhi ethi luzogqugquzela ukuba izingane zenze ucansi njengoba esho odabeni.
Akekho umuntu ongazi ukuthi kulesi sikhathi samanje izingane zilwenza udede ucansi. Yinqwaba yezingane eziye zibonakale sezikhulelwe, ngisho nezifunda ezikoleni zamabanga aphansi imbala. Ukusabalalisa amakhondomu sibona kuyiyona ndlela engasiza kwazise kukhona nezingane ezizalwa zinesandulela-ngculaza, zikhule naso zingazi.
Ezinye ziye zenze ucansi zingazi ukuthi zinalesi sifo kwazise nabazali bazo kabakukhuthalele ukuyozihlola - ngisho nokuzihlola bona uqobo.
Luhle impela lolu hlelo ngoba isikhathi esiphila kusona sinzima kakhulu, kungaba kuhle kakhulu ukuba amakhondomu lawa angasatshalaliswa nje, kuphela kodwa mawahambisane nokuba izingane zifundiswe ngawo futhi zigquqguzelwe ukuwasebenzisa - zibe zixwayiswa ngemiphumela yokwenza ucansi zisencane.
Uma singaphika ngokuthi isiko lithini, sizogcina siphakathi emgodini. Kawukapheli unyaka ILANGA LangeSonto libike ichilo ngezintombi nto ezihamba uMkhosi woMhlanga ezenza ucansi ngemuva ngoba zithi zizigcinile. Uma-ke kukhona izinkinga ezinjalo ezibikwayo, kusizaphi ukuzigcina ubuntombi kodwa ube wenza imikhuba ngoba izifo ziyangena ngisho ngabe ucansi ulwenza kanjani - ngaphandle kwekhondomu.
Izingane zanamuhla sekunzima nokuzikhalima kwazise imithetho eminingi ivuna zona, ngeke-ke kube lula nokuzifundisa ukuba mazihlukane nemikhuba njengoba seziyibona mihla namalanga ezinkundleni zokuxhumana. Mazigqugquzelwe ukuzigcina nokuhamba imikhosi ehambisana nalokho kodwa mayingabalekelwa eyokuthi kakuzona zonke izingane ezizokwenza lokho.
Kunezingane ezineminyaka eli-14 ubudala okuye kuvele ukuthi kazilali emakubo, ezinye zijola nabantu abadala, ezinye zimithiswa ngabantu abadala ngisho othisha bazo imbala. Singala kanjani-ke ukuba zigqugquzelwe ukusebenzisa amakhondomu bese sivika ngesiko ngoba vele konakele? Masivume ukuthi umhlaba ujikile sihambisane nesikhathi, singabambeleli emasikweni ngisho izinto zonakala. Ngisho ezindaweni zasemakhaya lapho obekuthiwa khona intombi ihlala ngentombi, izingane ezincane ziqhuba izisu, okusho ukuthi zisengcupheni yokutheleleka ngesandulela-ngculaza.
Yebo, uhulumeni ujoja iliba ngeklwa uma kuwukuthi uthatha izinqumo ushiye ngaphandle ubuholi bendabuko kwazise izindawo eziningi zasemakhaya ziholwa yibona. Nokho-ke eyokuphebeza iqhinga lokulwa nengculaza, kasiboni ifanele ngoba siphelile isizwe yilolu bhubhane, ongathi akaboni yingoba akafuni ukubona. Makungabikhona abashiywa ngaphandle uma kulwiwa naleli zimuzimu elibhuqa abantu.
Siphiwe Kunn: SIYITHANDA impela ingqephu kepha hhayi le ngubo eveza kangaka kuze kuvele isitho sangasese, hhayi ngiyala.
Khanyi Khumalo: UZODWA uyakhohlwa wukuthi lo mzimba kakuwona owakhe, uyithempeli likaNkulunkulu. UThixo akayithandi le nto, umzimba uyahlonishwa.
Fanelesibonge Hero: UYAMBONA nje uZodwa uma uzwa umlando wakhe ukuthi ibingasekho enye indlela, ubesehlulekile empilweni waqhamuka nokukhangisa ngomzimba. Mxoleleni uzama impilo naye.
Lungi Mnyandu: WAZE wangalithanda ithempeli likaJehova lo sisi ekubeni le mizimba kakuyona eyethu kepha ngamathempeli kaJehova.
Mbusiseni Musa Shezi: UMBUZO uthi lo Zodwa wathuthiswa yini ngakubo eGoli la ayewenza khona lo mhlola wokusidunusela. Yingoba eseya thina baKwaZulu-Natal?
Kamadoh HR Nkwanyana: MAKAQHUBEKE vele, angabe esayeka ngoba sekonakele kakhulu. Qhubeka ntombi noma sewungahamba ungagqoke lutho, kulungile nanazi kepha masethembe ukuthi kawunangane ngoba hleze ube yisibonelo esibi kuyona.
Jean-corah Ntombifuthi Mbatha Madondo: MYEKENI bakithi uZodwa, siphila ezweni lenkululeko.
S’shimanengenhloso Makhal’endlovu: USUKE uyihlathi obuhambisana nobushimane nje uma uwumjitha ochazwa yintombazane eyenza njengalo Zodwa wabo.
Sbongile Sbosh: QHUBEKA wena Zodwa sikhathele ngoKim Kardashian beveza izinqe bodwa sengathi thina la eNingizimu Afrika kasinabo onobuhle bethu.
Siphiwe Kunn: UBEKADE edansa kahle uZodwa, yini manje? Useshintshwe yini okanye usejoyine lo sisi wengubo ephuzi okuthiwa nguSkolopad? Kunzima kwelikaMthaniya!
Thandeka Thusi: KWALO mdanso wakhe kawukaze ube muhle nje, uZodwa ngoba konke la edansa khona uyagovoza nje.
MakaKhehlo Bz Bazamile Khuzwayo: AKUSEKHO nadokotela nje wengqondo onganikela asize le ngane yomfazi? Safa wukubuka imijwaqu yamathanga. Uhlambalaza abazali bakhe nje lo sisi.
Dumakude Mokoatle: UMA enengane uthi mayifunde siphi isifundo ngokuvezela izwe lonke umzimba wakhe lo mama? Siyoyicela ivuthiwe.
Sgwili Ntombela: KANGIGXEKI futhi kangincomi. Ngibabaza nje isibindi kule ntokazi, hhayi, singangesendlovu.
Mhlengi Mchunu: ABOKE bamhlole nengqondo phela lo Zodwa Wabantu ngoba kuzothiwa kusahamba kahle kanti i-network yomqondo isiyakhatha.
Mbalie Bongiweh Shabangu: CHA lihle nje iqiniso, uZodwa Wabantu wehluleke wancama ukuthola umsebenzi wabe esebona kungcono asebenzise izinqe ukuba aphumelele.
Simo Derrick Jomo Sibiya: NGIYABONGA kwabesifazane abazwakala beyigxeka le nto kaZodwa ezinkundleni zokuxhumana ngoba bengilindele ukuba nimvune nithi ninamalungelo. Izihlwele zabantu zijabulela ukubona inkomo yomuntu abangeke bayithole nje hhayi ngoba uZodwa enza into enhle.
Nontobeko Maphumulo: KAKUQALI ngoZodwa, nakudala kwakugqokwa kanje, befihla ngaphambili kuphela. Wenza kahle Zodwa ungabi namahloni ngobuntombi bakho.
Mthokozisi Mthoh Statanyiswa: UYOGCINA ngakho ukuthandwa ngothathekile, mina nje kakuthi diki. Umi kahle impela kodwa akasemuhle emehlweni ami ngoba ufuna udumo ngokuhamba-ze.
Mbalie Bongiweh Shabangu: NGAMANYALA lawa, sizozitshelani izingane zethu uma kunabantu abafana noZodwa? Cha siphila emizuzwini yokugcina.
Kim Mu Dlomo: NOMA angathini,
uyisibonelo esibi ezinganeni zethu. Nabezindaba mabafunde ukuyihlola into engamanyala, bangasibonisi yona njengale nto engasile yalo sisi. Intsha yethu nithi mayibukeni la?
Fisto Fani Khumalo: NGIZWE kuthiwa uZodwa uthi ugqoke kanjeyaya ngoba ubengeke abaphoxe abalandeli bakhe. Kazi ngobani labo abangasile kanjena abalandela umuntu onje.
Bheki Khumalo: KUSHO ukuthi akanandoda, ngabe kade yamkhuza. Kayikho phela indoda engavuma umzimba womuntu wayo uhambe uvezelwa wonke umuntu.
Thandeka Thusi: KAKUKHONA neze ukuzithanda lokhu, lo dadewethu unenkinga. Kuhle ukuduma, yebo, kodwa asiboyibheka phela into esiduma ngayo ukuthi iyabuveza yini ubuchopho bakho.
Sibonakaliso Mngoma: INKINGA wukuthi ezinye izinhlanga ngeke ziwenze lo msangano kaZodwa. Yila kwabakithi abamnyama nje la kuxake khona.
Pastr France Thami Mthethwa: KUNENGOMA yakudala eyayithi “dlala ngento onayo.” Lo sisi wenza leyo nto esivele yamenza waduma kakhulu futhi waba nemali. Nokho ngiyamvuma, unesibindi. Avele abhushuzele nje!
Skwash Darky Mgilane: CISHE umzali wakhe kuthi makakhale uma embona ehamba ezihlambalaza kanje.
Bheki Ayanda: HHAYI cha kunzima kuleli lizwe bakithi! Angithi amalungelo wonke lawa? Sengathi asesebenza nasendaweni engafanele kepha.
Nomvula MahkaZenande Khumalo: LO sisi ume kahle futhi umzimba wakhe muhle kodwa kangiyivumi indlela yokuthi abantu besifazane mabazithande ngendlela enjengale enza ngayo uZodwa. Owesifazane ozithandayo uyawuhlonipha umzimba wakhe, awugqokise nangendlela enesizotha. Kepha-ke sikhuliswa ngabazali abangafani.
Yinqwaba yezingane ezikhulelwa, nezifunda ezikoleni zamabanga aphansi.