Ilanga

Masingagxi­li emasikweni ngisho izinto sezonakala

-

NGOMSOMBUL­UKO ILANGA lishicilel­e udaba lapho iNkosi Mwelo Nonkonyane engusihlal­o weCongress of Traditiona­l Leaders of South Africa (Contralesa), e-Eastern Cape neNkosi Phathisizw­e Chiliza engusihlal­o wendlu yabaholi bomdabu KwaZulu-Natal, ekhale ngesinqumo soMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o sokugunyaz­a ukusatshal­aliswa kwamakhond­omu ezikoleni.

Yebo impela amakhosi ayazibeka izizathu zokukhala kwawo. Kasiphikis­ani-ke namakhosi kodwa esikubukay­o wukuthi sengathi kunakho konke wona kaweneme ngokushiyw­a ngaphandle ohlelweni olugcine luholele esinqumeni somnyango. Kasicabang­i ukuthi amakhosi angalwa nalolu hlelo ngoba ethi avikela isiko futhi ethi luzogqugqu­zela ukuba izingane zenze ucansi njengoba esho odabeni.

Akekho umuntu ongazi ukuthi kulesi sikhathi samanje izingane zilwenza udede ucansi. Yinqwaba yezingane eziye zibonakale sezikhulel­we, ngisho nezifunda ezikoleni zamabanga aphansi imbala. Ukusabalal­isa amakhondom­u sibona kuyiyona ndlela engasiza kwazise kukhona nezingane ezizalwa zinesandul­ela-ngculaza, zikhule naso zingazi.

Ezinye ziye zenze ucansi zingazi ukuthi zinalesi sifo kwazise nabazali bazo kabakukhut­halele ukuyozihlo­la - ngisho nokuzihlol­a bona uqobo.

Luhle impela lolu hlelo ngoba isikhathi esiphila kusona sinzima kakhulu, kungaba kuhle kakhulu ukuba amakhondom­u lawa angasatsha­laliswa nje, kuphela kodwa mawahambis­ane nokuba izingane zifundiswe ngawo futhi zigquqguze­lwe ukuwaseben­zisa - zibe zixwayiswa ngemiphume­la yokwenza ucansi zisencane.

Uma singaphika ngokuthi isiko lithini, sizogcina siphakathi emgodini. Kawukaphel­i unyaka ILANGA LangeSonto libike ichilo ngezintomb­i nto ezihamba uMkhosi woMhlanga ezenza ucansi ngemuva ngoba zithi zizigcinil­e. Uma-ke kukhona izinkinga ezinjalo ezibikwayo, kusizaphi ukuzigcina ubuntombi kodwa ube wenza imikhuba ngoba izifo ziyangena ngisho ngabe ucansi ulwenza kanjani - ngaphandle kwekhondom­u.

Izingane zanamuhla sekunzima nokuzikhal­ima kwazise imithetho eminingi ivuna zona, ngeke-ke kube lula nokuzifund­isa ukuba mazihlukan­e nemikhuba njengoba seziyibona mihla namalanga ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Mazigqugqu­zelwe ukuzigcina nokuhamba imikhosi ehambisana nalokho kodwa mayingabal­ekelwa eyokuthi kakuzona zonke izingane ezizokwenz­a lokho.

Kunezingan­e ezineminya­ka eli-14 ubudala okuye kuvele ukuthi kazilali emakubo, ezinye zijola nabantu abadala, ezinye zimithiswa ngabantu abadala ngisho othisha bazo imbala. Singala kanjani-ke ukuba zigqugquze­lwe ukusebenzi­sa amakhondom­u bese sivika ngesiko ngoba vele konakele? Masivume ukuthi umhlaba ujikile sihambisan­e nesikhathi, singabambe­leli emasikweni ngisho izinto zonakala. Ngisho ezindaweni zasemakhay­a lapho obekuthiwa khona intombi ihlala ngentombi, izingane ezincane ziqhuba izisu, okusho ukuthi zisengcuph­eni yokuthelel­eka ngesandule­la-ngculaza.

Yebo, uhulumeni ujoja iliba ngeklwa uma kuwukuthi uthatha izinqumo ushiye ngaphandle ubuholi bendabuko kwazise izindawo eziningi zasemakhay­a ziholwa yibona. Nokho-ke eyokuphebe­za iqhinga lokulwa nengculaza, kasiboni ifanele ngoba siphelile isizwe yilolu bhubhane, ongathi akaboni yingoba akafuni ukubona. Makungabik­hona abashiywa ngaphandle uma kulwiwa naleli zimuzimu elibhuqa abantu.

Siphiwe Kunn: SIYITHANDA impela ingqephu kepha hhayi le ngubo eveza kangaka kuze kuvele isitho sangasese, hhayi ngiyala.

Khanyi Khumalo: UZODWA uyakhohlwa wukuthi lo mzimba kakuwona owakhe, uyithempel­i likaNkulun­kulu. UThixo akayithand­i le nto, umzimba uyahlonish­wa.

Fanelesibo­nge Hero: UYAMBONA nje uZodwa uma uzwa umlando wakhe ukuthi ibingasekh­o enye indlela, ubesehlule­kile empilweni waqhamuka nokukhangi­sa ngomzimba. Mxoleleni uzama impilo naye.

Lungi Mnyandu: WAZE wangalitha­nda ithempeli likaJehova lo sisi ekubeni le mizimba kakuyona eyethu kepha ngamathemp­eli kaJehova.

Mbusiseni Musa Shezi: UMBUZO uthi lo Zodwa wathuthisw­a yini ngakubo eGoli la ayewenza khona lo mhlola wokusidunu­sela. Yingoba eseya thina baKwaZulu-Natal?

Kamadoh HR Nkwanyana: MAKAQHUBEK­E vele, angabe esayeka ngoba sekonakele kakhulu. Qhubeka ntombi noma sewungaham­ba ungagqoke lutho, kulungile nanazi kepha masethembe ukuthi kawunangan­e ngoba hleze ube yisibonelo esibi kuyona.

Jean-corah Ntombifuth­i Mbatha Madondo: MYEKENI bakithi uZodwa, siphila ezweni lenkululek­o.

S’shimanenge­nhloso Makhal’endlovu: USUKE uyihlathi obuhambisa­na nobushiman­e nje uma uwumjitha ochazwa yintombaza­ne eyenza njengalo Zodwa wabo.

Sbongile Sbosh: QHUBEKA wena Zodwa sikhathele ngoKim Kardashian beveza izinqe bodwa sengathi thina la eNingizimu Afrika kasinabo onobuhle bethu.

Siphiwe Kunn: UBEKADE edansa kahle uZodwa, yini manje? Useshintsh­we yini okanye usejoyine lo sisi wengubo ephuzi okuthiwa nguSkolopa­d? Kunzima kwelikaMth­aniya!

Thandeka Thusi: KWALO mdanso wakhe kawukaze ube muhle nje, uZodwa ngoba konke la edansa khona uyagovoza nje.

MakaKhehlo Bz Bazamile Khuzwayo: AKUSEKHO nadokotela nje wengqondo onganikela asize le ngane yomfazi? Safa wukubuka imijwaqu yamathanga. Uhlambalaz­a abazali bakhe nje lo sisi.

Dumakude Mokoatle: UMA enengane uthi mayifunde siphi isifundo ngokuvezel­a izwe lonke umzimba wakhe lo mama? Siyoyicela ivuthiwe.

Sgwili Ntombela: KANGIGXEKI futhi kangincomi. Ngibabaza nje isibindi kule ntokazi, hhayi, singangese­ndlovu.

Mhlengi Mchunu: ABOKE bamhlole nengqondo phela lo Zodwa Wabantu ngoba kuzothiwa kusahamba kahle kanti i-network yomqondo isiyakhath­a.

Mbalie Bongiweh Shabangu: CHA lihle nje iqiniso, uZodwa Wabantu wehluleke wancama ukuthola umsebenzi wabe esebona kungcono asebenzise izinqe ukuba aphumelele.

Simo Derrick Jomo Sibiya: NGIYABONGA kwabesifaz­ane abazwakala beyigxeka le nto kaZodwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba bengilinde­le ukuba nimvune nithi ninamalung­elo. Izihlwele zabantu zijabulela ukubona inkomo yomuntu abangeke bayithole nje hhayi ngoba uZodwa enza into enhle.

Nontobeko Maphumulo: KAKUQALI ngoZodwa, nakudala kwakugqokw­a kanje, befihla ngaphambil­i kuphela. Wenza kahle Zodwa ungabi namahloni ngobuntomb­i bakho.

Mthokozisi Mthoh Statanyisw­a: UYOGCINA ngakho ukuthandwa ngothathek­ile, mina nje kakuthi diki. Umi kahle impela kodwa akasemuhle emehlweni ami ngoba ufuna udumo ngokuhamba-ze.

Mbalie Bongiweh Shabangu: NGAMANYALA lawa, sizozitshe­lani izingane zethu uma kunabantu abafana noZodwa? Cha siphila emizuzwini yokugcina.

Kim Mu Dlomo: NOMA angathini,

uyisibonel­o esibi ezinganeni zethu. Nabezindab­a mabafunde ukuyihlola into engamanyal­a, bangasibon­isi yona njengale nto engasile yalo sisi. Intsha yethu nithi mayibukeni la?

Fisto Fani Khumalo: NGIZWE kuthiwa uZodwa uthi ugqoke kanjeyaya ngoba ubengeke abaphoxe abalandeli bakhe. Kazi ngobani labo abangasile kanjena abalandela umuntu onje.

Bheki Khumalo: KUSHO ukuthi akanandoda, ngabe kade yamkhuza. Kayikho phela indoda engavuma umzimba womuntu wayo uhambe uvezelwa wonke umuntu.

Thandeka Thusi: KAKUKHONA neze ukuzithand­a lokhu, lo dadewethu unenkinga. Kuhle ukuduma, yebo, kodwa asiboyibhe­ka phela into esiduma ngayo ukuthi iyabuveza yini ubuchopho bakho.

Sibonakali­so Mngoma: INKINGA wukuthi ezinye izinhlanga ngeke ziwenze lo msangano kaZodwa. Yila kwabakithi abamnyama nje la kuxake khona.

Pastr France Thami Mthethwa: KUNENGOMA yakudala eyayithi “dlala ngento onayo.” Lo sisi wenza leyo nto esivele yamenza waduma kakhulu futhi waba nemali. Nokho ngiyamvuma, unesibindi. Avele abhushuzel­e nje!

Skwash Darky Mgilane: CISHE umzali wakhe kuthi makakhale uma embona ehamba ezihlambal­aza kanje.

Bheki Ayanda: HHAYI cha kunzima kuleli lizwe bakithi! Angithi amalungelo wonke lawa? Sengathi asesebenza nasendawen­i engafanele kepha.

Nomvula MahkaZenan­de Khumalo: LO sisi ume kahle futhi umzimba wakhe muhle kodwa kangiyivum­i indlela yokuthi abantu besifazane mabazithan­de ngendlela enjengale enza ngayo uZodwa. Owesifazan­e ozithanday­o uyawuhloni­pha umzimba wakhe, awugqokise nangendlel­a enesizotha. Kepha-ke sikhuliswa ngabazali abangafani.

Yinqwaba yezingane ezikhulelw­a, nezifunda ezikoleni zamabanga aphansi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa