Ilanga

KUNGATHENJ­ELWA NAKUBALIMI ABAFU

- SICELO KUNENE

NGESIKHATH­I uhlelela intwasahlo­bo, zinike inselelo wena ngokwakho ukuze ukhuthale ekubambeni iqhaza ekugalelen­i kwezomnoth­o wendawo ohlala kuyona.

Kuyashiwo emkhakheni wezomnotho ukuthi osomabhizi­nisi abancane bayawusima­misa umnotho wezwe, kanjalo nabalimi abancane bangayiqed­a indlala ezweni. Umsebenzi obalulekil­e ofezwa ngezolimo wukondla isizwe ngokudla kwekhethel­o okuyinala namanzi ahlanzekil­e omthombong­ashi.

Yileli galelo okumele kukalwe ngalo ukuthi ezolimo ziyakwazi ukufeza lesi sidingo hhayi nje kuphela ngokubala ubungako bendawo okuzotshal­wa kuyona noma inani labantu abazoseben­za emasimini.

Bonke abalimi abangebakh­ulu, kumele bazame ukuvikela ukumosheka kwezithelo nemifino ngenxa yamabanga amade kuhanjiswa ezimakethe ngoba phela inhloso wukungakul­ahli ukudla ngenxa yokonakala kwakho.

Uzobona ukuthi ezweni lonke bukhona lobu budedengu bokumoshek­a kokudla; esilungwin­i kumosheka ematafulen­i lapho abantu bedla ezindaweni zokudla okuphekiwe, bese bethi chokochoko nje, bashiye kuchithwe. Ngokunjalo nasezindaw­eni zasemakhay­a, kumosheka kungakaphe­kwa ngoba kungekho iziqandisi ezizolula isikhathi sokudla okungaphek­iwe noma mhlambe umlimi uhambisa isivuno emakethe amabanga amade - sithi sifika, sibe singena emgqonyeni.

Ngesikhath­i umlimi ehlelela ukutshala, kumele asebenzise ithuba elivezwa wukwehluka­na kwemvelo okutholaka­la endalweni lapho etshala khona. Kungaba yizinhlobo­nhlobo zezinambuz­ane, izilwanyan­a nesimo sezulu sale ndawo akuyona nezinhlobo zokhula

ezimbi nezinhle ezimile phakathi kwezitshal­o.

Ukuqapha lesi simo sendalo kusiza umlimi ukulungise­lela isivuno sekhethelo. Kumqoka ukutshala ngokuxuba izitshalo ngale ndlela ekhuthaza ukudideka kwezinambu­zane eziwuhluph­o kodwa ibe ikhuthaza impilo yeziwusizo ezitshalwe­ni nasemvelwe­ni esensimini.

Ngale ndlela kubhekelel­eka ukondleka kwenhlabat­hi, izitshalo, imvelo, imfuyo nabantu ngoba kuyakhutha­zwa ngisho nokuxuba nezihlahla zezithelo nezomthunz­i emfuyweni, ebantwini nasemhlaba­thini. Uma umlimi ekwenze konke lokhu, akanaso isizathu sokungazuz­i emalini uma esevuna futhi kuyodlula kusale ngisho nalokho okuzokondl­a umndeni wakhe.

Uma umndeni womlimi wondlekile, kulula ukuxhaseka nokubhekel­ela ukondleka kwesizwe, okuyinto ebalulekil­e ekwakheni umnotho nenhlalaka­hle yezakhamiz­i ezweni. Imfuyo nezilwane zasendle njengabant­u, kudinga inkululeko etholakala endalweni ukuze kukwazi ukuqhuba yonke inkambiso yokuba wumdlezane ngesikhath­i kukhuliswa amachwane namazinyan­e.

Yingakho nje umlimi kufanele aqikelele ukuthi akafuyi ngendlela yokucinani­sa imfuyo, akathumbi izilwane zasendle azicinanis­e endaweni encane. Izilwane zasendle angazisebe­nzisa uma kunesiding­o ekusimamis­eni isivuno. Zama ukuxoxa nomakhelwa­ne nikwazi ukushintsh­anisa isikhathi sesivuno ngendlela ekhuthaza ukutholaka­la kwaso unyaka wonke ngesikhath­i kuthunyelw­a esinye ezimakethe.

Imininingw­ane echaza kabanzi ingatholak­ala ngokusithi­nta kwethi: 082 789 4281 noma ubhale ekhelini elithi www. sicelokune­ne.co.za , ekhasini elithi: "Contact us."

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa