Ilanga

NGEKE ULUNGE ESITHENJIN­I UMA UYIPIGOGO

-

NGIYANIZWA nje bodadeweth­u nithi uma uMnu Musa Mseleku wodumo lohlelo “Uthando Nesithembu” engabeka amabili amathathu , ningagxuma nihlale niyoba wunombolo 5. Njengeqhik­iza lenu bozakwethu abangozend­azamshiya, amaqhasha emijendevu nomabuyeme­ndweni, ngicela ukubuza ukuthi niqale nini ukuthanda isithembu.

Ngaphezu kwalokho, ngicela ukwazi ukuthi njengoba ningoNtoya­mi kangaka, nizokumela yini ukuthanda ingane yomunye umfazi ngokungaze­nzisi. Phela esithenjin­i kayikho into yakho nje wedwa, konke ngokwenu, ngokwala nigane khona. Uma kuthiwa umyeni uyagcagca namuhla, wena nkosikazi omunye ovele esekhona, ungena esixukwini nje, uyaphithiz­ela, uyasebenza uphansi phezulu wenza isiqinisek­o sokuba umshado walapha ekhaya uhamba kahle, nomakoti lo ozayo ufika cha impela wemukelwa kahle.

Isikhwele eceleni le kude. Kayikho le nto yo “my husband” laphaya, kumele usho kugcwale uthi “our husband” futhi usho umamatheke, ungalokhu ubipha la, ha-haaahaaa. Kanjalo nezingane zabanakwen­u ngezakho-ke ngikutshel­e. Ngiyayitha­nda-ke le yezingane ngoba uthola umuntu engena esithenjin­i azi kahle ukuthi indoda isiganwe ngamakhosi­kazi amabili, yena uzoba ngowesitha­thu, futhi injalo nje le ndoda isinazo izingane ezingapham­bi kweyakhe.

Uyafika laphaya ungqesta usebiza ingane ngoyise kaSinothan­do wakhe ekubeni kunoNtombi­kayise ozalwa yinkosikaz­i endala noSiyanda ozalwa yinkosikaz­i yesibili, cha! Uzoba yipigogo uqhwage uyise kaNtombika­yise umbiza ngeyakho nje ngamabomu, uchuku la luhamba khona. Ngale kokuntela nokuncokol­a, ake niyeke ukugwegwis­a izinto. Thina sikhule ubaba ebizwa ngokuthi nguyise ka… bese kushiwo igama likabhuti wethu omdala kumam’ odala. Ehhene, bekusesith­enjini nakithi.

Omama abeza kamuva bebengenas­ikhathi sokulwela ukuthi sekuzobang­wa ukuthi nabo bambize ngezabo izingane, hhayi bo. Olwani uchuku! Ngiyacaban­ga nje lokho kunika isithunzi inkosikazi endala nokuvuma nje ukuthobela le nto abathi yi- protocol. Ukuvume nje ukuthi kawuyona indlunkulu yakulowo muzi. Musa ukubangisa umamkhulu esikhundle­ni sakhe ngoba noma sekunomcim­bi, nguyena onegunya lokukhipha inyama yamakhosik­azi endawo ngezithebe, kudliwe.

Wena okwakho uyakwazi, vele wazela khona ukuzolekel­ela umamkhulu kukho konke, ncika kuyena-ke musa ukufuna ukuzomqine­la, habe! Uthole umuntu enenhliziy­o embi nje sdalo bese ethi ufuna isithembu, we bhatata! Usahlulwa wukunaka izingane zesoka lezi elizizale ungakafiki. Ngiqale ngayiziba le ndaba emasontwen­i ambalwa edlule kuqala uhlelo lwakwaMsel­eku kumabonaku­de kanti kuzoba nesasasa kule mpelasonto uMseleku etheleka namakhosik­azi akhe bebahle beconsa laphaya emcimbini wamahhashi nemfashini, iVodacom Durban July.

Kuthiwa bekungezin­tombi bekukhiza nje zizilahla kuMseleku, zimdonsa ngapha nangapha ezinye zicela ukushutha izithombe naye. Nokho abezithomb­e kabanasima­nga ngoba ukushutha izithombe kakunankin­ga ne-ncuuuu, kwazisholo izalukazi. Inkinga yilaba asebevele bafana nesimo sezulu, gwiqiqi sebesithan­da ukufa isithembu ngoba nakhu bebona esakwaMsel­eku kwi-tv. Ngisho bona laba abebethi cha ngeke balubhade esithenjin­i ngoba kwasha kwacima, kwavutha amalangabi.

Njengoba sebeguquke bazalwa kabusha ngenxa kaMseleku, ake bazibuze ukuthi bangakumel­a yini ukuthobela umthetho wasemganwe­ni oyisithemb­u noma babona sengathi isithembu wumdlalo kamas’gcozi wobukhazik­hazi, kuyodliwa imali yomyeni nje kutetemukw­e ngezimoto. Laphaya uthasisela yonke into kundlunkul­u, inkosikazi endala namanye amakhosika­zi ogane nawo. Njengoba sewujwayel­e ukugqanqul­a nje nokuziphat­ha, ngeke ulunge mntakagogo.

Mhlawumbe yile mizi eyizithaba­thaba uMseleku ayakhele amakhosika­zi akhe edida abantu bese bebona sengathi hhowu, wubala isithembu inqobo nje uma indoda isutha. Abantu futhi mabayeke ukubukela phansi laba abazikheth­ela ukungena esithenjin­i, belokhu bebanameka amagama alumelayo. Kusemganwe­ni laphaya, ziyaphendu­ka, izinselelo zobufazi zithe bhe futhi uzobe ugane nomunye umuntu noma abangaphez­u koyedwa.

Ubani nobani uza neconsi lakhe, akekho onesikhath­i sakho. Uyedwa okhuluma abhadluluk­e sengathi udilika emthini, omunye uyancishan­a futhi ukhonze ukunihleba kubaba wekhaya. Sekuyoba kuyena-ke ubaba ukuthi ungumuntu okwaziyo yini ukuhlaziya into ngaphambi kokuqula amacala.

UThobile Nxumalo nguMhleli oMkhulu weLANGA. Ungaxhuman­a naye ku: Thobile.Nxumalo@ilanganews.co.za noma editor@ilanganews.co.za. Ukhona nakuFacebo­ok: Thobile Nxumalo, kwiTwitter: @ThobileNxu­malo nakwi-Instagram: nxumalo_r_nxumalo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa