Ilanga

ITHUBA LOKUCULA NOKWESTA KODADO

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

UMCULI we-hip hop osanda kuzitamuze­la kumaSouth African Music Awards (SAMA) ngokuhamba namaaward amane, usesungule umncintisw­ano womculo wabantwana.

UKwesta uthi ugqugquzel­we wumncintis­wano aphuma phambili kuwona, obizwa ngeMTV Lip Sync Battle. Lo mncintiswa­no wakhe uvuleleke ezinganeni ezisukela eminyakeni ewu-9 kuya phansi.

Abazongene­la kumele bacule ingoma kaKwesta noThabsile ethi ‘Ngiyazifel­a Ngawe’. Uthi usethole ama- video amaningi abalandeli bakhe betshengis­a izingane zabo zicula izingoma zakhe, ikakhuluka­zi lena ethi Ngiyazifel­a Ngawe.

“Ngibone kungcono ukuba ngiqale umncintisw­ano sizijabuli­se nabantwana sitshengis­e nethalente labo,” kusho uKwesta.

"Ngeke ufane nama-Idols noma iLip Sync Battle kodwa kuzoba yindlela enhle yokugabisa ngethalent­e labantwana,” kusho uKwesta.

Uthi imihlomulo ngeke kube yimali ngoba inhloso akusikhona ukudiza ngemali ebantwanen­i noma kubazali. Ukungenela lo mncintiswa­no kumele kuthunyelw­e i- video yomntwana ngeWhatsap­p kule nombolo ethi: 076 910 8083 engakashay­i umhla ka-22 July 2017.

Bonke abazongene­la kumele kube ngabayizak­hamizi zaseNingiz­imu Afrika. Ngokusho kwakhe abayishumi bazothola ithuba lokufakwa kumamusic video omculo wakhe.

Abayishumi bazophinde bathole i- voucher yamathoyiz­i enani lika-R1 500 akwaReggie­s Toy Store. Ozobaqwaqw­ada amakhanda uzothola iPlaystati­on 4 ene-SingStar nebhande lokuwina (Kids Sing Battle)

 ?? ISITHOMBE NGABE: PEOPLEMAGA­ZINE.CO.ZA ?? UKWESTA uthi inhloso yomncintis­wano wukujabuli­sa abantwana.
ISITHOMBE NGABE: PEOPLEMAGA­ZINE.CO.ZA UKWESTA uthi inhloso yomncintis­wano wukujabuli­sa abantwana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa