ITHUBA LOKUCULA NOKWESTA KODADO
UMCULI we-hip hop osanda kuzitamuzela kumaSouth African Music Awards (SAMA) ngokuhamba namaaward amane, usesungule umncintiswano womculo wabantwana.
UKwesta uthi ugqugquzelwe wumncintiswano aphuma phambili kuwona, obizwa ngeMTV Lip Sync Battle. Lo mncintiswano wakhe uvuleleke ezinganeni ezisukela eminyakeni ewu-9 kuya phansi.
Abazongenela kumele bacule ingoma kaKwesta noThabsile ethi ‘Ngiyazifela Ngawe’. Uthi usethole ama- video amaningi abalandeli bakhe betshengisa izingane zabo zicula izingoma zakhe, ikakhulukazi lena ethi Ngiyazifela Ngawe.
“Ngibone kungcono ukuba ngiqale umncintiswano sizijabulise nabantwana sitshengise nethalente labo,” kusho uKwesta.
"Ngeke ufane nama-Idols noma iLip Sync Battle kodwa kuzoba yindlela enhle yokugabisa ngethalente labantwana,” kusho uKwesta.
Uthi imihlomulo ngeke kube yimali ngoba inhloso akusikhona ukudiza ngemali ebantwaneni noma kubazali. Ukungenela lo mncintiswano kumele kuthunyelwe i- video yomntwana ngeWhatsapp kule nombolo ethi: 076 910 8083 engakashayi umhla ka-22 July 2017.
Bonke abazongenela kumele kube ngabayizakhamizi zaseNingizimu Afrika. Ngokusho kwakhe abayishumi bazothola ithuba lokufakwa kumamusic video omculo wakhe.
Abayishumi bazophinde bathole i- voucher yamathoyizi enani lika-R1 500 akwaReggies Toy Store. Ozobaqwaqwada amakhanda uzothola iPlaystation 4 ene-SingStar nebhande lokuwina (Kids Sing Battle)