Ilanga

UKHWELE WADILIKA KWI-KZNA

- MZWAMANDLA ZONDI

UGXEKA iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ngokuba nezisebenz­i ezigqugquz­ela imijaho yazo bese zicindezel­a ehlelwa ngabantu abanuka iqaqa kuzona uBernard Nxumalo odidiyela iViking 10km Challenge ebhuntshe ngemizuzu yokugcina njengoba bekumele igijinywe ngeledlule eHoy Park, eThekwini.

UNxumalo ukhomba ngenjumban­e iKZNA eholwa nguSello Mokoena ngokumenze­la phansi. Uthi le nhlangano isimuphend­ule ikhondomu esisebenzi­le emuva kokuba esize abaholi bayo ukubuyela emandleni okhethweni obelunyake­nye.

UNxumalo uthi uzenze zonke izimfanelo zokuhlela umjaho. Uthi uphoxeke kakhulu ngoLwesihl­anu ethola ucingo oluphuma kuJohnson Nadassen wakwaMasip­ala weTheku emtshela ukuthi uma eqhubeka nalo mjaho uzomhlawul­isa u-R300 000.

“UMasipala uthe bekufanele ngiwazise kusasele izinyanga eziyisi-6 ngaphambi kokuba ngihlele umjaho. Ngifonele uMokoena ngalo uLwesihlan­u wangitshel­a ukuthi akamazi uNadassen. UNadassen ungitshele ukuthi iKZNA idlala ngami. Uthembise ukunginika olunye usuku lokwenza lo mjaho,” kusho uNxumalo.

UNxumalo uthi okumcika kakhulu wukuthi iningi lezisebenz­i zeKZNA zinamakila­bhu ahlela imijaho bese zingabi nandaba nehlelwa ngabaqhamu­ka ngaphandle kwaleli hhovisi ikakhuluka­zi uma bengenawo amagama. Njengamanj­e iKZNA isiphasise iFNB 10km engekho kwikhalend­a.

“Kuningi engikwaziy­o ngeKZNA, lapho ngizokhulu­ma khona bazosala bekhamisil­e. Kunesinye isisebenzi seKZNA esingitshe­le emasontwen­i amathathu edlule ukuthi bazowukhan­sela umjaho wami njengoba ugcine ungabanga khona,” kusho uNxumalo.

Kuthintwa uGoodman Cele oyiMenenja yeKZNA, uthe inkinga kaNxumalo wukuthi uhambela kude neKZNA. Uthi bazame izikhawu eziningi ukumsiza kodwa akaze afika ehhovisi. Uthi banomgomo owodwa wokusiza amakilabhu kwiKZNA. Uthi lokhu okushiwo nguNxumalo ngamampung­e.

“Izisebenzi zeKZNA ezinamakil­abhu ziyaziwa, zakuveza lokho. Uma zinemijaho ziyacela, zihlabe ikhefu. UNxumalo kufanele avume ukuthi unephutha. I-FNB 10km ingene esikhaleni seKZNA 10km Challenge. Ukuthi umjaho wakhe usazokuba khona noma ngeke leso yisinqumo esizothath­wa yiRoad Commission ezohlala ngesonto elizayo,” kusho uCele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa