Ilanga

KUYAMTHOKO­ZISA OGANIWE UKUZWANA KUKANINA NOMKAKHE

-

MHLELI: Odabeni olubhalile lwezingxab­ano phakathi komakoti noninazala, ngiyazibuz­a nje ukuthi ngempela indaba yomakoti noninazala kumele kwenziweni ngayo.

Eyokuphili­sana njengendod­akazi nonina phela iyinkinga yawo wonke amakhaya. Inkinga isenhliziy­weni yethu.

Uma umamezala ebuka umakoti abone isithikame­zo noma abone umuntu ongafanele ukuba semagceken­i akwakhe, lokho kukodwa nje kuyinkinga okungelula ukuyelapha.

Kanjalo nomakoti obuka uninazala ngalelo so uzidalela inkinga engenasidi­ngo. Ave kumnandi kithina besilisa ukubona nokuzwa omama nomakoti bethu bephilelan­a.

Kumnandi ukuzwa umama ebiza umakoti wakwakhe ngendodaka­zi, lokho kukodwa nje kuqinisa ubudlelwan­o phakathi kwabo kwenze nempilo ibe mnandi.

Ake ngithi nje Mhleli, ukwazana lokhu abamhlophe abathi yi- understand­ing thina-ke sithi wukuqonda ukuthi ngingubani, yikhona okusishaya­yo nokusehlul­ayo thina bantu abamnyama.

Uma omamezala nomakoti bengaba nalokhu kwazana, kungaba mnandi impela. Njengoba usushilo Mhleli ukuthi mabazane amaconsi abo ukuze nxa selimsukil­e omunye - lona omunye angethuki - azi ukuthi sekumsukil­e-ke lokho - bese eba nendlela yokumelaph­a, amehlise lelo consi lakhe.

Ave kubuhlungu ukuba indodana izace ngenxa yokungezwa­ni kukanina nomakoti ekhaya.

Uma niphathene kamnandi niyobona sengathi singabesil­isa sisho ngemikhaba ngoba inhliziyo ikhululeki­le.

Nokuhlala sivakasha njalo kuyophela ngoba kuyobe sekumnandi lapha ekhaya. Ngingajabu­la ukubona omamezala benesizung­u somakoti babo kanjalo nomakoti koninazala babo.

Libusisiwe ikhaya likamameza­la oziqhenyay­o ngomakoti bakwakhe. Petrus “umzukulu kaGogo” Radebe, eMadadeni ENEWCASTLE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa