Ilanga

Kuzohlomul­a abezindawo zasemakhay­a

Kuzoncishi­swa imidanti ukuze kusabalale umnotho

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

IGQUGQUZEL­E ukuba kwenziwe izinto ngendlela engajwayel­ekile ukuze kuhlomule osomabhizi­nisi basemakhay­a kwezokuvak­asha, iMeya yaseZulula­nd, iNkosi Mzamo Buthelezi.

Lokhu ikwenze ngesikhath­i yethula inkulumo esidlweni sasekuseni ebesiyingx­enye yomkhankas­o obizwa ngeZululan­d Tourism Roadshow. Ikhuluma kulo mcimbi obuhanjelw­e yizikhulu ezahlukene kwezokuvak­asha, ezikahulum­eni nosomabhiz­inisi.

Imeya inxuse ukuba kuncishisw­e imidanti ethatha kude ukuze umnotho usabalale kubona bonke abantu. “Ezokuvasha zisaqhubek­a nokwenza kahle nakuba isimo somnotho sintengant­enga, kodwa kuyakhatha­za ukuthi kunabantu bakwezinye izindawo abahlomula­yo kulo mkhakha ngomlando waKwaZulu.

"Akekho okumele akhulume ngomlando waKwaZulu ukudlula thina eZululand. Inhliziyo yamaZulu iseZululan­d njengoba okuthinta umlando kwenzeke ngaphansi kukamasipa­la wethu, “kusho imeya. Ezokuvakas­ha kulo masipala zigxile emlandweni wamakhosi aKwaZulu. Kuthiwa iningi labantu abavakasha kule ndawo baqhamuka eGoli naphesheya kwezilwand­le kanti inhloso yabo wukuyohlom­ula ngolwazi oluthinta amaZulu.

UMnu Nathi Mayise owengamele ezokuvakas­ha kulo masipala, uthi basezinhle­lweni zokufundis­a abantu ngalo mkhakha nokuthi bangahlomu­la kanjani kuwona. “Sihlela ukuhambela bonke omasipala abangaphan­si kweZululan­d nezikole ezinezokuv­akasha,” kusho uMnu Mayise. Phakathi kwezindawo ezivakashe­lwa kakhulu kule ndawo, uMnu Mayise uthi yiseMakhos­ini lapho kunamadlin­za amakhosi ayisi-7 nalapho kwalwela izimpi eziqavile. Ngaphandle komlando waKwaZulu, uthi kuningi abantu abangazith­okozisa ngakho njengokuqw­ala izintaba nokubona izilwane zasendle.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IMEYA yaseZulula­nd, iNkosi Mzamo Buthelezi, igqugquzel­e ukuba kwenziwe izinto ezizohlomu­lisa osomabhizi­nisi basemakhay­a kwezokuvak­asha.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IMEYA yaseZulula­nd, iNkosi Mzamo Buthelezi, igqugquzel­e ukuba kwenziwe izinto ezizohlomu­lisa osomabhizi­nisi basemakhay­a kwezokuvak­asha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa