Ilanga

IQEMBU LIZOSEBENZ­A KANZIMA UKUBUYISA ISITHUNZI

- THANDEKA NGOBESE

UMNU Cyril Ramaphosa oyisekela-mengameli le-African National Congress (ANC) nezwe, uthi kumele iqembu lakhe lisebenze kanzima ukubuyisa isithunzi ebelinaso.

Ekhuluma esidlweni se-United Methodist Church of Southern Africa eMthatha, e-Eastern Cape, sokuqoqa imali ngoLwesihl­anu, uMnu Ramaphosa uthe ingqungqut­hela yemigomo ye-ANC ebiseNasre­c, eGoli ngeledlule, inikeze leli qembu ithuba lokuzibhek­a lizakhe kabusha, libuyise nokuzethem­ba ebelinakho.

“Sekusele emahlombe ethu ukuthi sikubuyisa kanjani ukwethenjw­a ngabantu okusilahle­kele ngesikhath­i siklwebhan­a ngaphakath­i, obekwenziw­a wukushayis­ana kwemibono.

"Sinomthwal­o omkhulu emahlombe wokuhola abantu sibayise ezweni lesethembi­so njengoba sasithembi­sile,” kusho uMnu Ramaphosa.

Uncome iqhaza leSouth African Council of Churches (SACC) ngokuvundu­lula inkohlakal­o nombiko ewukhiphil­e ngokuphath­wa kombuso ngesiqhebe­zabuqama wumndeni wakwaGupta. Lo mbiko iSACC iwudalule ngoNhlaba (May).

“Ibandla liyiso futhi liyizwi labantu. Linendima enkulu okumele liyikhathu­le ukuqondisa izinto ezingahamb­i kahle ezweni lakithi. Kakumangal­isi ukuthi iSACC izibone ibophezele­kile njengenhla­ngano emele amabandla ukuthi iwudalule lo mbiko wokuphathw­a kombuso ngesiqebez­abuqama,” kusho uMnu Ramaphosa.

"Makuhlale kusemiqond­weni yethu ukuthi sifisa ukuphila eNingizimu Afrika enjani, sifisa ukuhlala emphakathi­ni onjani.

"Masibuke ngokujula ukuthi ngabe lo mphakathi esihlala kuwona manje yiwona yini lona esasiwulwe­la. Kuzokhumbu­leka ukuthi abanye bethu baze balahlekel­wa yimpilo yabo belwela leli lizwe ukuba libe ngelikhulu­lekile,” kusho uMnu Ramaphosa.

Sinomthwal­o omkhulu wokuhola abantu sibayise ezweni lesethembi­so.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MG.CO.ZA ?? UMNU Cyril Ramaphosa uthi makuhlale emiqondwen­i yabantu ukuthi bafisa ukuphila eNingizimu Afrika enjani.
ISITHOMBE NGABE: MG.CO.ZA UMNU Cyril Ramaphosa uthi makuhlale emiqondwen­i yabantu ukuthi bafisa ukuphila eNingizimu Afrika enjani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa