Ilanga

KUQINISWA IMITHETHO KWABANOGCO­BHO

- THANDEKA NGOBESE

SIZOQINA isitilobho komasipala abathole umbiko onogcobho KwaZulu-Natal njengoba uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ethi bazothathe­lwa izinyathel­o ezinqala.

Emhlanganw­eni abe nawo nezikhulu zomasipala abangenzan­ga kahle eBongweni Youth Centre, eKokstad ngoLwesihl­anu, uNkk Dube-Ncube uthe ngaphandle kokuthi (lezi zikhulu) ngeke ziwathole amabhonasi njengoba zingenzi kahle ekuphathwe­ni kwezimali, zizophinde zibizelwe ekomitini eliqondisa izigwegwe ziyochaza ukuthi kungani amabhuku omasipala engcolile.

Uthe umnyango ngeke uqhubeke unikeze iChief Financial Officer (CFO) nemenenja umholo ogcwele kodwa ibe yehlulwa wukwenza umsebenzi ewuqashelw­e wokubhalan­sisa amabhuku.

“Kuyagcina kulo nyaka ukuthi nithole umbiko onogcobho bese kucweba iziziba nje. Kukhona omasipala abehlulwa wukusebenz­isa imali ebihlelelw­e ukuhlinzek­a umphakathi ngezidingo igcine isiphindis­we emuva.

"Umasipala ozophindis­ela imali emuva, uzochaza ukuthi bekwenzenj­ani. Kasikwazi ukuba nesimo lapho abantu bezobhikis­hela khona ingqalasiz­inda, bekhononde­la izidingo kodwa uthole kunemali eduve kumasipala ingasetshe­nziswa,” kusho uNkk Dube-Ncube. Uthi izimeya kakufanele zihlale zithule, zilindele ukuthi izimenenja zizosebenz­a ekubeni zibekwe ukuba zibe yiso kumasipala.

“Nakuba kunomasipa­la abangama-48 abanombiko ongenagcob­ho, kodwa kakusijabu­lisi ukubakhona kwabathola ugcobho. Umbiko womcwaning­i-mabhuku ukhombisa ukuthi bali-14 omasipala abangathol­anga imibiko ehlanzekil­e.

Izifundazw­e ezinomasip­ala abaningi abathole imibiko ehlanzekil­e yiWestern Cape, iKwaZulu-Natal neEastern Cape (16%). IWestern Cape iyikhuphul­ile imibiko yayo ehlanzekil­e isuka ema-73% enyakeni odlule kuya ema-80%.

I-Eastern Cape, iLimpopo neMpumalan­ga yizifundaz­we ezikhombis­e ukunyusa amasokisi kanti iNorth West, iNorthern Cape neFree State yizona ezishaye udaka kunazo zonke ngokwemiph­umela.

Izinhlelo ezintekent­eke zokulawula kwangaphak­athi, zibe nesandla ekungaphat­hekini kahle kwezimali komasipala. Ukusetshen­ziswa budlabha kwezimali kunyuke ngama-50% kuya kuR16.81bn, nokuyisiba­lo esiphezulu kusukela uMcwaningi-mabhuku eqale ukugcina amarekhodi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa