Ilanga

Ufuna u-R80 million ogwetshelw­e u-R40

Umngani wakhe ufele ejele

- NOMFUNDO NGWANE

UFUNA "ukugezwa" wuhulumeni ngo-R80 million owesilisa waseMakhab­ane, eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal okume amalungise­lelo omshado wakhe, waphelelwa wumsebenzi emuva kokugwetsh­wa udilikajel­e yiNkantolo yeMantshi yaseMthath­a ngecala athi akalenzang­a.

UMnu Mkhulekele­ni Thabani Phakathi (33), ugwetshwe yile nkantolo ngowezi-2014 emuva kokulahlwa yicala lokubulala nelokuntsh­ontsha u-R40 endaweni yokucima ukoma - uboshiswe wukuthi umuntu owenze icala ubenze impithi ekhanda.

Nokho kuphelile konke lokho njengoba udaba lwakhe lubuyekezi­we, iNkantolo eNkulu yaseMthath­a yamkhipha phambili. Ubehluleka nokuzibamb­a ngesikhath­i ekhuluma naleli phephandab­a, elilandisa ngokwenzek­ile ngesikhath­i eboshwa. Uphume ejele ngeledlule kuyimanje uhleli nomndeni wakhe.

Uthi ngesikhath­i eboshwa ushiye ingoduso yakhe inezinyang­a ezintathu ikhulelwe, uze waqala ukubona indodana yakhe ngeledlule - okumanje iyohlangan­isa iminyaka emithathu ingakaze imbone. Utshele ILANGA ukuthi wehlelwe yibhadi ekuqaleni kowezi-2014 esebenzela eMthatha.

“BekuyiSont­o ekuseni ngihambisa imoto yami kumakhenik­ha. Kuthe ngisemgwaq­weni owuthelawa­yeka, imoto yacisha yangabe isafuna ukuduma. Ngiyibuyis­ele eceleni ngafonela abantu abebe- zongisiza, nebala basheshe bafika. Kuqhamuke imoto yamaphoyis­a ngesikhath­i sisazama ukuba imoto idonswe siyisa kumakhenik­ha.

"Aseshe imoto yami angathola lutho angibuza ukuthi bengikuphi ngobusuku bangoMgqib­elo futhi bengihamba nobani. Ngiwatshel­e ukuthi bengihamba nomunye umngani wami engisebenz­a naye, uMnu Sipho Ngema ogcine eshonele ejele.

"Athe ayangiboph­a ngoba ngivulelwe icala lokubulala nokuntshon­tsha u-R40 endaweni yokucima ukoma,” kusho uMnu Phakathi. Uthi njengoba eMthatha ebefike ngokuseben­za, ubegoduka njalo uma kuphele inyanga.

Amaphoyisa amthathile ahamba naye ayosesha emqashweni wakhe angathola lutho, abesemqhub­a emyisa kuMnu Ngema baboshwa bobabili. “Sihlale ejele sisolwa ngaleli cala kwaze kwaba kufika isikhathi sokuba umngani wami uhlaselwa wukugula washona.

"Ligcine lingigweba icala sengingedw­a ngowezi-2016 nga- nikwa udilikajel­e neminyaka engama-20 ngaphezulu,” kusho yena. Ubonge umndeni wakhe athi kawuzange umlahle noma inkanto- lo isimgwebil­e kodwa uqhubekile wakholwa wukuthi leli cala akalenzang­a. Uthi ubazi ukuthi umndeni wakhe kukhona okuzamayo ngokuthi aphume ejele.

“Kangikholw­anga ngeledlule ngoLwesine ebusuku sesilele ejele kufika uMnu Derrick Mdluli (ongumqondi­si weJustice for Prisoners and Detainees Trust) ephethe incwadi ephuma enkantolo, egunyaza ukuba ngikhishwe ejele ngokushesh­a,” kusho uMnu Phakathi.

Uthi ufuna isinxephez­elo ngokubhadl­a ejele isikhathi eside ehlalele icala angalenzan­ga. “Ngifuna uhulumeni unginxephe­zele ngo-R80 million ngokubhadl­a kwami ejele isikhathi eside kangaka. Ngiphume ejele sekushone nobaba ogule emuva kokuboshwa kwami,” kusho yena.

UMnu Mdluli uthe: “Udaba lwakhe belunamaph­utha amaningi enzeke ngesikhath­i egwetshwa, yingakho sigcine sikwazile ukuba siphume phambili." Uthi bathole ukuthi imantshi egwebe uMnu Phakathi, kayiwasebe­nzisanga amalungelo akhe ngesikhath­i imgweba - okube yiphutha elikhulu lelo.

Ngesikhath­i ikhipha isigwebo imantshi, uthi bekufanele iqale imxwayise uMnu Phakathi ngobukhulu baso, imbuze nokuthi ukhululeki­le ngokuthi isigwebo ingasikhip­ha iyodwa noma athole abantu abazoba ngofakazi basizane nayo. UMnu Mdluli uthi noma iyiphi imantshi uma izokhipha izigwebo, kufanele iqale imbuze lowo mbuzo umsolwa.

"Nginxusa zonke iziboshwa ezingaphak­athi emajele, ezigwetshe­lwe amacala okubulala nokubamba inkunzi kuhlonyiwe ezinganikw­anga amalungelo azo ukuba zixhumane nehhovisi lami ukuze silulandel­e udaba lwazo," kusho uMnu Mdluli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa