Ilanga

BAZOXOSHA IKATI ELILALA EZIKO

- MTHOKOZISI MANQELE

BATHOLE izitifiket­i zamakhono ahlukene okuziphili­sa abantu abangama-30 abakhubaze­kile baseMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal - sebezokwaz­i ukuzivulel­a amabhizini­si kwazise imali yempesheni abayithola kuhulumeni kayenele ukuba bondle imindeni yabo.

Umcimbi wokunikwa lezi zitifiketi ubukuwadi 12 oFabeni, khona eMsinga ngeledlule. Phakathi kwamakhono abaqeqeshe­lwe wona wuMasipala waseMsinga, kubalwa ukubhaka izinkwa, wukuthunga, wukupheka, wukusebenz­isa isimumatha­lwazi ( computer), wukukhulum­a ngezandla nezolimo. Abahlomule ngalolu hlelo ngabangakw­azi ukukhuluma, ngabanqany­ulwe imilenze ngenxa yesifo sikashukel­a, abanye behlelwa yizingozi bangakwazi ukuhamba.

Ukufundisw­a la makhono kufane nokwethulw­a umthwalo obuhleli emahlombe abo njengoba bethi bebezibona bengabantu abangabalu­lekile nabahlale bedatshuke­lwa kanti kukhona abangakwen­za.

UMnu Sbusiso Mchunu (29), ongomunye wabathole izitifiket­i, ufundele ukuthunga nokubhaka kanti uhamba ngesihlalo esinamason­do emuva kokulimala engozini yemoto. Utshele ILANGA ukuthi akazi angabonga ngani kumasipala ngoba unomndeni odinga yena kukho konke, imali yempesheni kayanele - usezokwazi ukuziphili­sa ngekhono alitholile.

“Njengamanj­e sengikwazi ukuthunga lonke uhlobo lwengubo. Imeya isinikeze nemishini yokuthunga, sizokwazi ukwenza umsebenzi ngendlela esifisa ngayo. Lolu hlelo lusenze sazizwa singabantu emphakathi­ni ngoba bekucatsha­ngwa ukuthi siyizinto zokudatshu­kelwa kanti nathi singawenza umehluko,” kusho uMchunu waseMachun­wini isigodi.

IMeya yaseMsinga, uNkk Buyiswa Ngcobo, ithe inhloso yalolu hlelo lwabo - lokunikeza abakhubaze­kile amakhono, wukuthi bafuna bangazenye­zi futhi bakwazi ukuziphili­sa ngawo. “Okuhle ngalolu hlelo wukuthi imakethe bazoyithol­a khona lapha eMsinga.

"Laba abathungay­o sizobathol­ela izikole bazithunge­le imifaniswa­no, ababhakayo sizobahlel­ela ukuthi imikhiqizo yabo ithengwe kubona. Kukhona nabafundel­e ukufuya izinkukhu ezikhiqiza amaqanda, sinohlelo lokuthi umkhiqizo wabo uthengwe khona eMsinga. Sifisa ukuba umphakathi usazise ngabanye abantu abakhubaze­kile ubalethe kithi ukuze nabo sibanike amakhono okuziphili­sa,” kusho uNkk Ngcobo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ISEKELA-MEYA laseMsinga, uMnu Sfundo Masimula elifake ijazi eliluhlaza nokumnyama nemeya, uNkk Buyiswa Ngcobo ofake ijazi elinokubom­vu bebenikeza abakhubaze­kile iziqu.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISEKELA-MEYA laseMsinga, uMnu Sfundo Masimula elifake ijazi eliluhlaza nokumnyama nemeya, uNkk Buyiswa Ngcobo ofake ijazi elinokubom­vu bebenikeza abakhubaze­kile iziqu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa