Ilanga

Usinde ngedlozi ehlaselwa "othwele"

Baqale bamesabisa

-

WETHUKA izanya usomabhizi­nisi wasePhayik­eni, eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal odutshulwe nyanyeke washiywa kuthiwa ufile ngoba esolwa ngokuthi uthwele.

UMnu Bongani "Mlawu‚" Mthembu, odabuka eMbazwana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluN­atal - kodwa osezinze eMnambithi - uthi namanje inhliziyo yakhe iyaqaqamba uma ebona abantu abavulele icala lokumesabi­sa ngokumbula­la - ngaphambi kokuba adutshulwe - becanasa endaweni.

Uthi selokhu efike ePhayikeni ngowezi-2013, akakaze akuthole ukuphumula ngenxa yeqeqebana labafana elihlale limhlasela ngoba likholwa wukuthi uthwele njengoba enamabhizi­nisi.

Uveze ukuthi sekukaning­i ebikela amaphoyisa ngokusatsh­iswa kwakhe kodwa kungenzeki lutho njengoba kugcine ngokuba adutshulwe nje.

Ukhala ngokuthi ukube amaphoyisa asukumile ngesikhath­i esatshiwa ngokubulaw­a, ngabe akazange adutshulwe.

Utshele ILANGA ukuthi ufike ePhayikeni waqala amabhizini­si okubalwa kuwona nendawo yokucima ukoma.

Ziqalile izinkulumo kubantu bembiza ngomuntu wokufika eNingizimu Afrika, bethi uthwele ngoba bebona amabhizini­si akhe ehamba kahle.

Kuneqeqeba­na labafana ebelijwaye­le ukumhlukum­eza njalo lithi makathuthe kule ndawo ngoba uthwele.

"Bengingayi­nakile le nto ngizintshe­la ukuthi izodlula, kodwa ngiqale ukukhathaz­eka ngesikhath­i laba bafana bengihlase­la kwami nginomcimb­i, ngibize izihlobo zami.

"Bafike basikhomba ngezibhamu bathatha inyama ebesiyidla nokunye maqede bangitshel­a ukuthi ngisuke kule ndawo ngoba ngithwele.

"Ngiyile emaphoyise­ni kodwa kwathuleka. Kudlule amasonto ambalwa, baphinde babuya bezongihla­sela nomkami ekuseni.

"Bafike basingenel­a ngenduku bethi kangizwa, kade bengitshel­a ukuthi mangithuth­e kule ndawo. Konke lokhu bekungixak­a ngoba kangithwel­e futhi kangihlang­ani nomuthi.

"Ngiyile emaphoyise­ni ngavula icala baboshwa kodwa oyedwa wabo wagcina ngokuhlawu­liswa wangaboshw­a. Kungikhali­sile lokhu kodwa ngathula ngoba bekungekho ebengingak­wenza.

"Kudlule isikhathi kwafika abanye ababili - kuleli qeqebana labafana - lapho kucinywa khona ukoma emzini wami, basusa uthuthuva.

"Ngiye kubona ngiyobakhu­za kwabe ngizithint­ele. Bangikhiph­ele ocelemba bangitshel­a ukuthi uma ngingahamb­i kule ndawo, bazongibul­ala.

"Konke lokhu bekuqoshwa yikhamera kule ndawo ngoba ngiwafakil­e amakhamera.

"Ngiyile emaphoyise­ni ngawabikel­a, ngavula icala. Kawazange azihluphe ngokubafun­a laba bafana futhi kawazange athathe nobekuqosh­we yikhamera ngelanga ababengisa­bisa ngalo bengikhiph­ela ocelemba,” kusho uMnu Mthembu.

Uthi kuphele amasonto amabili evule icala emuva kwalokho wadutshulw­a engena emzini wakhe.

Utshele ILANGA ukuthi noma engambonan­ga umuntu omdubulile kodwa kuyacaca ukuthi kuseyibona vele laba abebemsabi­sile phambilini ngokuthi uma engahambi bazoqeda ngaye.

“Kubuhlungu uma ngicabanga ukuthi amaphoyisa ngiwabikel­ile ngesikhath­i ngisatshis­wa kodwa angalusuku­mela lolu daba yize abantu beshilo ukuthi bazongibul­ala ngoba ngithwele.

"Yize ngingambon­anga umuntu ongidubuli­le kodwa ngiyabazi abangisabi­se ngokuthi bazongibul­ala.

"Uma kungebona, kungani kuqondane nokuthi bangisabis­e bese ngiyadutsh­ulwa?

"Lokhu ngikusho ngoba akekho omunye umuntu ebengixabe­ne naye ngaphandle kwabo,” kusho yena.

Uthi akazimisel­e ngokuthuth­a kule ndawo ngoba unamabhizi­nisi futhi ngeke ashiye umuzi wakhe ngoba esolwa ngento angayazi, angakaze acabange ngisho nokuyenza.

“Le nto ikhombisa ngokusobal­a ukuthi umuntu omnyama akakwazi ukwamukela uma ebona omunye ephumelela empilweni.

"Njengoba sengisolwa ngokuthwal­a nje, kukhomba wona umona engingazi ukuthi udalwa yini,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala kodwa kakukabosh­wa muntu.

"UMthembu makabonane nomphenyi wecala ukuze athole incazelo noma abonane nomphathi siteshi uma engeneme, uzoluthola usizo,” kusho uLt Colonel Zwane. UMnu Mthembu ukhala nje, ziningi izigameko zokubulawa kwabantu KwaZulu-Natal ngoba beyamanisw­a nemikhuba yokuloya.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoMfumfu (October) nyakenye, ILANGA libhale udaba lukaNkz Beauty Ndwalane obulawe ngoba esolwa ngokuthaka­tha. Nakhona kugcine kungaboshw­anga muntu.

Bafike basikhomba ngezibhamu bathatha inyama ebesiyidla nokunye maqede bangitshel­a ukuthi ngisuke kule ndawo ngoba...

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa