Usinde ngedlozi ehlaselwa "othwele"
Baqale bamesabisa
WETHUKA izanya usomabhizinisi wasePhayikeni, eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal odutshulwe nyanyeke washiywa kuthiwa ufile ngoba esolwa ngokuthi uthwele.
UMnu Bongani "Mlawu‚" Mthembu, odabuka eMbazwana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluNatal - kodwa osezinze eMnambithi - uthi namanje inhliziyo yakhe iyaqaqamba uma ebona abantu abavulele icala lokumesabisa ngokumbulala - ngaphambi kokuba adutshulwe - becanasa endaweni.
Uthi selokhu efike ePhayikeni ngowezi-2013, akakaze akuthole ukuphumula ngenxa yeqeqebana labafana elihlale limhlasela ngoba likholwa wukuthi uthwele njengoba enamabhizinisi.
Uveze ukuthi sekukaningi ebikela amaphoyisa ngokusatshiswa kwakhe kodwa kungenzeki lutho njengoba kugcine ngokuba adutshulwe nje.
Ukhala ngokuthi ukube amaphoyisa asukumile ngesikhathi esatshiwa ngokubulawa, ngabe akazange adutshulwe.
Utshele ILANGA ukuthi ufike ePhayikeni waqala amabhizinisi okubalwa kuwona nendawo yokucima ukoma.
Ziqalile izinkulumo kubantu bembiza ngomuntu wokufika eNingizimu Afrika, bethi uthwele ngoba bebona amabhizinisi akhe ehamba kahle.
Kuneqeqebana labafana ebelijwayele ukumhlukumeza njalo lithi makathuthe kule ndawo ngoba uthwele.
"Bengingayinakile le nto ngizintshela ukuthi izodlula, kodwa ngiqale ukukhathazeka ngesikhathi laba bafana bengihlasela kwami nginomcimbi, ngibize izihlobo zami.
"Bafike basikhomba ngezibhamu bathatha inyama ebesiyidla nokunye maqede bangitshela ukuthi ngisuke kule ndawo ngoba ngithwele.
"Ngiyile emaphoyiseni kodwa kwathuleka. Kudlule amasonto ambalwa, baphinde babuya bezongihlasela nomkami ekuseni.
"Bafike basingenela ngenduku bethi kangizwa, kade bengitshela ukuthi mangithuthe kule ndawo. Konke lokhu bekungixaka ngoba kangithwele futhi kangihlangani nomuthi.
"Ngiyile emaphoyiseni ngavula icala baboshwa kodwa oyedwa wabo wagcina ngokuhlawuliswa wangaboshwa. Kungikhalisile lokhu kodwa ngathula ngoba bekungekho ebengingakwenza.
"Kudlule isikhathi kwafika abanye ababili - kuleli qeqebana labafana - lapho kucinywa khona ukoma emzini wami, basusa uthuthuva.
"Ngiye kubona ngiyobakhuza kwabe ngizithintele. Bangikhiphele ocelemba bangitshela ukuthi uma ngingahambi kule ndawo, bazongibulala.
"Konke lokhu bekuqoshwa yikhamera kule ndawo ngoba ngiwafakile amakhamera.
"Ngiyile emaphoyiseni ngawabikela, ngavula icala. Kawazange azihluphe ngokubafuna laba bafana futhi kawazange athathe nobekuqoshwe yikhamera ngelanga ababengisabisa ngalo bengikhiphela ocelemba,” kusho uMnu Mthembu.
Uthi kuphele amasonto amabili evule icala emuva kwalokho wadutshulwa engena emzini wakhe.
Utshele ILANGA ukuthi noma engambonanga umuntu omdubulile kodwa kuyacaca ukuthi kuseyibona vele laba abebemsabisile phambilini ngokuthi uma engahambi bazoqeda ngaye.
“Kubuhlungu uma ngicabanga ukuthi amaphoyisa ngiwabikelile ngesikhathi ngisatshiswa kodwa angalusukumela lolu daba yize abantu beshilo ukuthi bazongibulala ngoba ngithwele.
"Yize ngingambonanga umuntu ongidubulile kodwa ngiyabazi abangisabise ngokuthi bazongibulala.
"Uma kungebona, kungani kuqondane nokuthi bangisabise bese ngiyadutshulwa?
"Lokhu ngikusho ngoba akekho omunye umuntu ebengixabene naye ngaphandle kwabo,” kusho yena.
Uthi akazimisele ngokuthutha kule ndawo ngoba unamabhizinisi futhi ngeke ashiye umuzi wakhe ngoba esolwa ngento angayazi, angakaze acabange ngisho nokuyenza.
“Le nto ikhombisa ngokusobala ukuthi umuntu omnyama akakwazi ukwamukela uma ebona omunye ephumelela empilweni.
"Njengoba sengisolwa ngokuthwala nje, kukhomba wona umona engingazi ukuthi udalwa yini,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala kodwa kakukaboshwa muntu.
"UMthembu makabonane nomphenyi wecala ukuze athole incazelo noma abonane nomphathi siteshi uma engeneme, uzoluthola usizo,” kusho uLt Colonel Zwane. UMnu Mthembu ukhala nje, ziningi izigameko zokubulawa kwabantu KwaZulu-Natal ngoba beyamaniswa nemikhuba yokuloya.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMfumfu (October) nyakenye, ILANGA libhale udaba lukaNkz Beauty Ndwalane obulawe ngoba esolwa ngokuthakatha. Nakhona kugcine kungaboshwanga muntu.
Bafike basikhomba ngezibhamu bathatha inyama ebesiyidla nokunye maqede bangitshela ukuthi ngisuke kule ndawo ngoba...