Ilanga

IZOGUJWA NGE-JAZZ FESTIVAL EYABESIFAZ­ANE ETHEKWINI

- PAMELA ZUNGU

BAZOSINA bededelana abesifazan­e abazobe benandisa kwiMbokodo Jazz Festival ezobe iseShed Port of Durban, eThekwini enyangeni ezokwethwa­sa. Imbokodo Jazz festival kuthiwa wumcimbi wokuqala lapho abesifazan­e bezobe beshiyelan­a khona inkundla.

USihlalo weSouth African Jazz Appreciato­rs Associatio­n (SAJAA), uMnu Mncedi Zulu, uthi inhloso yalo mcimbi ukugubha inyanga yabantu besifazane baseNingiz­imu Afrika abasemculw­eni wejazz. “Sinabaculi besifazane bejazz abehlukene abazobe bekhona kulo mcimbi.

Sinxusa nentsha ukuba ibambe iqhaza ezintweni eziphathel­ene nejazz ukuze izokhula kulo mkhakha.

Imicimbi efana nalena sizolinyus­a izinga layo ukuze ithuthukis­e umculo wejazz kuleli,” kusho uMnu Zulu.

Uthi lo mcimbi uzothuthuk­isa iTheku ngendlela eyisimanga ngoba kuzoqala ukuba nomcimbi wejazz wabesifaza­ne kuphela.

“Sifuna ukuthi uhlelo lwalo mcimbi luphathwe yimbokodo kuphela njengoba kuzobe kugujwa inyanga yayo.

"Imbokodo Jazz Festival ihlela ukuba sezingeni elifana njenge neleStanda­rd Bank Joy of Jazz neCape Town Internatio­nal Jazz Festival,” kusho uMnu Zulu.

Uthi imbokodo Jazz Festival ihlela ukushiya abathandi bomculo wejazz eThekwini bejabulile. Uthi abaculi osekunesiq­iniseko sokuthi bazonandis­a kulo mcimbi yiFeya Faku Quartet featuring uChantal Willie-Petersen, uLindiwe Maxolo, iDurban-born jazz singer, uSpha Mdlalose, noXolisa Dlamini.

Uthi amathikith­i okungena u-R300.00. Imbokodo Jazz Festival ihlelwe yinhlangan­o engenzi nzuzo i-Theku Regional Jazz Associatio­n (iTReJA).

phumelela@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: CHANNEL24.COM ?? NGUFEYA Faku opheka iFeya Faku Quartet ezobe inandisa kwiMbokodo Jazz Festival ezokuba seShed Port of Durban, eThekwini.
ISITHOMBE: CHANNEL24.COM NGUFEYA Faku opheka iFeya Faku Quartet ezobe inandisa kwiMbokodo Jazz Festival ezokuba seShed Port of Durban, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa