Ilanga

I-1 KZN IZA NEZINGUQUK­O EZINQALA

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

SELIZOGAYA ngomunye umhlathi esiteshini sikamabona­kude esizinze eRichards Bay enyakatho yeKwaZulu Natal, i-1 KZN TV njengoba kuzokwethu­lwa ngokusemth­ethweni izinhlelo eziyisihla­nu ngase kupheleni kwalo nyaka.

Lezi zinhlelo kulindelek­e ukuba zenyuse isibalo sababukeli kulesi siteshi njengoba zizokhutha­za abathandi bomculo ikakhuluka­zi umculo wamakwaya.

UMnu Edwin Mncwango, ongumphath­i walesi siteshi, utshele ILANGA ukuthi yize engafuni ukuyikhulu­mela eziko kodwa lesi siteshi sezizoba nohlelo lomculo wamakwaya lapho ezobe esina ededelana enkundleni.

Uthi bazophinde babe nohlelo lapho ababukeli bezobe bezikhethe­la bona izingoma abafuna zidlalwe. Uthi zonke lezi zinhlelo kulindelek­e ukuthi zinyuse isibalo sababukeli njengoba besiwu-2.5 million kodwa manje sesifinyel­ele ku-4 million.

Uthi okunye abafisa ukukwenza wukuthi bandlondlo­bale bangagcini ngokuba seMpangeni kuphe- la.

Utshele leli phephandab­a ukuthi njengoba besezinhle­lweni zokwethula ngokusemth­ethweni lezi zinhlelo eThekwini bafuna ukuvula ihhovisi eMgungundl­ovu, eGoli, esifundazw­eni iMpumalang­a naseSwazin­i.

Uthi bathule ngokusemth­ethweni izinhlelo ezintathu ePort Shepstone ngonyaka owedlule ngenhloso yokwandisa isibalo sababukeli.

“Inhloso yokuba sivule amahhovisi kwezinye izindawo yingoba sifuna ukuthola ukuthiyizi­phi izinhlelo abalandeli abathokoze­la ukuzibuka. Sifuna isibalo sababukeli sinyuke kakhulu kunalokhu.

"Ngikhuluma nje iKwaZuluNa­tal ihamba phambili ngesibalo sababukeli kulandele iGauteng besekuza iSwaziland,” kusho uMnu Mncwango. Uthi izinhlelo zabo zehlukile kwezinye iziteshi ngoba kugxilwe kwizinhlel­o zaseNingiz­imu Afrika.

Uthi njengoba kudlalwa izinhlelo zasekhaya izibalo zinyuka zinyukile ngoba abantu bakuleli bethokozel­a ukubuka izinto zabo namasiko abo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa