Ilanga

KUXHASWE ABAFUNDI BASE-UNIZUL

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

LUYAPHELA usizi olubhekene nabanye abafundi abahlwempu, abanenking­a yokukhokhe­la izindleko zabo e-University of Zululand (Unizul), KwaDlangez­wa, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal njengoba i-Amalgamate­d Banks of South Africa (Absa) ixhase le nyuvesi ngo-R5 million.

Le mali ngeyokulek­elela abenza iziqu zeCommerce, ezeHumanit­ies, eze-Education nezeScienc­e. I-ABSA ithi inemali engango-R1.4 billion eyibekele ukuthuthuk­isa ezemfundo nokukhulis­a amakhono kuze kube wunyaka wezi-2018.

Okhulumela i-Unizul, uNkz Gcina Nhleko, uthi bajabule kakhulu ngokunikel­elwa ngale mali kwazise izosiza kakhulu abafundi abaswele - abaphasa kahle yibona abaseqhulw­ini.

Uthi khona maduze nje, bazoqala bahlangani­se uhlu lwabafundi abaphasa ngaphezulu kuka-70% ezifundwen­i zabo bese bexhaswa kuwona lo nyaka ngoba imali seyikhona.

“Ukuxhaswa kwethu kuyasijabu­lisa kakhulu ngoba kukhombisa ukuthi esikwenzay­o kuhle kuyabonaka­la futhi i-Absa iyakholelw­a kithina,” kusho uNkz Nhleko. Uthi kuzocutshu­ngulwa uhlu lwabafundi ngoku- cophelela ngoba kumele kuhlomule laba okunesidin­go sokuba baxhaswe.

Utshele ILANGA ukuthi ama90% abafundi bakule nyuvesi, afunda ngemali kahulumeni, okusho ukuthi le mali inesidingo esikhulu kubafundi. Uthi abazohlomu­la yilaba abangakaze bazithole iziqu zokuqala.

ISekela-shansela lase-Unizul, uSolwazi Xoliswa Mtose, libongele le nyuvesi nabafundi abazohlomu­la. “Abafundi bethu abaningi bavela ezindaweni ezi- hlwempu, siyethemba ukuthi ukubambisa­na kahle kwethu naleli bhange kuzokwenza umehluko omkhulu,” kusho uSolwazi uMtose. Imenenja yakwaAbsa KwaZulu-Natal, uMnu Faisal Mkhize, ithi imfundo yasenyuves­i ivulela abafundi amathuba ukuze kushintshe impilo yabo bonke abantu.

“Sijabule kakhulu nathi ukuba kube nesikwenza­yo ukusiza abadingayo. Siyaziqhen­ya ngokuzibop­hezela ekwenzeni

 ?? ISITHOMBE NGABE: ZULULAND OBSERVER ?? UMPHATHI wase-University of Zululand, uSolwazi Xoliswa Mtose ubongela abafundi bakhe ngoxhaso lwezimali.
ISITHOMBE NGABE: ZULULAND OBSERVER UMPHATHI wase-University of Zululand, uSolwazi Xoliswa Mtose ubongela abafundi bakhe ngoxhaso lwezimali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa