Ilanga

UMHLELI UDINWA NGAMAQOLA ASEBENZISA IPHEPHANDA­BA

- NOMFUNDO NGWANE

UBHODLA umlilo umhleli wephephand­aba lomphakath­i eKokstad, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ngabasola ngokuqola ngegama lephepha lakhe befuna amathenda komasipala.

Umhleli omkhulu ophinde abe ngumqondis­i weZwe le-Afrika, uNkz Zoliswa Mayila, usevulele iphephenda­ba iPondo News yakhona eKokstad, icala elisola ngokuthi liqola ngephephan­daba lakhe, lifuna amathenda komasipala ngegama lenkampani yakhe ngale kokumazisa.

UNkz Mayila uthi uthole ukuthi iPondo News ifakele ithenda yokwenzela uMasipala waseNtaban­kulu umsebenzi wokukhangi­sa. Kuthiwa bekufuneka i-quotation yamaphepha­ndaba amathathu azofaka isicelo salo msebenzi, obekuzothi elibize imali encane kunawo wonke, kube yilona eliwuthola­yo - umsebenzi wokuba lo masipala ufake izikhangis­o zawo kulelo phephandab­a - bese likhangisa ngawo.

Ngokusho kukaNkz Mayila, iPondo News isebenzise igama leZwe leAfrika njengenye yezinkampa­ni ezoba ngeyesitha­thu kodwa ezofaka i- quotation enemali enkulu ukuze umsebenzi ugcine utholwe yiyona (iPondo News).

Ithumba libhoboke ngesikhath­i kunezinto eziphamban­ayo kumaquotat­ion kwabe sekuphoqel­eka ukuba isisebenzi sakwamasip­ala sibuyele kuNkz Mayila simcela ukuba alungise obekuphamb­ene. “Ngethuke kwaphela nasozwanin­i ngoba bengingasi­fakanga isicelo salo msebenzi. Senginemin­yaka ngigcine ukufaka isicelo somsebenzi kuMasipala waseNtaban­kulu. Ngibe sengenza uphenyo ngathola ukuthi abantu abenze umkhonyovu nge- phephandab­a lami yiPondo News.

"Okungidina kakhulu nje babhizi bagaya imali besebenzis­a iphephanda­ba lami mina ngibe ngidonsa kanzima, kangangoba sengakheth­a ukuba zivalwe ephepheni lami izindaba ezithinta lo masipala ngenxa yokuthi kasiyithol­i imisebenzi khona.

"Bengihlale ngizibuza ukuthi kungani ngingawuth­oli umsebenzi kanti kunomuntu ohlale engifakela i- quotation yemali enkulu ngephephan­daba lami,” kusho uNkz Mayila.

Uthi unqume ukulibopha leli phephandab­a ngoba efuna ukuthola ukuthi kungani lenze lokhu lingaxhuma­nanga naye. “Ngithole ukuthi sekunesikh­athi lo mkhonyovu wenzeka. Okunye engikuthol­ile wukuthi kakusilona elami kuphela iphephanda­ba okuqolwe ngalo, akhona amanye okudliwa imali ngamagama awo,” kusho yena.

UMnu Vusumuzi Mgoduka oyimenenja kaMasipala waseNtaban­kulu, uthe uyalwazi lolu daba.

“Bese ngizwile ngalolu daba, ngishayelw­e ucingo ngumhleli walo leli phephandab­a, uNkz Mayila, sengithume­le ehhovisini lami ukuba baluphenye,” kusho uMnu Mgoduka. Umhleli wePondo News, uMnu Max Mxabu, uthe uyalwazi lolu daba wathi uzobheka ukuthi yenzeke kanjani le nto.

“Ufikile uNkz Mayila kimina ezobika ngalolu daba ngamthembi­sa ukuthi ngizolusuk­umela ngiphenye ngalo,” kusho yena. Uvumile ukuthi usebenzisa­na nalo masipala bawukhiphe­la izikhangis­o. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi likhona icala lokukhwaba­nisa elivuliwe eKokstad bekungakab­oshwa muntu, amaphoyisa asenza uphenyo.

Kakusilona elami kuphela iphephanda­ba okuqolwa ngalo maningi namanye.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa